INingizimu Afrika neNigeria banyusa igiya ekuhwebeni
WUNOKO MASHILO
NGEMVA kwengqungquthela ebiseCape Town kuleli sonto, iNingizimu Afrika neNigeria bazibophezele ekuqiniseni ubudlelwano bokusebenzisana kwezomnotho.
Ekhuluma nabaholi bamabhizinisi nabepolitiki kwi-Binational Commission Summit, obekukhona kuyona umengameli waseNigeria uMnu uBola Ahmed Tinubu, umengameli uMnu uCyril Ramaphosa ubalule isidingo sokwenza izinto zibelula kubatshalimali baseNigeria ukusebenza, ukuhweba nokubheka amathuba emikhakheni ehlukene eNingizimu Afrika.
La mazwe abehlangene ukwandisa ukubambisana emikhakheni emqoka njengohwebo, ingqalasizinda, ezamandla nobuchwephese njenhloso efanayo yokusimamisa umnotho nokuthula e-Afrika.
URamaphosa uzwakalise umbono wakhe ngobambiswano oluzohlomulisa la mazwe womabili. “Seloku kwathi nhlo iNingizimu Africa ivulele iminyango emabhizinisini aseNigeria, njengoba kubonakala ngokutshala izimali nemisebenzi evele iyenza lapha,” kusho yena. “Kufanele silungise izithiyo ezisele ukuze kwande ukutshala imali futhi sixazulule izinselelo zezinkampani.”
Umengameli uphinde wagcizelela umsebenzi wahulumeni wakhe wokwenza izinto zibelula ukuhweba phakathi kwala mazwe.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiHhovisi likaMengameli, uyaqhubeka umsebenzi wokwenza ama-visa ngendlela yesimanje nokuthi kubelula ukufaka izicelo zawo emhlabeni wonke kanti loku ngomunye umsebenzi wamanxusa aseNingiizmu Afrika eNigeria ukuphucula ukusebenza kwa-visa nokuthi kubelula ukufaka izicelo zawo. Osomabhizinisi baseNigeria abami kahle sebengathola ama-visa abo eminyaka emihlanu.
Ukhumbuze izethameli ukuthi iNigeria wumlingani wezohwebo omkhulu weNingizimu Afrika entshonalanga Afrika. “I-African Continental Free Trade Area izokwenza amazwe ethu akwazi ukuhweba kalula ngemikhiqizo eyindathane. Asithathe leli thuba,” kusho yena.
URamaphosa ubalule iqhaza elisha leNingizimu Afrika lokuthatha izintambo zokubawumengameli weG20 Leaders’ Summit ezobase-Afrika. “Sizobeka eqhulwini intuthuko ye-Africa nezinselelo zeGlobal South ohlelweni lweG20,” kusho yena.
Uphethe ngobumqoka bokubhekana nezinselelo eziwukungalingani, ubha nokusweleka komsebenzi ezwekazini lonke. “Sisonke kufanele senze i-Afrika ibeyizwekazi langomuso, sifeze umbono wabaholi abasandulelayo,” kusho umengameli.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

