Ngemva kokubamba izintambo, isikhulu esiphezulu esisha uSolwazi uJohn Lamola sibhekwe wumsebenzi wokungenisa imali eSouth African Airways. Isithombe: Sithunyelwe

I-South African Airways inomshayeli omusha 

INTATHELI YOMBELE

ISENDLENI ebheke ekusimameni inkampani kahulumeni yamabhanoyi iSouth Africa Airways (iSAA) njengoba isinesikhulu esiphezulu, uSolwazi uJohn Lamola.

ULamola ubebambe njengesikhulu esiphezulu kusukela ngoMeyi wango-2022 kanti ibhodi isanda kumemezela ukuqokwa kwakhe ngokuphelele kulesi sikhundla. 

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, usihlalo webhodi uMnu uDerek Hanekom uthe uLamola unamava adingekayo okuphatha iSAA futhi ngaphansi kobuholi bakhe iSAA imemezele ukuthi yenze inzunzo ewuR252 million. 

“Seloku afika ngoMeyi wango-2022 sibonile ukuthi isimo seSAA siyashintsha. Uwumuntu okwaziyo ukungenisa imali, unamava njengomholi nombono wokukhulisa le nkampani ukuze ikwazi ukubuyela esicongweni. Asingabazi ukuthi ikusasa leSAA liqhakazile uma iholwa wuLamola,” kusho uHanekom. 

Ubalule ukuthi ngonyaka wezimali u-2022/23 uLamola ungenise uR5.7 billion eSAA le mali isuka kuR2bn owawungene ngonyaka wezimali u-2021/22.

Njengamanje amabhanoyi eSAA asendizela emazweni awu-16 omhlaba, okusho ukuthi isimo sesingcono, kwazise ngo-2021 yayifika emazweni ayisithupha kuphela. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/06/11/kumenyezelwe-abazovuselela-isaa-inkampani-kahulumeni-ebisiphila-ngokutakulwa/

U-Hanekom uthe bakwazile ukunyusa isibalo samabhanoyi ama-Airbus A330 sisuka kwayisithupha, saya kwawu-20. Kusukela ngo-2021 isibalo sezisebenzi naso sinyukile sisuka ku-800 ngo-2021, saya ku-2 000 ngoNovemba wonyaka odlule. Lapha kubalwa nabashayeli bamabhanoyi abawu-140.

ULamola uneziqu i-PhD in Philosophy and Religious Studies zase-Edinburgh University eScotland neze-Master of Business Administration zase-Embry-Riddle Aeronautical University e-Florida eMelika.

Ukewayisikhulu esiphezulu eDenel Aviation phakathi kwango-1996 kuya ngo-2001. Ubesebhodini le-Airports Company South Africa phakathi kwango-2012 kuya ngo-2017.

Ucwaningo lwe-Oxford Economics obelubheka iNingizimu Afrika luveza ukuthi iSAA izokwazi ukungenisa uR32.6bn ngo-2029/30. 

Kulindeleke ukuthi idale amathuba omsebenzi amaningi, ilethe izivakashi ixhumanise abafuna ukuhweba okuzoletha imisebenzi ewu-25 200 kuya kwewu-86 700 ngo-2029/30.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page