Uhulumeni waKwaZulu-Natal uhlinzeke uR75m ukufukula amabhizinisi entsha osekuke kwahlomula kuwo amabhizinisi afana neBlack Waters Solutions, omunye wabaphathi bayo okunguNkk uLindiwe Mdlalose. Isithombe: Sithunyelwe

Uqinisa isandla ngezimali uhulumeni waseKZN

YINTATHELI YOMBELE

UHULUMENI waKwaZulu-Natali uzoqinisa isandla endleleni imali esetshenziswa ngayo ngenhloso yokwandisa imali ezoya ezinhlelweni ezinakekela abampofu nezikhulisa umnotho. 

Usho kanje uNgqongqoshe weziMali esifundazweni uMnu uFrancois Rodgers ngesikhathi ethula isabelomali esichitshiyelwe sango-2024/25 ngoLwesibili. 

U-Rodgers uthe kufanele bazibophezele ukuyeka ukukhokhela izinto zokupentsa njengoba bephokophele ekuqinisekiseni ukuthi isabelomali sibheka zonke izidingo.  

“Sigcizelela ukuthi ukusebenzisa imali ezintweni ezifana nokuya ezindaweni, ukuya kwamanye amazwe, ukuqasha izimoto, imicimbi nabapheki kufanele kwehliswe kakhulu ukuze kuzoba nemali lapho idingeka khona kakhulu, ezintweni ezifana nezenhlalakahle, ezempilo, ezokuphepha nezemfundo.  

“Ukuntuleka kwemisebenzi kuyaqhubeka nokuba yinselelo enkulu ezweni naseKZN. Isibalo sabantu abangasebenzi eKZN siloku siphezulu njengoba siwu-32.1%, okusho ukuthi bawu-1.2 million abantu abangasebenzi esifundazweni. Kuwumsebenzi wethu sonke ukwenza yonke imizamo yokukhulisa umnotho nokuheha abatshalimali ukwakha imisebenzi esifundazweni sethu,” kusho uRodgers.  

U-Rodgers uhlinzeke iSilo uMisiZulu ngoR10m ngesikhathi ethula isabelomali esichitshiyelwe sesifundazwe

URodgers uthe yize isifundazwe siqhubeka nokuba nemali ebhange okuyinto eselokhu yaqala ngo-2010 kodwa kunengcindezi ikakhulukazi ngenxa yesivumelwano sokunyusa imiholo ngo-4.7% ngo-2024. 

“Imiholo inyuswe ngo-4.7% ngo-2024, okungaphezulu ngo-0.3% kunaloku umNyango weziMali ezweni lonke owawuthe kufanele sikuhlinzekele. Ngakho-ke lesi sivumelwano sokunyusa imiholo sango-2024 sifaka ingcindezi kwisabelomali sesifundazwe njengoba kungeyona yonke iminyango ebikwazi ukuhlelela u-4.4% owawushiwo kodwa futhi nangenxa yokuthi imali inyuswe kakhulu kunaloku ngo-4.7%. Loku kufake ingcindezi ka-R4.5 billion kwisabelomali,” kuxwayisa uRodgers.  

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/30/kunor11-billion-wokunciphisa-isibalo-sezisebenzi-zikahulumeni/

IHhovisi likaNdunankulu labelwe uR85m ohlukaniswe kabili. KunoR10m ozoya eNdlunkulu ukubheka izindleko zomthetho zeSilo uMisiZulu nokunakekela abantu osekufanele bondliwe, kuthi uR75m uzokweseka izinhlelo zokufukula amabhizinisi entsha iKZN Youth Empowerment Fund.

UmNyango wokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha neMvelo ucele ukuthi uR13.2m owasala ngonyaka wezimali odlule nozowusebenzisa ukuthenga umhlaba eMkuze Game Reserve ukulekelela umphakathi kanti enye ingxenye izoya kwiLembe Enterprise Development ukuze iqhube umsebenzi iKwaShushu Hotsprings, iGreenest Municipality Competition neWaste Economy Support Programme.

UmNyango wezeMfundo wabelwe uR95m ukuze ugcwalise ohlelweni lokuphakela izingane ukudla ezikoleni. URodgers uthe imali ehlinzekelwa lo msebenzi ayanele ukuphakela zonke izingane. 

Ephawula ngokulindelekile emnothweni wesifundazwe, uRodgers uthe umnotho wehle kakhulu eminyakeni emibili edlule emva kokukhula ngo-4.9% ngo-2021. Uthe kulo nyaka kulindeleke ukuthi ukhule ngo-0.9% bese ngonyaka ozayo ukhule ngo-2%.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page