Isabambe ngakho ngokwamanani ezimpahla kodwa…
WUSLINDILE KHANYILE
UKWEHLA kwamandla emali i-Consumer Price Inflation kufinyelele ku-3.0% ngoDisemba kanti bese kungokwesibili izinyanga zilandelana njengoba ngoNovemba kwakube ku-2.9%, kusuka ku-2.8% ngo-Okthoba.
Nokho-ke yize lezibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) zitshengisa ukukhuphuka kwamanani kodwa njengoba kuku-3% kusahambisana kahle nokufunwa yiBhange loMbuso njengoba lanquma ukuthi indlela amanani ezimpahla ekhuphuka ngayo ibephakathi kwa-3% no-6%.
Ngesonto elizayo, umhlaka-30 Januwari, iBhange loMbuso lizobanomhlangano walo wokuqala wekomidi umsebenzi walo ofaka ukucubungula nokugada amanani ezimpahla i-Monetary Policy Committee, kanti kusalindeleke ukuthi liqhubeke nokwehlisa imalimboleko.
I-Stats SA ithe amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala zikhuphuke ngo-2.5% ngoDisemba, kanti ngoNovemba zazikhuphuke ngo-2.3%.
“Amanani esinkwa ne-cereal aqhubekile nokuma ku-3.7% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. Uma kubhekwa inyanga edlule, amanani ehle ngo-0.2% kanti imikhiqizo eminingi eyenziwa ngokolweni yehlile phakathi kwangoNovemba nangoDisemba. Izibonelo zaloku ngama-instant noodle (ehle ngo-2.2%), i-cake flour (ngo-1.1%), i-macaroni (ngo-0.7%), kwathi isinkwa esimnyama sona sancipha (ngo-0.6%).
“Amanani enyama ehle ngo-0.4% ngonyaka odlule, nokuwukwehla okukhulu kusukela ngoMeyi wango-2019 lapho ayehle khona ngo-0.9%. Emikhiqizweni yenyama eyehle kakhulu kukhona ama-sausage (ehle ngo-3.3%), ingulube (yehle ngo-2.2%) nesibhumbulu senkukhu (sehle ngo-1.7%). Nokho-ke eminye imikhiqizo ibibiza njenge-beef extract (enyuke ngo-5.1%), ubhekeni (ukhuphuke ngo-4.8%) ne-ham (enyuke ngo-4.2%),” kusho iStats SA.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/11/24/ibhange-lombuso-liphinde-lazwela-abathengi/
Iziphuzo ezishisayo zikhuphuke ngo-13.5%, kanti yizona zinto amanani azo anyuke kakhulu uma kubhekwa eyokudla neziphuzo ezingenatshwala.
Ikhofi linyuke ngo-16.1% uma kuqhathaniswa nangoDisemba wango-2023. Kubeyiso leso nangetiye lezinkambi (linyuke ngo-14.2%), i-drinking chocolate (ikhuphuke ngo-14.1%), i-ground coffee (inyuke ngo-8.0%), i-rooibos (inyuke ngo-7.8%), ama-cappuccino sachet (anyuke ngo-3.8%).
Usomnotho waseFNB uNks uKoketso Mano uthe babona amanani ezoqhubeka nokubaphansi ngesigaba sokuqala sonyaka, kuthi anyuke ngesesibili.
“Silindele ukuthi amanani azokhuphuka ngo-3.2% ngoJanuwari kanti kuyophela unyaka esengaphezudlwana kwango-5%… okunye umgomo wezimboni (ongemuhle) nokusetshenziswa kwemali (ezintweni ezingawukhulisi umnotho) kuzofaka ingcindezi emananini emhlabeni.
“Nokho uma izinto ziqhubeka nokubabuthaka emhlabeni, kungase kunciphise ingcindezi emananini okumbiwayo. Uma kwenzeka amanani enyuka kunokulindelekile, kuzokwenza isandla siqine emgomweni wemalimboleko,” kusho yena.
Wengeze ngokuthi balindele ukuthi imalimboleko izokwehlela ku-7% ngesigamu sokuqala sonyaka kodwa wathi ikhona ingozi yokuthi kuzoncipha izikhawu zokuyehlisa.