I-ArcelorMittal South Africa ebihlongoza ukuvala izophefumula kancane njengoba i-Industrial Development Corporation iyitakule ngemali. Isithombe: Sithunyelwe

I-ArcelorMittal SA itakulwe wuhulumeni ngoR1.6 billion 

WUBONISWA MOHALE

ISAPHEPHILE okwamanje imisebenzi yabantu abawu-3 500 abaqashwe enkampanini yensimbi i-ArcelorMittal South Africa eNewcastle, KwaZulu-Natali, naseVanderbijlpark, eGauteng. 

Lezi zisebenzi bezizodilizwa ngoMashi kodwa i-Industrial Development Corporation (i-IDC) ewuphiko olungaphansi kukangqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ifake uR1 683 billion odingekayo okwamanje.

Isikhulu esiphezulu se-ArcelorMittal uMnu uKobus Verster sitshele abezindaba namhlanje ukuthi umsebenzi uzoqhubeka okungenani izinyanga eziyisithupha kuze kube wumhlaka-31 wango-Agasti.

U-Verster uthe izinhlelo zokuvala ibhizinisi labo lensimbi besezivele ziqalile kodwa okuzokwenzeka wukuthi sebeqalile ukwehlisa i-iron ore kobhayela babo kanti ama-oda e-iron ore, i-coke namalahle asamisiwe.

Ukusayinwa kwesivumelwano kusho ukuthi bazibophezele ukuthi bazoqhubeka nomsebenzi ukuze kungadilizwa. Bazobuye bayikhokhe imali abayibolekwe yi-IDC, kuye nokuthi bayakwazi yini ukungenisa imali.

Uthe bazibophezele esivumelwaneni esisayiniwe futhi ne-Termporary Employee Relief Scheme (iTERS), uhlelo lokuthi umNyango wemiSebenzi ukhokhele izisebenzi imali uma izinkampani zidonsa kanzima izosiza. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/07/ayisukunyelwe-eyefemu-yokusansimbi-ungqongqoshe/

“Obhayela abapheka insimbi eNewcastle bazosebenza ukuze siqhubeke silekelele amakhasimende ethu kulesi sikhathi sisafuna isisombululo esiwunomphelo. Sifuna uhulumeni ulungise izinkinga osekunesikhathi siwutshela ngazo. Lapha sikhuluma ngentela ekhokhiswa imikhiqizo yensimbi engena ezweni. Sifuna kulungiswe imali ekhokhwa uma kudayisa izinsimbi ezindala, usilekelele ukuthi sikwazi ukuhweba esimweni esifanele. Sivumile ukuqhubeka ngoba uhulumeni uthembise ukuzilungisa lezi zinkinga,” kusho yena.

Ubonge uTau ngokusukuma ahlanganise zonke izinhlaka ezithintekayo. Uthe banethemba lokuthi njengoba kubukeka sengathi umnotho uyakhula kusho ukuthi umkhiqizo wabo uzofuneka, okuzokwenza baqhubeke nomsebenzi. 

“Kulezi zinyanga eziyisithupha ezizayo sizosebenza ngamandla ukuthola isisombululo esiwunomphelo. Sizibophezele ukuguqula isimo senkampani ukuze ikwazi ukungenisa imali futhi sinethemba lokuthi umkhiqizo wethu uzobe ufuneka njengoba umnotho wezwe ubukeka sengathi uzokhula,” kusho uVerster. 

Inhlangano emele abaqashi iNational Employers’ Association of South Africa ithe ngeke iphawule okwamanje njengoba amalungu ayo asemkhakheni wensimbi engakasho lutho. 

Inyunyana yabantu abasebenza ngensimbi iNational Union of Metalworkers of South Africa nayo ithe izophawula uma kuqhubeka isikhathi. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page