Iphini lomphathi weBhange loMbuso uNkk uFundi Tshazibana lithi kubuyekezwa umgomo abawulandelayo ngamandla emali. Izithombe: Sithunyelwe nePixabay

Kubuyekezwa umgomo wokunquma amandla emali

WUSLINDILE KHANYILE

Ebika eseCape Town

IBHANGE lomBuso libuyekeza ukuthi kusafanele yini liqhubeke nokufuna ukuthi amandla emali abephakathi kuka-3% no-6%, umgomo osekuyiminyaka bazibekela wona. 

Lisho kanje iphini leBhange lomBuso uNkk uFundi Tshazibana izolo esithangamini sabezindaba eCape Town, eNtshonalanga Kapa, ngaphambi kokuthulwa kweSabelomali sango-2025/26. 

UNkk uTshazibana uthe: “Kukhona ongoti abenza umsebenzi wokucwaninga ukuthi lo mgomo usafanele yini kanti okusavelile wukuthi ngathi umgomo wethu ubanzi kakhulu futhi awuhambisani nowamanye amazwe angontanga bethu. Sebekhathule indima enkulu kanti bazothi uma sebeqedile bese benza iziphakamiso kumphathi weBhange lomBuso nongqongqoshe womNyango weziMali.” 

Usho kanjena nje uNkk uTshazibana, izolo iStatistics South Africa (iStats SA) ishicilele izibalo zango-Ephreli eziveze ukuthi ukwehla kwamandla emali kunyukele ku-2.8% kusuka ku-2.7% ngoMashi.  

Ukuthi amandla emali ami kuphi ngezinye zezinto ezimqoka iBhange lomBuso elizibhekayo uma lenza isinqumo sokuthi kufanele lenzenjani ngemalimboleko. Leli bhange liyakhululeka uma amandla emali engekho ngaphezu kwango-4.5%. 

Umhlangano olandelwayo wekomiti elinquma ngemalimboleko uzoba ngomhlaka-29 kule nyanga. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/05/ukwehla-kwezinga-lokunyuka-kwamanani-ezimpahla-akusho-ukuthi-amanani-azo-ehlile-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

Izibalo zeStats SA ziveze ukuthi amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala anyukele ku-4%, okungamanani aphezulu kusukela ngoSepthemba wango-2024 ngesikhathi eku-4.6%. Uma kuqhathaniswa u-Ephreli noMashi, la manani anyuke ngo-1.3%, okuwunyuka okukhulu kakhulu kusukela ngo-Okthoba wango-2023.

“Imbangela enkulu yokunyuka kwamanani okudla neziphuzo ezingenatshwala wukukhuphuka kwamanani enyama yenkomo. Amanani enyama anyuke cishe ngo-2.3% phakathi kwangoMashi nango-Ephreli, nokuyikona kunyuka okuphezulu kakhulu kusukela ngoJanuwari wango-2023, lapho kwanyuka khona ngo-2.5%. Inyama yiyona ebhekwa kakhulu kulo bhaskidi wokudla neziphuzo ezingenatshwala futhi u-5.1% wemali esetshenziswa yimizi uya kuyona,” kusho iStats SA. 

Ukunyuka ngamandla kwamanani enyama ebomvu kukhuphule amanani okudla

Amafutha akhuphuke ngo-1.4% phakathi kwangoMashi nango-Ephrelil, okuwanyuse ngo-4.8% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. Ukalakateni usunyuke ngo-6.1%, kuthi i-margarine yona ikhuphuke ngo-5.5% kunangonyaka odlule. 

Kuyazwela nakubathandi beziphuzo ezishisayo, ikakhulu ikhofi. Amanani alezi ziphuzo anyuke ngo-15.2%, okuphezulu kunakho konke kusukela ngo-Ephreli wango-2024 kanti awekhofi akhuphuke ngo-20.2%. 

“Iziphuzo ezinotshwala nogwayi kukhuphuke ngo-4.7% kunangonyaka odlule, okungaphezulu kwango-4.1% okwakunyuke ngawo ngoMashi. Nokho uma kuqhathaniswa inyanga, la manani ehlile esuka ku-1.6% ngoMashi aba ku-1.3% ngo-Ephreli,” isho kanje iStats SA.I-repo rate, inzalo iBhange lomBuso eliyikhokhisa amabhange, imi ku-7.50%, kuthi i-prime rate, inzalo amabhange ayikhokhisa abathengi yona, imi ku-11%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page