Ngabe asikho kulesi simo ukube uhulumeni ubushesha ukulungisa okonakele – amabhizinisi
WUTHOBILE ZWANE noBONISWA MOHALE
OSOMABHIZINISI bafuna uhulumeni unqande ukumoseka kwemali ukuze kungabinesidingo sokunyusa izintela nokunye okugcina sekukhalisa abantu.
Isikhulu esiphezulu seBusiness Unity South Africa uMnu uKhulekani Mathe sithi uhulumeni awunayo imali yokufeza izidingo zezwe ngenxa yokuthi ubuthatha kade ukuqinisa isandla eminyangweni nasezinhlelweni ebezichitha imali.
UMathe uthi uGodongwana ebebhekene nesimo esinzima sokuqinisekisa ukuthi umnotho uyakhula, kulungiswa ingqalasizinda, kubanoguquko olufanele nokuthi kunemali eyanele yokunyusa izibonelelo nokunye okuthinta abantu abaswele.
“Ngo-2013 uhulumeni wakhala ngokuthi imali iyamoseka kodwa awuzange uze nezinqumo ezizoqinisekisa ukuthi imali ayimoseki. Silapha nje kungenxa yobudedengu kwabaphethe izwe.
“ISabelomali senza sibone ukuthi akufanele uhulumeni uboleke imali ngokweqile kodwa kufanele ugxile ezinhlelweni ezizokhulisa umnotho, okubalwa ukulungisa nokuthuthukisa ingqalasizinda nokuza nemithetho egqugquzela abatshalimali nemboni ezimele ukuthi ifake imali yayo emnothweni wezwe ukuze kudaleke imisebenzi,” kusho yena.
Uthe bayakwamukela ukugxila kweSabelomali ekusimamiseni amabhizinisi kodwa ukunyusa intela yezimpahla nokushintsha kwentela ezokhishwa abantu i-personal tax income adjustments kuzokwandisa umthwalo kubantu.
“ISabelomali asinawo amaqhinga acacile okulwa nokumoswa kwemali nokuthi uma isingenile leyo encane ezongena isandla sizoqina kangakanani ukuthi yenza okufanele ikwenze.
“Sifuna ukubona izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda ezibekelwe uR1 trillion zenzeka nomqoqintela anikwe imali uR7 billion awudingayo ukuze akwazi ukuqoqa kahle intela,” kusho uMathe.
Uma kulandelwa lezi zinhlelo uthi umnotho ungakhula ngo-3% futhi kudaleke imisebenzi eminingi.
Inhloko ecwaninga ngomnotho eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman uthe iSabelomali sikhombisa ukuthi uhulumeni uzimisele ukuhlanganisa imali ezofeza izidingo zabantu.
Uthe ukunyuka kwe-value added tax (i-VAT) ngo-1%, esikhundleni samaphesenti amabili kukhombisa ukuthi uhulumeni uyabacabangela abampofu.
Uthe ungqongqoshe womNyango weziMali uzamile ukubhalansisa izinhlelo zokukhulisa umnotho nokuseka abampofu.
Ubalule ukuthi ayinyuswanga intela ezokhokhwa ngabantu abasebenzayo, okuzobasiza ukuthi bangabinezinye izindleko.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/12/intela-yezimpahla-eyamisa-isabelomali-igcine-inyukile/
Umphathi weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uthe bayajabula ngemali abanikwe yona ngoba izobasiza ukulandelela ababalekela ukukhokha intela nabashushumbisa imali.
Isazi somnotho saseNyuvesi yaKwaZulu-Natali esicwaninga ngokukhula ngomnotho uDkt uSanele Gumede sithe uhulumeni udinga imali engaphezu kukaR60bn ukufeza izinhlelo zawo ezibalulekile.
Uma ubheka abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika, ingqalasizinda nokungakhuli komnotho ukunyuka kwentela yezimpahla kuzobanomphumela omubi kubantu abantulayo.
“Noma kuthiwa incane kangakanani kodwa umphumela wakhona uzozwakala ngoba wonke umuntu uyayikhokha i-VAT,” kusho yena.Imifelandawonye yezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions, iCongress of South African Trade Unions nezinhlangano ezilwela abampofu zivumelene ngazi line ngokungenami ngokunyuka kwe-VAT. Zithe uhulumeni bekufanele unyuse intela yezicebi neyamabhizinisi amakhulu.