Ukhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uthi bazoboshwa abazithakela udizili olahlakisela izwe ngezigidigidi zamarandi. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ilahlekelwa wuR3.6 billion ngenxa yodizili owumkokotelo – iSars

YINTATHELI YOMBELE

AMAQOLA enza udizili owumbombayi abeka ukuphepha nomnotho wezwe engcupheni. Ukhomishana weSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Edward Kieswetter uthi kulahleka uR3.6 billion ngenxa yalobu bugebengu.

Uthe inkinga yamaqola akokotela imikhiqizo ehlukene yenzeka emhlabeni jikelele. La maqola asuke ebalekela ukukhokha intela ngokushushumbisa imikhiqizo engesiwo ungqo.

“Ukukhiqizwa kukadizili owumbombayi kudla uR3.6bn ngonyaka. Siyalwa nalo mkhuba ngoba ubeka umnotho nokuphepha kwezwe engcupheni. Sisebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuze abenza lobu bugebengu obuhleliwe bezojeza,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2023/04/04/uhleka-yedwa-umqoqintela-wezwe-ngemali-engenile-uslindile-khanyile-uyabika/

Njengoba zibhekene nobugebengu obuhleliwe, izikhungo zikahulumeni ziyasebenzisana ukuze kutholakale, kuvinjwe futhi kuliwe nokonakala kukaphethroli nokulandela umthetho wentela. Ezinyangeni ezine ezedlule, iNational Joint Operational and Intelligence Structure ingenelele kaningana.

Uthe kulezi zinyanga besebenzisana nezinhlaka ezihlukene zomthetho bathole izindawo eziwu-23 ezithinteka ekukokoteleni udizili KwaZulu-Natali, eGauteng naseMpumalanga. 

Bavule amacala awu-13 aphenywa yiSars nezinye izinhlaka zomthetho njengoba ethinta ukukokotela izimpahla nokuqamba amanga ngezimpahla ezingena ezweni. 

Amathimba athole amalitha kadizili awu-1 953 515 akokoteliwe nokuthe uma ehlolwa kwavela ukuthi anopharafini ongaphezu kuka-60%. 

Emadepho ayisithupha kutholakale ukuthi aphula isigaba 37 somthetho i-Customs and Excise Act 91 wango 1964. Kutholwe izimpahla nodizili okokoteliwe kwenani eliwuR367 274 330, kwasatshalaliswa uphenyo.

 Kutholwe izindlu zokugeza ezingajwayelekile njengoba enye ibifakwe elolini elikhuculula upharafini.

Kutholakale amaloli awu-12 athutha uphethroli obekuqanjwa amanga ngokuthi athutha ongakanani.

Uthe lezi zenzo zamaqola zibukela umthetho, zenza abantu balahlekelwe yithemba kwezomthetho, ziphazamisa ukusebenza kwezimakethe, ukuqoqwa kwentela bese zigqugquzela inkohlakalo nobugebengu obuhleliwe. 

Eminyakeni eyishumi edlule iSars ithole ukuthi iNingizimu Afrika, i-Eswatini neMozambique ngamazwe okugangwa kuwona ngohwebo lukadizili olungekho semthethweni. Kuvela ukuthi amaqola anezinhlelo zomshoshaphansi ezenza umsebenzi wazo wokushushumbisa udizili phakathi kwala mazwe ubelula.

I-Sars ithole ukuthi abanye abathenga udizili nophethroli kwamanye amazwe baye bathi balanda amalitha awu-40 000 noma ngaphansi kodwa uphenyo luthole ukuthi la malitha afinyelela ku-60 000. 

Kuvela ukuthi izindawo ezigcina udizili nophethroli ziyathinteka ekukhwabaniseni le mikhiqizo. Udizili uye uhlanganiswe nopharafini uma amaqola ewukokotela.

U-Kieswetter uthembise ukuthi amaqola azojeza uma eshushumbisa izimpahla ukuze kuvikelwe umnotho nabantu baseNingizimu Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page