Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusisiwe Mavuso sithi ukubonisana kwezinhlangano ezibumbe uhulumeni yikona okuzokwenza amabhizinisi nabatshalimali bathembe uhulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

Akungahlehliselwa emuva umsebenzi osuwenziwe wokuthenjwa ngabatshalimali – isikhulu seBLSA 

INTATHELI YOMBELE

UKUHLULEKA kukahulumeni wobumbano ukuxazulula ukungaboni ngaso linye ngeSabelomali kuyadumaza futhi akuyona into enhle emabhizinisini. Kokunye kutshengisa ukuthi izinhlangano ezibumbe lo hulumeni ziyakwazi ukuyimela into nokuthi uHulumeni woBumbano ngeke uvele nje uvume yonke into njengokujwayelekile.

Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uNksz uBusisiwe Mavuso sisho kanje. Sithe: “Kumqoka manje ukuthi uHulumeni woBumbano ukhombise ukuthi ukwenza kanje kuholela kwimiphumela engcono, iSabelomali osesekayo ngesizokhulisa umnotho.

“Ukubambezeleka yinto ethusa umphakathi  nabatshalimali lapha ezweni naphesheya. Ukuvusulela ithemba yiyona nto okufanele ibeseqhulwini. Izidingo zeSabelomali ngeke zishintshe kusukela manje kuze kubemhlaka-12 wangoMashi.

“Uhulumeni kufanele ubhalansise amabhuku awo, kufanele uqinisekise ukuthi unemali yokukhokhela izindleko. Ukwenza leso sinqumo esinzima yinto esazobakhona, ekwenzeni lezo zinqumo, ukukhulisa umnotho yiyona nto okufanele ibeseqhulwini. Ukwenza loko kufanele sikhombise ukuthi siyayilungisa indaba yesikweletu futhi sinyuse namathuba okuheha abatshalimali. Wukukhula komnotho kuphela okungasiza ngezindleko zikahulumeni ezinyukayo,” kuqhuba yena.

UNksz uMavuso uthe uhulumeni usebenzise le minyaka emine edlule ukuvuselela ithemba lazo zonke izinhlaka ngokuthi iNingizimu Afrika ingaphuma obishini lwezikweletu ekulona, obekuzogcina kuphoqa ukuthi sitakulwe ngabantu esibakweletayo. 

“Kumqoka ukuthi lowo msebenzi omkhulu kangaka ungenzelwa phansi uma sekuphothulwa iSabelomali. Kufanele sikubeke eqhulwini ukuthi isikweletu uma siqhathaniswa nomthamo womnotho sizonyuka ngaphambi kokuthi siqale sehle. Asikwazi ukuphoxa abatshalimali bakwamanye amazwe abesebeqala besithemba,” kusho yena.

Ngokwemibiko, izinhlangano ezibumbe uhulumeni azivumelananga zisuka nje ngaphambi kwesimemezelo sokususa i-value-added tax (i-VAT) ku-15%, iye ku-17%. Uthe kuyacaca ukuthi asibangakhona isikhathi esanele sokubonisana kumalungu kaHulumeni woBumbano. 

UNksz uMavuso uthe yize umGcinimafa eqinisile ngokuthi kufanele ucophelele ngokuthi ulwazi olubucayi lufinyelela kanjani ezimakethe kodwa kufanele ukwazi ukuthemba uHulumeni woBumbano futhi amalungu eKhabhinethi kufanele akwazi ukuvikela ulwazi asuke enalo. Amalungu kahulumeni obumbano anejoka lokuqinisekisa ukuthi umsebenzi wokuhlanganisa iSabelomali wenzeka kahle.

“Noma yisiphi iSabelomali sidinga izinqumo ezinzima futhi kufanele zesekwe ngobufakazi bokuthi yiziphi izinqumo eziseka izinjongo zikahulumeni.

Uhulumeni kufanele ubhalansise amabhuku futhi ukwenze lokho unengcindezi ngenxa yokungakhuli komnotho nomlando wokuxhaphasa imali ngesikhathi sokugwamanda amandla umbuso. 

Kumqoka ukuthi abatshalimali bawuthembe uhulumeni ukuthi uyakwazi ukuphatha imali yawo ngaphambi kokufaka imali yabo. Izinhlangano ezibumbe uhulumeni kufanele ziphokophele ukuthi ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uyawabhalansisa amabhuku.

“Yize kubukeka ukubambezeleka kudalwe wumbango mayelana nokunyusa i-VAT, iqiniso wukuthi kukhona lapho uhulumeni kufanele uyithole khona imali. Akukwazi ukuhlehlisa umsebenzi osuwenziwe wokuthenjwa ngabatshalimali. INingizimu Afrika kufanele iqhubeke naloku nokuphucula indlela ekleliswe ngayo, okuzoheha abatshalimali. Loku kusho indlela ebonakalayo yokunciphisa isikweletu,” kusho lesi sikhulu seBLSA.

Sithe zimbili izindlela zokwenza loko, okuwunciphisa izindleko noma ukunyusa intela. Ukusebenzisa imali kuyawunyusa nakho umnotho uma kugxilwe ekutshaleni kunasekuthengeni, ukukhokhela umsebenzi wokwakha, njengokusho kukamengameli uMnu uCyril Ramaphosa eNkulumweni eBhekiswe esiZweni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/12/emva-kwenkulumo-ebhekiswe-esizweni-enhle-amehlo-asethe-njo-kwisabelomali-kuloba-ubusi-mavuso/

“Ngeke sikufihle ukuphoxeka kwethu thina bantu bamabhizinisi. Nokho ngiyethemba ukuthi uHulumeni woBumbano uzophuthuma ucacise izinto amabhizinisi nabatshalimali abangazithemba. Kufanele utshengise ukuvuthwa emqondweni futhi uvume ukuthi kufanele kuboniswane kubekhona abagoba uphondo kodwa kufanele kubeyindlela ezoletha ithemba kubatshalimali, yeseke ukukhula komnotho futhi zonke izinhlangano zizibophezele kukho,” kuphetha uNksz uMavuso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page