I-Africa Maritime Investment Indaba ihlose ukuguqula umnotho wase-Afrika
WUTHOBILE ZWANE
I-AFRICA Maritime Investment Indaba ivule iminyango kuthangi eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natali.
Ngalezi zinsuku ezintathu, abezimboni ezihlukene emhlabeni babhunge ngezindlela nemigomo engasiza ukuvula amathuba omnotho wase-Afrika owu$3 trillion ngenhloso yokwakha ikusasa elisimeme.
Enye into le ngqungquthela ezogxila kuyona wukudala amathuba omsebenzi emachwebeni angaphezu kwawu-100 emhlabeni. Enye inhloso wukuqhubeka nokukhulisa umnotho waseThekwini ogxile ezindleleni ezinakekela imvelo namathuba akhona olwandle nasemachwebeni ukusimamisa impilo yabantu.
Ezinye zezihloko okubhungwa ngazo zithinta ukudoba ngendlela engacekeli phansi imvelo, ukufuya izilwane zasemanzini, amandla amachweba nezokuvakasha emadolobheni angasogwini.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/17/i-africas-travel-indaba-ingenise-ngaphezu-kukar500-million/
Ngosuku lokuqala izethameli ziqale ngohambo olukhethekile zavakashela iMaritime Heritage Museum. Abebekhona bazulazule ezintweni zobuciko nezindaba ezigqamisa amandla emiphakathi yasolwandle yase-Afrika, kusukela kubashayeli basendulo abaqunga isibindi olwandle olungaziwa kuya kubasunguli banamuhla bobuchwepheshe basolwandle.
Ibikhona nengxoxo ebidingida ngamakhono nemisebenzi esolwandle kusukela kwezobunjiniyela basolwandle kuya ekongiweni kwemvelo. Kuphinde kwabhekwa nezokukhiqiza engxoxweni ebiholwa wuMnu u- Imed Zammit waseSRDB Consulting nesikhulu esiphezulu eSandock Austral Shipyard uMnu uPrasheen Maharaj, nokuveze amathuba akhona ngezokukhiqiza eThekwini.
Umengameli we-Africa Oceans Council eNingizimu Afrika UMnu uTsietsi Mokhele uthe: “IYurophu ngeke isakwazi ukwakha emhlabathini wayo, iphelelwe yindawo futhi kuyabiza. Thina sinomhlaba. Esishoda ngakho yizinsiza zokusimamisa loku kukhula, kodwa sinamandla nesifiso sokwenza loko kwenzeke. Ngiyethemba ukuthi le ngqungquthela izosisiza ukuthi senze izindawo zethu zasolwandle izimboni futhi sinike izwekazi amandla okuncintisana emanzini omhlaba,” kusho yena.
Njengoba ingqungquthela iqhubeka kuyacaca ukuthi ayigcini nje ngokuphathelene nokudayiselana nokutshala imali kuphela kepha imayelana nokubumba i-Afrika enombono nesisekelo, i-Afrika ehlonipha umlando wayo ibe iphokophela phambili, i-Afrika enamazwi afana noloMkhuzi uMokhele engaceli nje kuphela intuthuko kodwa nomnotho wasolwandle namanzi awugcinayo.