Zizovalwa izinhlelo ezingawenzeli lutho uhulumeni – uGodongwana
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseCape Town
UHULUMENI uzobuyekeza indlela owaba imali ngayo kusukela ngo-2026/27 ngenhloso yokuvala izinhlelo ezingabalulekile futhi ezingenzi kahle ukuze uphucule indlela othenga izimpahla ngayo nowengamela ezobuchwepheshe nengqalasizinda ngayo.
Usho kanje uNgqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana namhlanje njengoba ephinde wethula iSabelomali sango-2025/26 ePhalamende eCape Town, eNtshonalanga Kapa.
Kusukela ngo-2013 lo mnyango usubuyekeze izinhlelo ezidle uhulumeni uR312 billion, neziveze ukuthi kukhona lapho kuxega khona emigomweni yokunquma imali, indlela umsebenzi owenziwa futhi ugadwe ngayo, okuholela ekuphindekeni komsebenzi nokumoseka kwemali.
“Ukubuyekeza okwenziwa phambilini kwaveza ukuthi kunoR37.5b ongongiwa uma kungashintshwa indlela izinto ezenziwa ngayo nokugadwa ngayo. Kokunye izinhlelo ezingasasizi ngalutho kufanele zivalwe,” kusho yena.
Ezinye zalezi zinto ezifana nezibonelelo ezihlinzekwa izifundazwe nomasipala, ezobuchwepheshe kwezemfundo, ezinye izinhlelo kwezokuvikela namahhovisi asetshenziswa yiminyango kahulumeni.
Ihhovisi lomGcinimafa lithe kade libuyekeza indlela okusetshenziswa ngayo izibonelelo ezinikwa izifundazwe nomasipala, phecelezi ama-conditional grant, kanti uzobuyekeza indlela ezisetshenziswa ngayo ukuphucula indlela izinhlelo ezithinta ingqalasizinda neminye imisebenzi ezihlelwa futhi zenziwe ngayo ezifundazweni nakomasipala.
UGodongwana uthe kunoR1trillion ozohlinzekelwa ukuphucula ingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo.
“Kuzogxilwa ezimbonini ezintathu: ezokuthutha, ugesi namanzi. KuR402bn ohlinzekelwe ezokuthutha, uR93.1bn uzoya kwiSouth African National Roads Agency ukunakekela nokuvuselela imigwaqo. U-R53.1bn owokunakekela nokuvuselela imigwaqo yezifundazwe. Kukhona uR66.3bn oya kwiPassenger Rail of South Africa, uR18.2bn wokuvuselela izitimela kuthi uR12.3bn owokuvuselela ubuchwepheshe bokulawula izitimela,” kusho uGodongwana.
Kulindeleke ukuthi isibalo sabagibeli bezitimela sinyuke sisuka ku-60 million ngo-2024/25 siye ku-186m eminyakeni emithathu ezayo. UGodongwana uthe embonini kagesi kuzotshalwa uR219.2bn, kuthi kweyamanzi kufakwe uR156.3bn.
“Ngaphezu kwaloko, uhulumeni usuqale uhlelo lokubamba izisebenzi eziyizipoki nezinye izinto ezingalungile ezenzekayo ngemiholo. Kuqala, imizamo yokwenza loku yayithembele ezindleleni ezisetshenziswa ukubala abantu ezweni. Indlela entsha izothembela ekusebenzeni ngeminininingwane ezotholakala ngokuhlanganisa ulwazi olutholakala eminyangweni ehlukene, okuzokwenza kubelula ukubona okungahambi kahle eminyangweni yezifundazwe neyezwe lonke. Imiphumela sizoyethula kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali sango-2025,” usho kanje lo mnyango.
Umnyango uthe izinhlelo zokuqasha abantu zikhona futhi zinkulu kodwa akuzona zonke ezisebenza ngendlela efanele.
Umqondisi-jikelele emnyangweni uDkt uDuncan Pieterse uthe basazoqhubeka bahlinzeke izinhlelo zokuqasha abantu ngoR4.5bn ngo-2025/26 kodwa imali abebeyibekele iminyaka emibili ezayo emva kwaloku bayihoxisile kuze kuphothulwe umsebenzi owenziwayo ukubuyekeza lezi zinhlelo.
Umgcinimafa ubhekisisa yonke into nje, unezinselelo zomnotho ongakhuli, isikweletu sezwe esiloku sikhuphukile nokuthi imali engeniswa wuhulumeni ingaphansi kweyezindleko onazo.
Izindleko zikahulumeni zizoncishiswa ngoR69.4 billion eminyakeni emithathu yezimali.
Lo myango uthe umnotho usuzokhula ngo-1.4% ngo-2025/26, kube ngo-1.6% ngo-2026/27 ngaphambi kokufinyelela ku-1.8% ngo-2027/28. NgoMashi umnotho kwakulindeleke ukuthi usimame ngo-1.9% eminyakeni emithathu ezayo. Isikweletu sekulindeleke ukuthi sikhule sisuka ku-R5.69trn ngo-2024/25 sifinyelele ku-R6.82trn ngo-2027/28.
“Kusukela kubenomphumela wokhetho oholele kuHulumeni woBumbano kuningi esikufundayo ngendlela okufanele kuboniswane ngayo uma kuhlanganiswa iSabelomali. Sonke sesifundile ukuthi kuwumsebenzi ongakanani futhi kufanele kubewumsebenzi ngoba akufanele kubeyinto elula ukushintsha iSabelomali. Kufanele uqaphele futhi uqikelele uma usebenzisa imali yomphakathi,” kwengeza uGodongwana.

