Ungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancois Rodgers ukhale ngokubancane bemali ngenkathi aba uR158.478 billion namhlanje. Isithombe: Sithunyelwe

Kuhlomule kakhulu ezemfundo, ezempilo nezenhlalakahle kwiSabelomali saseKZN esiwuR158.4 billion

WUBONISWA MOHALE

KUYINKINGA ukwaba imali KwaZulu-Natali ngenxa yokuthi ayiyiningi imali engena kulesi sifundazwe.

Usho kanje ungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancois Rodgers ngenkathi ethula iSabelomali namhlanje.

U-Rodgers ubeke phambili ezemfundo, ezempilo nezenhlalakahle kwiSabelomali sakhe esiwuR158.478 billion.

UmNyango wezeMfundo wabelwe uR66.7bn, ezempilo zanikwa uR56.2bn kwathi ezenhlalakahle zathola uR3 613 297 bn. Uthe le minyango uyinike imali eningi ngoba yiyona esondele kakhulu kubantu futhi okufanele isheshise ukulungisa izinselelo ezihlukene enazo. 

Phakathi kwazo ubalule ukuqashwa kwabasebenzi nokuqinisekisa ukuthi izikhungo zayo zisesimeni esifanele.

“Sibeke uR278.085 million, uR356.771m noR468.391m eminyakeni emithathu ezayo ozobhekelela izimo ezizoqhamuka singazihlelelanga. Imali eningi siyabele ezemfundo, ezempilo nezenhlalakahle ngoba sifuna abantu abangenamshwalense wempilo baqhubeke nokuthola usizo olufanele. Sifuna izingane zithole imfundo esezingeni bese abadala nabancane abalekelwa ezenhlalakahle bathole usizo olufanele ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/28/uqinisa-isandla-ngezimali-uhulumeni-wasekzn/

Uthe ikhona nemali yokusiza umNyango wezeMfundo ukuthi uqashe abasizi bothisha unyaka owodwa evela ohlelweni lukamengameli i-Presidential Youth Employment Initiative.

Uthe babeke nemali yokulungisa imigwaqo nenye ingqalasizinda ekhona ewuR10.106bn. Kule mali uR3. 577bn uzolungisa ingqalasizinda ekhona edinga ukunakekelwa, uR3.829bn uyivuselele bese uR2.7bn kube owokuyiphucula. 

Ukhale ngezinga lokuntula eliphezulu KwaZulu-Natal, wathi  abantu abawu-4.248m bakulesi sifundazwe baphila ngezibonelelo zikahulumeni kanti negebe lokungalingani phakathi kwabampofu nabanemali liyaqhubeka nokwanda. 

Ubonge umNyango weMfundo ngokunyusa izinga labantu abafundile njengoba u-90% wabantu abaneminyaka engaphezu kwewu-15 bekwazi ukufunda ngokuqonda abakufundayo. 

Eminye iminyango yabelwe kanje: 

OwokuThutha           R13 827 066bn

OwokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo         R3 606 998bn
OwokuHlalisa abaNtu                     R3 549 877bn
OwoLimo nezasemaKhaya                        R2 757 443bn
OwemiSebenzi yomPhakathi                         R2 037 490bn
OwokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu                         R1 931 153bn
OwemiDlalo, ubuCiko namaSiko                                                      R1 598 141bn
IsiShayamthetho                                                                              R850 796m
IHhovisi likaNdunankulu                               

R817 875m
OweziMali                                                                                         R710 190m
OwokuPhepha komPhakathi nokuXhumana                                 R275 716m  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page