I-Sars izoqhuba umsebenzi wokuphucula ukusebenza ngesabelo sawo esiwuR7.5 billion
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
UPHIKO oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) luzosebenzisa uR7.5 billion olwabelwe wona eminyakeni emithathu ezayo ukuqhubeka nokuphucula indlela olusebenza ngayo ukunyusa imali oluyiqoqayo.
Usho kanje ukhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter ngesikhathi ephawula ngabazokwenza ngemali ababelwe yona ngesikhathi kwethulwa iSabelomali sango-2025/26 eCape Town, eNtshonalanga Kapa, kuleli sonto.
U-Kieswetter uthe kunoR1bn “oyisikweletu” okukhona kuwo okungenani uR800 million wemali abayikweleta abakhokhintela nabakweletwa yona.
“Igebe elikhona emalini ebisiphunyuka ngentela okufanele ibanjwe ezimpahleni esizithenga kwamanye amazwe linciphile. U-R3.5bn sizowusebenzisa ukuqhubeka siphucule indlela esisebenza ngayo ukuze ihambisane nobuchwepheshe besimanje, sisebenzisa kakhulu ubuchwepheshe obuzenza samuntu emsebenzini wethu kodwa usekhona umsebenzi odinga ukwenziwa ngabantu ukubhekisisa izinto,” kusho yena.
U-Kieswetter, obengesinye sezikhulumi emcimbini weStandard Bank obubuyekeza iSabelomali uthe, ubuchwepheshe ababusebenzisi ngenhloso yokubamba nokucupha abantu.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/12/intela-yezimpahla-eyamisa-isabelomali-igcine-inyukile/
“Ngokwethu, sifisa ukuthi uma wenza izinto eziqondene nentela yakho kungabiwumzukuzuku. Sizama ukuthi kube yinto ongezukuyizwa nhlobo. Asifisi ukukhuluma nawe, ukukubona, asifisi usishayele ucingo futhi sifisa yonke into isheshe ngendlela emangalisayo,” kusho yena.
Umsebenzini wokuvuselela nokuphucula ukusebenza kweSars usuneminyaka uqalile njengoba kukekwanesikhathi lapho ukusebenza kwalolu phiko kukekwaphazamiseka khona ngesikhathi kuphethe umengameli uMnu uJacob Zuma.
LALELA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/11/23/umnu-umpumelelo-zikalala-uhlaziya-isinqumo-senkantolo-ngemininingwane-yentela-yowayengumengameli-umnu-ujacob-zuma/
U-Kieswetter uthe baqale bacela uR1bn kungqongqoshe, okuthe uma kubonakala umsebenzi wawo uthela izithelo, base becela enye imali.
“Ngesikhathi sokuletha imininingwane yentela kuloku, kunabantu abawu-5m okungadingekanga ukuthi kubekhona abakugcwalisayo nhlobo ngoba ubuchwepheshe benze yonke into futhi konke bekumi ngomumo.
“Ngesikhathi siqala le ndlela yokwenza izinto, kwakuwu-3% abantu ababeyamukela indlela esenze ngayo izinto kodwa manje wu-98% wabantu oyamukelayo. Into enhle wukuthi uma kukhona umuntu angavumelani nako, uyakwazi ukukuphikisa esikuhlanganisile futhi engeze eminye imininingwane uma sikhona isidingo,” kusho uKieswetter.
Ekupheleni konyaka wezimali u-2024/25, kulindeleke ukuthi iSars ingenise uR1.85 trillion, imali engaphansi ngoR16.7bn kwebilindelekile. Loku ngesinye sezizathu esenze uhulumeni unqume ukunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value added tax , ezonyuka ngo-0.5% percentage points kusukela ngoMeyi kulo nyaka. Izophinde inyuke ngesikali esifanayo ngo-Ephreli wonyaka ozayo, isinqumo esizongenisa uR42.5bn, nokulindeleke ukuthi usize ukukhokhela ezinye zezidingo zezempilo, ezemfundo, ezokuphepha nezenhlalakahle.
Bobabili uKieswetter nongqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana bathe sebeyixoxile indaba eke yavela yokungaboni ngaso linye kwabo kanti sebeyidlulisile.