Imakethe ekuWarwick Junction edume ngesiphithiphithi ngenye yezindawo okuhweba kuyo abadayisi abanamatafula abawumgogodla wemboni yabadayisi abanamabhizinisi angabhalisiwe. Izithombe: Sithunyelwe noThobile Zwane

Abadayisi basemakethe bangenisa uR55 billion emnothweni ngonyaka

WUTHOBILE ZWANE

UMNOTHO waKwaZulu-Natali yiwona owesibili ngobukhulu eNingizimu Afrika ulandela owaseGauteng. Enye yezinto ezinesandla esikhulu kuloku yiqhaza elibanjwa wosomabhizinisi abanamabhizinisi imvamisa angabhalisiwe okuthiwa phecelezi yi-informal economy.

Iningi labo leThekwini litholakala emakethe enkulu enenqwaba yamarenki amatekisi namabhasi uWarwick Junction, eDurban Station nakuMansel Road eMngeni, eDalton, abadayisa emgwaqweni nabanikazi bamaspaza.

Ngokwezibalo zikaMasipala waseThekwini, labo somabhizinisi abalinganiselwa ku-260 000 bangenisa u-R55 billion emnothweni ngonyaka. Umbele uxoxisane nabanye bosomabhizinisi akade bayibamba.  

Omunye wabo yintombi endala yaKwaMaphumulo, enyakatho yeKZN, eyafika eThekwini ngeminyaka yama-80 iphuma emabangeni aphezulu ngemva kokuthola umsebenzi enkampanini ekhiqiza izicathulo.

UNksz uBathobile Linda, oneminyaka ewu-68, unebhizinisi elibhaliswe ngokusemthethweni eGumbini 22 kuMansel. Kubantu abafika kuqala kule ndawo, nguyena osaphila.

Wafika edayisa izinto ezihlukene kubalwa amaphinifa, imishanelo, imicamelo emincane nemikhulu, okokuhlobisa, amabhakede, imiphongolo, izingubo zokulala, ama-drum, amacansi, amabhodwe; ayikho into engekho.

Uneminyaka engu-26 eqhuba ibhizinisi alifundiswa wudadewabo. Uthi abafani namanye amabhizinisi anesikhathi sokungena nokuphuma. Bavula ubusuku nemini, abalali, yize umuntu ekwazi ukuhlaba ikhefu isikhashana aphinde abuyele emsebenzini ngoba kufika izimoto zizothenga izimpahla ngisho kwesikabhadakazi.

UNksz uLinda nezinye zezimpahla azidayisayo

Ethatha esibeka ngosuku lwakhe, uthi uhlala khona kule ndawo nendodana yakhe. Bavuka ngo-2 entathakusa, umuntu ahlale esitulweni sakhe phambi kwezimpahla zishe ngokudayisa.

“Ukuze ngiqale umsebenzi wemiqamelo, ngaqala eDurban Station nodadewethu osanda kudlula emhlabeni ngo-2020. Wathi kimi ukuzisebenza kungaphezulu komlungu. Lapho wayeqinisile ngoba nami ngancela lapho kuyena,” kusho yena.

UNksz uLinda uthi besuka eDurban Station mhlaka-10 wangoDisemba ngo-1996, akakhokhwalanga wukuthi bakhelwa izindawo ezingu-44 zokudayisa ngoba kungaphephile futhi benezingane nobugebengu.

Uthi befika kuMansel babeyibona imali noma yayiwutiki. Noma engasakhumbuli ukuthi babenza malini ngenxa yokuthi wudadewabo owayephethe umsebenzi, efundisa izingane. Uthi naye usefundise izingane ezintathu, okubalwa nekadadewabo nezinye azithola emgwaqweni.

“Manje njengoba sesinabazukulu nabo siyabafundisa futhi nabo bazoqeda ngalo leli senti elincane. UNkulunkulu usigcinile la, sinabantu abasigadile bakwaMasipala babona ukuthi sibenehhovisi lethu lapho esibika zonke izinto, siwumndeni,” kusho yena.

Uthi noma ibhizinisi selicikizela ngoba sebencintisana nabantu bakwezinye izindawo abehlisa amanani kakhulu.

Uthi bengomama uma bebona ukuthi ingane inomqondo webhizinisi, bayifaka emsebenzini. Uthi usebenza nezingane zikadadewabo, amantombazane amabili uNana noMimi, nezinsizwa ezimbili ezimthungelayo zaseMozambique.

“Ngihlala ngiyikhanda ngibabuka ukuthi benza ngendlela yini umsebenzi. Umfana wami ukhona uNjabulo, ngisebenza naye ebhizinisini,” kusho yena.

