Abantu abangadlali izinkampani zezimpesheni libe likhona ihhovisi elingabasiza, kweluleka umxazululi weziNdaba zemPesheni. Isithombe: Sithunyelwe

Akulungile ukubamba impesheni yomuntu obekwe icala wumqashi – Umxazululi 

INTATHELI YOMBELE

UMXAZULULI weziNdaba zemPesheni useyalele isikhwama sempesheni ukuthi silalele osolwa ngokukhwabanisa imali yenkampani ngaphambi kokuthatha isinqumo sokubamba imali yakhe yempesheni.

UNks uMuvhango Lukhaimane uthi kunowesifazane ufake isikhalo ngeSanlam Umbrella Provident Fund engafuni ukumkhokhela uR538 771.53 wempesheni yakhe.
Lo wesifazane usule enkampanini aseyisebenzele iminyaka ewu-15 kanti kuzwakala ukuthi usolwa ngokukhwabanisa. Inkampani abeyisebenzela ikhiphe amasamanisi ifuna azochaza ngezinsolo zokukhwabanisa.

“Isikhwama sempesheni akufanele sibambe imali yomuntu ngoba esolwa ngecala elithile. Kufanele siqale sizwe uhlangothi lwakhe ngaphambi kokuthatha isinqumo. Akusho lutho ukuthi umqashi ubesekhiphe amasamanisi kodwa kufanele alondoloze imali esikhwameni sempesheni achaze ngokwenzekile ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/18/okwenzeka-emalini-yempesheni-yomuntu-uma-edlula-emhlabeni/

I-Sanlam Umbrella Fund ithe ibilandela isigaba 37D somthetho wezimpesheni ovuma ukuthi ibambe imali yomuntu osolwa ngokweba, ukungathembeki, ukukhwabanisa nokuphula imithetho yasemsebenzini. 

“Isikhwama sempesheni asinalo ilungelo lokubamba imali yomuntu yempesheni. Uma elahlwe yicala lokweba, ekhwabanisile kufanele achazelwe ngaloko. Kubhalwe phansi ukuthi untshontshe imali engaka yomqashi, ngakho izothathwa empeshenini yakhe. Kufanele kubewukuthi icala selimlahle enkantolo noma abhale elivuma, esho nokuthi akuthathwe emalini yakhe yempesheni,” kusho yena.

Uthe imali yempesheni awuvele nje uzenzele nje ngayo kodwa inemithetho eyivikelayo ngoba kufanele iye kumuntu oqondene nayo.

Okumenze wayalela isikhwama sempesheni ukuthi singabambi imali yomuntu wukuthi uthole ukuthi umqashi uke wathatha imali elinganiselwa kuR891 373.91 kwi-akhawunti yomlingani walesi sisebenzi.

“Umthetho ucacile ukuthi imali isikhwama sempesheni kufanele sinakekele olondoloza imali kuso. Uma esolwa ngokweba kufanele athole ithuba lokuchaza kahle konke okwenzekile. Akufanele kulalelwe umqashi ngoba loko kuzohluphekisa obelondoloza imali,” kusho yena.

Uthe umqashi wayefake icala enkantolo waze wenza nezinhlelo zokubuyisa imali kodwa ngaphezu kwaloko wayalela isikhwama sempesheni ukuthi singayikhokhi imali.

Ukhale ngokuthi isikhwama sempesheni asenzanga kahle ngoba sithathe uhlangothi lomqashi asanganika olondoloza imali kusona ithuba lokuchaza.

Ubalule ukuthi noma ngabe umqashi uza necala elicacile futhi enobufakazi azitshela ukuthi buqinile kodwa kufanele olondoloza imali esikhwameni anikwe ithuba lokuchaza.

Uthe kufanele isikhwama sempesheni sibuyele kosolwa ngokukhwabanisa simchazele konke okushiwo wumqashi bese naye ebhala uhlangothi lwakhe nosekwenzekile ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo sokugodla imali yempesheni.

Umxazululi wezindaba zempesheni ucele abantu ukuthi bangavumi ukuhlukunyezwa yizinkampani zempesheni ihhovisi lakhe likhona.

Uthe bayakwazi ukuphenya izikhwama zezinkampani ezizimele ezisuke zingayikhokhi impesheni, zingalandeli umthetho nokunye okuthinta imali yempesheni. Ihhovisi lakhe litholakala ku-www.pfa.org.za nangokushayela ku-012 346 1738.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page