Ukhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter ehleka yedwa ngesikhathi ememezela ukuthi iqoqe uR1.9 trillion kubakhokhintela. Isithombe: Sithunyelwe

Asijabule sibuye nganeno ngemali eqoqwe yiSars: usomnotho

WUBONISWA MOHALE

NGENKATHI wonke umuntu encoma iSouth African Revenue Service (iSars) ngokuqoqa imali ewuR1.9 trillion enyuke ngoR6 billion kweyayiqoqwe ngonyaka odlule, isazi somnotho uSolwazi uBonke Dumisa sithi akujatshulwe kubuywe nganeno. 

UDumisa uthe kuhle okwenziwe yiSars futhi uyancomeka umsebenzi wayo ngokuqoqa intela kodwa inkinga wukuthi izwe lisebenzisa imali enkulu kunengenayo.

“Siyishayela izandla iSars ngokuqoqa uR1.855trn ngonyaka wezimali wango-2024/25 kodwa ngeke sijabule kakhulu ngoba uhulumeni usebenzise uR2.4trn ngonyaka wezimali ofanayo. Loku kusho ukuthi sisebenzisa uR400bn ngaphezu kwemali engenayo, okusho ukuthi siyaboleka ukuze sifeze ezinye izidingo zezwe,” kuphawula yena.

Uthe kumanje abantu abakhokha intela bawu-7.9 million kodwa abathola izibonelelo zikahulumeni bawu-28m.

“Izwe lethu likweleta uR6trn. Ngosuku sisebenzisa ngaphezu kukaR1bn sikhokha inzalo yezikweletu. Le mali isebenza ngaphambi kokuthi sikhokhele izikweletu zethu. Kufanele sibheke nodaba lokuthi uhulumeni ukhiphe izibonelelo njengoba (kunomdonsiswano) ngeSabelomali,” kusho uDumisa.

Ukhomishana weSars uMnu u-Edward Kieswetter uthe sebefuna ukuqoqa intela ewuR2trn kuya phezulu ngonyaka wezimali ozoqala.

“Imali esiyiqoqile kulo nyaka wezimali iwuR1.855trn. Ngiyajabula ukuthi sikwazile ukubuyisela abakhokhintela uR447.7bn, okuyinto enhle emnothweni ngoba le mali bayisebenzisela ukuthenga nokwenza ezinye izidingo. 

“Ngisakhathazekile ngabantu abaqamba amanga ukuze babuyiselwe imali. Sikwazile ukuvimbela uR146.7bn obuzoya kubantu abaqambe amanga ngoba befuna ukubuyelwa yimali. Isimo sisiqaphile,” kusho yena.

Uthe balindele ukungenisa imali ngentela ekhokhwa abantu abanyula ezikhwameni zempesheni zabo asebenyule uR12.9bn nenye intela ekhokhwa yizisebenzi.

Izinkampani zingenise intela ewuR323.3bn, okusho ukuthi ikhule ngoR10.5bn emalini ebilindelwe. Uthe isibalo sezinkampani ezikhuluma iqiniso ngemali eziyingenisayo sinyuke ngo-3.2%. 

Imali engeniswe yintela ekhokhwa uma kuthengwa izimpahla iwuR562.1bn. Kule mali uR271bn uqoqwe ngamabhizinisi amakhulu asezweni bese uR292.1bn kubeyimali eqoqwe ngamabhizinisi asebenza ngemali.

Izinhlelo zeSars zokuqinisekisa ukuthi abantu bayayikhokha intela zingenise uR301.5bn. U-Kieswetter uthe uR7.5bn abawunikwe wungqongqoshe womNyango weziMali bazowusebenzisa ukulungisa izinhlelo zabo zokuqoqa intela njengoba bezolandela abantu abawu-5m ababaleka ukukhokhela intela. Bazosebenzisa nobuchwepheshe ukwenza lomsebenzi. 

Uphethe ngokubonga izisebenzi zeSars nabantu baseNingizimu Afrika abangakubalekeli ukukhokha intela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page