Akawuvali umlomo ngenhlanzeko yale ndawo, uthi  ewumuntu wesifazane iyamenelisa ngezinga lokuhlanzeka.

UNksz uLinda uthi yize esemdala kodwa njengoba sekuphilwa ngesikhathi sobuchwepheshe besimanje, naye usashintsha indlela yokwenza. Unomshini wokukhokha ngekhadi lasebhange noma ikhasimende limthumele imali nge-app yasebhange.

Emakethe ekuWarwick Avenue sixoxe noNkk uMakhosazana Mnyandu waseMkhomazi, ogwini olusenyakatho yaseThekwini.  

Waqala ukudayisa kule ndawo ngo-2001 encike kunina ngoba engakabi nendawo yakhe. Ngokuqhubeka kwesikhathi wagcina ethole indawo yakhe. 

UNksz uMnyandu, oneminyaka ewu-53, udayisa amadumbe, ubhatata, isipinashi, imbuya nemifino yezintanga. 

Uthi usuku luqala ngo5:40, ashayise ngo-17:30. “Ngike ngithi ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi ngesikhathi ngifika ngasebenza ngakha umuzi, ngihlala nabantwana bami. Nala eThekwini nginomunye umuzi eChatsworth.

“Mina sengifundisile izingane zami ezine ngale mali engiyisebenzayo. Ngenhlanhla zinamatoho ezawathola kodwa zisafuna ukungisiza ngoba ziyeza zizobamba, nami ngithole ithuba lokuphumula,” kusho yena.

UNksz uMnyandu uneminyaka engaphezu kwewu-20 edayisa emakethe kuWarwick Junction

Uthi ziningi izinselelo ababhekana nazo embonini yab,o ikakhulukazi njengoba umsebenzi usucikizela ngoba kokunye kuze kuphele isikhathi semvume yokusebenza engakwazanga ukukhokhela ukuyivuselela.

“Umasipala ufike uwole yonke impahla yakho, ukunike nethikithi elingaphezu kukaR600 kufanele uyokhokha kodwa ube uxakekile, abakuniki thuba,” kubalisa uNksz uMnyandu.  

Ukhale nangobugebengu obudlangile eThekwini athe kwenziwa yintsha ehlala emgwaqweni ngisho “nobhuti abathembekile abanye abasuke behamba ngezimoto. 

Ekhuluma ngenhlanzeko, uNksz uMnyandu uthe ayibonwa nhlobo nezindlu zokuzikhulula.

“Besisebenzisa indlu encane ebiserenki yamabhasi kodwa manje isinezinyanga yavalwa. Sike sihambe singena ngaphakathi emakethe uthole ukuthi (kuvaliwe). Kumanje kusebenza (amathoyilethi) amathathu. Uma evaliwe, sihamba siye ngaseShoprite, uthole nakhona ukuthi sekukhiyiwe. Ngesonto elidlule ngize ngasebenzisa angomahambanendlwana,” kubalisa yena.

UNksz uMnyandu ukhale nangokuthi abanamanzi, wathi ufisa ukuthi uhulumeni ubanike usizo ngoba balubonela kude usiza abanye. 

“Sihamba imihlangano, basithembise ukuthi sizosizakala kodwa asikaze sisizwe. Angazi ukuthi umasipala siwukhokhelela ini ngoba uma ubuka indawo esidayisela kuyo isimo sayo awusiboni kahle,” kusho yena.

Umkhulumeli kaMasipala waseThekwini uNkk uGugu Sisilana uthe libalulekile iqhaza lalabo somabhizinisi emnothweni wedolobha.

“Kodwa-ke, i-informal market ibhekene nezinselelo ezinkulu, okubalwa kuzona ukuncintisana okungafanele, ikakhulukazi okuvela kwabamabhizinisi angaphandle, ukugcwala kwezimakethe, ukufinyelela okulinganisiwe kwezinsiza nobunzima bemithetho yezempilo nebhizinisi. Lezi zingqinamba zidale ukuphazamisa ukukhula nokuncintisana,” kusho yena. 

Uthi ukubhekana nalezi zinselelo, umasipala uthule izinhlelo zokulekela. “Lezi zinhlelo zibandakanya ezokuthuthukisa amakhono, ukwenza lula ukutholakala kwemali ebolekwayo nezibonelelo, izinhlelo zokuthenga ngobuningi, nokukhuthaza ubunikazi bezimakethe zasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. 

“Le mizamo iyingxenye yokuzibophezela (kumasipala) ukufukula amabhizinisi asemgwaqweni, ukusimamisa amathuba omsebenzi nokwakha umnotho wendawo ofaka wonke umuntu,” kusho uNkk uSisilana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page