IBhange lomBuso lehlise imalimboleko kungalindelwe
YINTATHELI YOMBELE
IBHANGE lomBuso lehlisa imalimboleko ngo-25 basis points kusukela kusasa. Enza lesi simemezelo umphathi waleli bhange uMnu uLesetja Kganyago uthe inhloso yalesi sinqumo wukuzama ukusiza umnotho othwele kanzima.
Uthe kumalungu eMonetary Policy Committee (iMPC) wonke, ayisihlanu asesekile lesi sinqumo, kwathi elilodwa laphakamisa ukuthi imalimboleko yehliswe ngo-50 basis points.
“Ubungozi bokwehla kwerandi esaxwayisa ngako emhlanganweni wethu wokugcina ngenxa yezinto ezenzeka emhlabeni nasezweni, kwenzekile ngenyanga edlule, njengoba lehle laba phansi kakhulu kunokwake kwabonakala eminyakeni edlule uma liqhathaniswa nerandi. Nokho, seliphinde labangcono kusukela ngaleso sikhathi kanti nezimo sezisiphucukile kunezaziyikona ngoMashi, yize isimo emhlabeni sisemanzonzo,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/20/bashaye-amakhala-imalimboleko-ihlala-ku-7-5/
Usomnotho omkhulu eFNB uNkk uMamello Matikinca-Ngwenya uthe: “Isinqumo (seBhange lomBuso) sokwehlisa imalimboleko sitshengisa ukuthi kugxilwe kakhulu kokwenzeka ezweni. Amandla emali angaphansi komgomo obekiwe, okutshengisa ukuthi u-2025 awuqalanga kahle uma sibheka ohlangothini lwemikhiqizo okuzobhebhezelwa yizinto ezenzeka emhlabeni.
“Lilonke, akukho okutheni okulindelwe (ukukhulisa umnotho) nokwandisa amathuba okuthi kuloku kuqhubekile ukwehliswa kwemalimboleko,” kusho yena.
Isikhulu esiphezulu saseFNB uMnu uHarry Kellan sithe lezi zindaba zizobajabulisa abathengi nosomabhizinisi, kwazise ithemba likhulu ngendlela amanani ezimpahla aqhubeka ngayo okuhambisana nesidingo esiphuthumayo sokufukula umnotho.
Amanani ezimpahla anyuke ngo-2.8% ngo-Ephreli.