Ungqongqoshe womNyango weMali uMnu u-Enoch Godongwana uzothwala kanzima uma esethula iSabelomali kusasa ngenxa yokuthi wonke umuntu umthatha njengomzimba okhala imali. Isithombe: Sithunyelwe

Izinhlangano zabampofu azihambisani nokunyusa intela

WUBONISWA MOHALE

IZINHLANGANO ezilwela abantu abampofu azineme ngokuncipha kwemali ebheke izidingo zabo.

Kusasa ngo-10 ekuseni lezi zinhlangano zizomasha ngaphansi kwembumba ehlanganisa izinhlangano zomphakathi, izinyunyana nezinye izinhlaka ezithintekayo ebizwa ngePeople Against Budget Cuts. 

Phakathi kwezinto le mbumba engahambisani nazo wukukhuphuka kwentela ekhokhwa uma uthenga izimpahla i-value added tax (i-VAT) nokuncipha kwemali okufanele yandise izisebenzi zikahulumeni nezimpesheni. 

FUNDA LAPHA : https://www.umbele.co.za/2025/02/17/isabelomali-asikona-ukucaza-imali-nje-kodwa-sinamathuba-kosomabhizinisi-abancane-kuloba-u-oscar-siziba/

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, iPeople Against Budget Cuts ithe ayihambisani nokuthi uhulumeni unciphise imali ebekelwe imfundo, ezempilo, ezokuhlalisa abantu, ikakhulu njengoba bethwele kanzima.

“Sifuna uhulumeni eze neSabelomali esizosiza abahluphekayo, izisebenzi nabantu abanganakiwe. Kufanele nabo abantu basukume balwe nokuncipha kwemali ebasizayo. NgoLwesithathu sizomasha ngoba sifuna uhulumeni ulalele,” kusho le nhlangano. 

Usihlalo weSouth African Sugar Association (iSASA) u-Adv uFay Mukaddam ucele ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukuthi angalokothi anyuse intela kashukela.

Uthe uma kuke kwanyuka intela kashukela kuyosho ukuphela kwabalimi bomoba.
Ukhale ngokuthi intela kashukela iphazamisa abalimi abancane abawu-24 000 bomoba nokuthi kuvalwe izigayo zomoba. Ezimbili sezivaliwe KwaZulu-Natali.

Khonamanjalo, umfelandawonye wezinyunyana zezisebenzi iCongress of South African Trade Unions nawo uthe awuhambisani nokunyuka kwe-VAT

“Uma uGodongwana esethula iSabelomali sifuna acabangele izisebenzi nabampofu. Ukunyusa i-VAT kunciphisa imali yezisebenzi. Kufanele asize iSouth African Revenue Service ukuze ikwazi ukuqinisekisa ukuthi intela iqoqeka ngendlela efanele. Umphathi wayo uthe uma bengaqinisa izinhlelo zabo zokuqoqa intela bangakwazi ukungenisa ewuR60 billlion kodwa badinga izinsiza ezizobalekelela ukulandela ababalekela ukukhokha intela. 

“Asihambisani nokuthi uhulumeni ungafuni ukukhuphula amaholo ezisebenzi ngoba kuyaziklinya,” kusho umkhulumeli weCosatu ezindabeni ezenzeka ePhalamende uMnu uMatthew Parks.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page