Inyama yenkomo iphambili ekunyuseni amanani okudla – ucwaningo
WUTHOBILE ZWANE
KUSABIZA ukudla, yize amandla email enganyakazi ku-2.8%, inyama ebomvu ihamba phambili ekuwakhuphuleni.
Loku kuvele ocwaningweni olusha lwamandla emali emananini, phecelezi i-consumer price inflation (i-CPI), olukhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) ngoLwesithathu eGauteng.
Inhloko ye-Price Statistics eStats SA uMnu uPatrick Kelly Itshele abezindaba ukuthi ucwaningo lwabo luthole ukuthi amandla emali awaguqukanga ku-2.8% ayekuwona ngo-Ephreli njengoba nangoMeyi abesahleli kuwo.
Uthi izinga lokunyuka kwenyama ngonyaka lisuke ku-3,0% ngo-Ephreli laya ku-4,4% ngoMeyi. Ngo-Ephreli ukunyuka kwanyanga zonke kwemikhiqizo yenyama yenkomo kusuke ku-6.2% kwaya ku-11.9%.
“Uma sikhuluma ngemikhiqizo yenyama yenkomo ebizayo sisho iziteki, inyama yenkomo eqotshiwe. Isibonelo ngoMeyi i-beef mince inyuke ngo-2.5%, inyama yenkomo eqotshiwe esetshenziswa uma kuphekwa isitshulu inyuke ngo-1.7%. Ukubhebhetheka kwamatele namanani aphezulu okudla kwezinkomo kuholele ekunyukeni kwenyama yenkomo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/14/intela-yezimpahla-izonciphisa-imali-yezidingongqangi-zabantulayo-ingqapheli/
Ngokocwaningo lwenhlangano ebheka amanani okudla iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (iPMEJD) ngoMeyi igrosa yomndeni omkhulu ibibiza uR5 466.59. Lukhombisa ukuthi ukudla neziphuzo ezingenatshwala nako bekunyuka nyanga zonke, kusuka ku-1.1% kuya ku-1.3%.
Amanani kafishi anyukile njengoba i-hake inyuke yaya ku-9.1% kuthi ama-fish finger anyuka ngo-6.1% kulo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.
Amanani emphuphu nesitambu aqhubekile nokunyuka kakhulu. Ama-cereal enyuke ngo-4.5% ngoMeyi, impuphu yanyuka ngo-14.2%, kwathi isitambu sanyuka ngo-20.6%.
“Amani amaveji avamise ukuguquguquka kakhulu kuya ngezinkathi zonyaka. Izinga lokunyuka kwamaveji lonyaka beliwu-10,3% ngoMeyi, lisuka ku-minus 2.6% ngoNovemba wangonyaka odlule. Ukwenyuka okuphezulu konyaka kugqame ku-beetroot ngo-64.0%, ku-lettuce ngo-20.9% nokherothi ngo-13.4%. Impuphu nesitambu nako kunyukile.
Umdidiyeli wezinhlelo ePMBEJD uMnu uMervyn Abrahams uthe imindeni eminingi ithwele kanzima ngenxa yokubiza kokudla.
Uthe abantu besifazane abayingxenye yocwaningo lwabo bavame ukubatshela uma ukudla okuyinsika njengo-anyanisi, amazambane neklabishi kunyuka. Baye bathi ngeke besakwazi ukuthenga ezinye izinhlobo zokudla.