Usomnotho omkhulu wezolimo eFNB uMnu uPaul Makube uthi kunethemba lokuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko ngenxa yezibalo eziphume kuleli sonto ngamanani ezimpahla. Isithombe: Sithunyelwe

Kubukeka bezohleka bodwa abathengi ngoKhisimusi

WUSLINDILE KHANYILE 

ZIYAQINA izimpawu zokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazoba noKhisimusi ongconywana kulo nyaka, njengoba ephinde anyuka amathemba okuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko ngenyanga ezayo, okuzobe kungokwesibili kulo nyaka. 

Loku kungenxa kokubohla kokwehla kwamandla emali okufinyelele ku-3.8% ngoSepthemba. Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa izolo ziveze ukuthi loku yikona kwehla kwamandla emali okuphansi kunako konke eminyakeni emithathu njengoba kwakugcine ngoMashi wango-2021, okwakuwu-3.2%.

Ngo-Agasti, amanani ayekhuphuke ngo-4.4%. Ngenyanga ezayo iBhange loMbuso lizohlangana ngomhlaka-21, okuzobe kuwumhlangano wokugcina kulo nyaka kanti ongoti bomnotho babevele beshilo ukuthi nakuloku balindele ukuthi leli bhange lehlise imalimboleko uma kubhekwa amanani ezimpahla, akaphethroli nokuqina kwamandla erandi.

Umhlaziyi womnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa ubikezele ukuthi iBhange loMbuso lizokwehlisa imalimboleko ngo-50 basis points ngenyanga ezayo. Ngenyanga edlule iBhange loMbuso lanciphisa imalimboleko ngo-25 basis points.

Usomnotho omkhulu wezolimo eFNB uMnu uPaul Makube uvumelane noDumisa. Uthe yizindaba ezinhle lezi eziqhamuke kwiStats SA njengoba amanani engaphansi kuka-4.5% iBhange loMbuso elawubeka njengendawo okuyilona elikhululekayo uma ekuyo. Naye athe kusho ukuthi imalimboleko kusangenzeka incisishiswe ngaphambi kokuphela konyaka.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/19/bazophefumula-abathengi-baseningizimu-afrika/

I-repo rate, inzalo iBhange loMbuso eliyokhokhisa amabhange, iku-8% kuthi i-prime rate, inzalo amabhange ayikhokhisa abathengi iku-11.50%. 

“Bazophinde baphefumule abathengi baseNingizimu Afrika njengoba amanani ehle ngo-2 percentage points kusukela ngo-Agasti afinyelela ku-3.8% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule… yizindaba ezinhle lezi njengoba amanani eqhubeka nokuba ngaphansi kuka-4.5% obekwe yiBhange loMbuso ngoba kusho ukuthi kungenzeka sibone kwehliswa (imalimboleko) ngaphambi kokuphela konyaka,” kusho uMakube. 

I-Stats SA sithe ezokuthutha zibenesandla kakhulu ekwehleni kwamandla emali njengoba amanani azo esuke ku-2.8% ngo-Agasti afinyelela ku-1.1% ngoSepthemba. 

“Amanani kaphethroli aphinde ehle, nosekungokwesine izinyanga zilandelana kanti angaphansi okungenani ngo-9.0% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. Ilitha likaphethroli ongu-95 octane beliwuR22.19 ezindaweni ezimaphakathi nezwe, nokuyiwona manani aphansi kusukela ngoFebhuwari ngonyaka edlule (laliwuR21.68). Ukunyuka kwamanani ezimoto nakho kwehlile njengoba kubewu-3.6% ngoSepthemba kusuka ku-8.4% ngonyaka odlule,” kusho iStats SA. 
Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala akushintshanga uma kuqhathaniswa nango-Agasti, njengoba kume ku-4.7% nangoSepthemba. Nokho kukhona ukudla osekuqalile ukwehla kancane njengeziphuzo ezishisayo, inyama, isinkwa, i-cereal, ushukela, oswidi noncamnce namafutha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page