Abanikazi bamaspaza bathi kuzobanzima ukufeza yonke imigomo nemibandela ababekelwe yona wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ngezinsuku eziwu-15. Isithombe: Sithunyelwe

Abanikazi bamaspaza bayakuqonda okufunwa wuhulumeni kodwa kuzobanzima

WUNOKO MASHILO

ABANIKAZI bamaspaza basematheni kulezi zinsuku eNingizimu Afrika ngenxa yezigameko zokufa kwezingane osekuvele ukuthi zidle ukudla obunobuthi ezikuthenge ezitodlwana zabo. 

Lezi yizitolo ezijwayeleke emalokishini nasezindaweni zasemakhaya kanti iningi lazo yizitolo ezingamabhizinisi angabhalisiwe kodwa ezithandwayo ngabathengi ngenxa yokubanamanani aphansi. 

Nokho imibiko yokudla okunobuthi sekwenze abanikazi balezi zitolo basematheni futhi inkulu inkulumompikiswano ngabo emphakathini. Yize abaningi bekhathazekile ngokuphepha kokudla futhi bekuqonda ukuthi kufanele bayivikele imiphakathi abayidayiselayo kodwa futhi bakhuluma nangenqwaba yezinselelo ababhekene nazo. Lezi yizinselelo ezifana nokungabinezindawo ezanele zokugcina izimpahla, ukunganakwa ngabashaya imithetho nengcindezi yokubanamabhizinisi angabhalisiwe.

Ngesikhathi bexoxa neVutivi kuvele ukuthi bayakuqonda ukuthi ijule kangakanani le nkinga esiholele ezigamekweni osekubikwe ngazo ezidlule nemiphefumulo cishe yezingane eziwu-12 ezweni lonke futhi bathi kudingeka isixazululo esizolungisa umnyombo wayo.  

Leli ziko lezindaba eliseGoli, eGauteng, lixoxe nabanye abanikazi bamaspaza ukuqonda ukuthi benzenjani ukubhekana nezinselelo ezithinta ukuthenjwa wumphakathi, ezempilo nokubanebhizinisi elingabhalisiwe.  

Umnikazi wespaza ePhola Park, eThokoza, eGauteng, uMnu uHenry Nkuna uneminyaka eyisikhombisa enebhizinisi. Ukhathazekile ngokuthi uzokwazi yini ukumelana nemibandela emisha.

“Abantu abaqhamuka kwamanye amazwe yibona abayinkinga lana, yibona abadale lesi simo. Uma umengameli ethi kufanele sigcine imigomo nemibandela ngezinsuku eziwu-21, ngeke kwenzeke. Siyazi ukuthi izinto zenzeka kanjani,” kusho uNkuna, ethi akazi ukuthi kufanele aqale kuphi ukubhalisa nokuthi yimaphi amaphepha awadingayo.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/26/abezitolo-ezincane-bazoxhaswa-ngor22-million-ekzn/

UMnu uRamush Husain oneminyaka eyisishiyagalolunye enespaza uthe izinsolo zokuthi ukudla kunoshevu zizwakala zinenhlese yepolitiki. 

“Angikwazi ukubulala ngoba ngiyalidinga ibhizinisi. Labo abenza lezi zinto kufanele bayeke ukusola (thina),” kusho uHusain odabuka eTopiya.  

Omunye umnikazi wespaza odabuka eTopiya uMnu uThomas Wolde ukhulume ngobunzima bemicikilisho ehambisana nokuvuselela imvume. “Ngizoyilungisa imvume yami kodwa zingaphezu kwamandla izinto ezifunekayo. Ubani ozovikela isitolo sami uma ngiyeka ukulala khona? Ngikwenzela ibhizinisi lami nokuphepha,” kusho uWolde osebenzela Ekurhuleni.

Khonamanjalo, umnikazi wespaza osebenza ngokusemthethweni uMnu uTsefapo Ahmed ukhulume ngezinkinga zokuphepha endaweni yabo. 

“Lapha umphakathi namaphoyisa bayahlola njalo ngoLwesihlanu. Ngesonto elidlule babambe abantu abathathu befaka amaphilisi amhlophe kuma-chips. Yize kunjalo, izinsuku eziwu-21 yisikhathi esincane ukuthi ngabe usuyenze yonke into edingekayo ukugcina imicikilisho,” kusho yena.  

Umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa uthe kufanele wonke amaspaza nazo zonke izindawo ezisebenza ngokudla zibesezibhalisile komasipala ngomhlaka-15 wangoDisemba. 

Uthe izitolo ezingeke zikwazi ukuhambisana nemigomo nemibandela yezempilo ezinsukwini eziwu-21 zizovalwa.  

Njengoba abanikazi balezi zitolo bezama ukubhekana nalezi zinguquko kufanele kuthi kulungiswa eyokuphepha komphakathi kodwa futhi kukhunjulwe izinselelo ezihambisana nokuba yilolu hlobo lukasomabhizinisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page