Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi ikomiti elithatha izinqumo ngemali linqume ukuyigcina ku-7.5% imalimboleko. Isithombe: SithunyelweS

Bashaye amakhala imalimboleko ihlala ku-7.5% 

WUBONISWA MOHALE


LICHAYISE izazi zomnotho iBhange lomBuso lingayishintshi imalimboleko njengoba isazohlala ku-7.5%.

Izolo umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthe amalungu ekomiti elithatha izinqumo ngemali amane avotele ukugcina i-repo rate, inzalo ekhokhwa ngamabhange uma eboleka imali eBhange lomBuso, ku-7.5% kwathi amabili avotela ukuthi yehliswe. 

Loku kusho ukuthi i-prime rate, inzalo ekhokhwa ngabantu uma beboleka imali emabhange, izohlala ku-11%. 

Isazi somnotho uSolwazi uBonke Dumisa uthe kuyishwa ukuthi intando yabantu yenze iBhange lomBuso lathatha isinqumo esingeke sibasize ngalutho abantu baseNingizimu Afrika. 

“Ngebhadi iBhange lomBuso libheka okwenzeka eMelika bese lithatha izinqumo. Kuyishwa ukuthi njalo uma ezokhuluma umphathi walo uqale asitshele ngokwenzeka kwamanye amazwe kodwa eMelika umphathi webhange lombuso iFederal Reserve akabatsheli abantu ngokwenzeka kwamanye amazwe, ubheka okwenzeka eMelika,” kusho yena.

Ubalule ukuthi abukho ubungozi obebuzokwenzeka ukube iBhange lomBuso liyehlisile imalimboleko kodwa manje lizothwalisa kanzima abantu, lijabulise abahambisa imali yabo emazweni anemalimboleko ephezulu.  

Ufanise loku nokuphendula izwe umashonisa ngoba laba bantu abafuna inzalo emalini yabo bayahamba uma izwe lehlisa imalimboleko. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/31/ibhange-lombuso-lehlisa-umthwalo-emahlombe-abanikazi-bezindlu/
Inhloko ecwaninga ngomnotho eStandard Bank uDkt u-Elna Moolman ithe iBhange lomBuso ligcine imalimboleko ku-7.5%, yize amandla emali esesimweni esikahle. 

Uthe loku kuhambisana nesinqumo salo sokufuna ukuthi amandla emali ahlale phakathi kuka-3% no-6%. 

“IBhange lomBuso likhathazekile ngokwenzeka kwamanye amazwe, yize izinto zibukeka zisesimweni esihle eNingizimu Afrika. 

“Isinqumo sokugcina imalimboleko ku-7.5% siyizindaba ezimbi kubantu akade belindele ukuthi yehle ukuze kwehle nenzalo abayikhokha ezikweletini zabo,” kusho yena.

Uphethe ngokuthi kungenzeka leli bhange liyehlise imalimboleko kanye kulo nyaka.

Imifelandawonye yezinyunyana zezisebenzi iSouth African Federation of Trade Unions neCongress of South African Trade Unions ithe ayineme ngalesi sinqumo ngoba bekufanele yehle imalimboleko.

 Ifanise loku njengazicabangeli izisebenzi nabantu abampofu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page