Nakuba InKulumo eBhekiswe esiZweni, eyethulwe wumengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa izolo, ingacacisanga ngomfutho wokuthuthukisa ingqalasizinda kodwa lilonke inika osomabhizinisi ithemba, kusho isikhulu esiphezul seBusiness Leadership South Afrika uNksz uBusi Mavuso. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni uyakubona ukubaluleka kweqhaza lomasipala ezimbonini zikagesi namanzi – iBLSA

INTATHELI YOMBELE

UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa ukwenzile okufanele ngokugqugquzela ukuthula izinguquko ikakhulu eziyisigaba sesibili se-Operation Vulindlela ngokugxila ezinguqukweni ezithinta amanzi nokulungisa okungahambi kahle komasipala.  

“Bekubalulekile kakhulu ukuthi umengameli ahlanganise umsebenzi odingekayo ukuze kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%,” kusho isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uNksz uBusi Mavuso. 

“Ukugcizelela kwakhe ukuthi ‘siqede esikuqalile’ kuyakhuthaza futhi amabhizinisi azoqhubeka nokusebenzisana nohulumeni ukusiza ukuthola imiphumela sobabili esiyidingayo, ikakhulu ukukhulisa umnotho okuzonciphisa ukuntuleka kwemisebenzi futhi kwandise nentela engenayo nedingekayo ukuseka izinhlelo zezenhlalakahle zikahulumeni.”   

Umengameli ukhulume into ezwakalayo impela ngesikhathi ekhuluma ngezinguquko okufanele zenzeke komasipala lapho isethembiso sakhe sokubonisana ukuze kuhlanganiswe isiphakamiso ngomgomo womasipala, sisijabulela khona. 

Loku kufanele kuxazulule izinkinga eziningi, hhayi nje zokungaphathwa kahle kwemali kodwa namazinga aphezulu ezikweletu ezikweletwa omasipala nabazikweletayo nabo.

“Ukuthi umengameli ulibeke ngembaba elokuthi indlela omasipala abaxhaswa ngayo ngemali izobuyekezwa kulo mgomo ozohlanganiswa kubalulekile. Indaba yezikweletu iyekelelwe isikhathi eside kanti iyahlupha ngempela futhi inqinda inqwaba yomasipala ukuthi bakwazi ukuhlinzeka ngezidingo,” kusho uNksz uMavuso.  

URamaphosa uthembise futhi ukuthi izohlukaniswa imali engeniswa wugesi namanzi ukuze eyamanzi izosetshenziswa omasipala ezintweni eziqondene namanzi kunokwenza ezinye izinto. 

“Ukuthi usebenzise inkulumo yakhe egxile kakhulu ekubalulekeni kokulungisa omasipala ukuze babuyele esimweni endleleni okuphathwa ngayo amanzi nogesi ngenye into ekhuthazile ngoba kutshengisa ukuthi uhulumeni uyabona ukuthi kubaluleke kangakanani emnothweni ukuthi kubenomasipala abasebenza kahle,” kusho yena.  

Ukugxila kwakhe ekuqinisekiseni ukuthi kunamanzi ezweni kutshengisa ukuthi ukwethula izinguquko emanzini kuqale kahle njengoba kukhona uR23 billion wemali kahulumeni ozosetshenziselwa izinhlelo zengqalasizinda yamanzi eziyisikhombisa. Uthe: “Sizoqikelela ukuthi sizokwandisa ukugxila kwethu emanzini futhi kuyashesha.”  

Mayelana nokuthuthukisa ingqalasizinda, lilonke iBLSA idumele ngokuthi awukho umfutho otheni. Akukho okumenyezelwe okutshengisa ukusheshisa lolu hlelo futhi ubambelele ekutheni imali abazama ukuyingenisa ukuthuthukisa ingqalasizinda wuR100bn. Nokho-ke uthe isicelo sokuphuthumisa ukulungela abatshalimali sizofaka imithetho ebuyekeziwe yokusebenzisana kukahulumeni nemboni ezimele okufanele kulethe amakhono nemali okuqhamuka embonini ezimele.  

Lesi yisethembiso esesike senziwa kanti iBLSA inxusa uhulumeni ukuthi uphothule lezi zinguquko ukuheha abatshalimali abazimele kwingqalasizinda.  

Nokho-ke umengameli ukucacisile ukuthi ukulungisa i-Eskom neTransnet yizona zinto agxile kuzona. Uthembise ukuthi izinguquko ezinqala zizophothulwa. 

I-BLSA iyakujabulela loku kuzibophezela ekutholeni izindlela ezintsha zokuheha abatshalimali bemboni ezimele. Nokho-ke akufanele kubhekwe kude kakhulu. imboni ezimele ikulungele ukutshala kwingqalasizinda yezitimela namachweba, inqobo nje uma izodedelwa ukuthi yengamele enye ingqalasizinda ngezindlela ezicacile futhi ezisemthethweni. 

Kuvele kunezigidi esezitshaliwe ekuphehleni ugesi ngenxa yezinguquko ezivumela imboni ezimele ukuthi yakhe izindawo zokuphehla ugesi futhi idayisele i-Eskom. Ukuzibophezela futhi kukamengameli ukusungula imboni kagesi encintisanayo kuzoqinisekisa ukuthi loku kutshala imali kuyaqhubeka.  

Uphinde wethula izinhlelo zokuqinisa ukusebenza kukahulumeni okufaka ukuthula uhlelo lokuqasha abantu abaneziqu zemfundo ephakeme uhehe abantu abafundele umsebenzi. 

“Yizindaba ezinhle lezi ngoba okwenzekayo okwamanje wukuthi umnyango nomnyango uyaziqashela ngeyawo indlela,” kusho uNksz uMavuso.  

Nokho unxuse ukuthi ziphuthunyiswe zonke ezinye izinhlelo zokuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni.  

Umengameli uphinde wathi izophinde iphuculwe indlela esetshenziswa ukukhipha ama-visa ukwenza kubelula ukuthi abantu abanamakhono beze eNingizimu Afrika nokusimamisa ezokuvakasha futhi umemezele ukuthi u-90% wezicelo zama-visa eziwu-300 000 ebezibambezelekile seziphothuliwe.  

“Sithi halala. Bekuyinto eyaziwayo ukuthi indaba yama-visa abafisa ukuzosebenza lapha (eNingizimu Afrika ) ibikuphazamisa kanjani ukusebenza kwamabhizinisi,” kusho uNksz uMavuso.  

Isimemezelo sakhe sokuthi isigaba sokuqala sokuxhasa izingane zabantu abangakwazi ukuxhaswa yisikhwama sikahulumeni kodwa futhi abangenamali yize bethathwa njengabasebenza kahle, phecelezi i-missing middle, siyajabulisa futhi osomabhizinisi balizwile ikhwelo elihlatshiwe lokuthi bazame ukwandisa abafundi ababaqashayo.

Nokho umshwalense wezempilo i-National Health Insurance (i-NHI) uyaqhubeka nokukhathaza. I-BLSA iyakweseka ukuthi kuncishiswe ukungalingani kwezempilo nokuqikelela ukuthi wonke umuntu uyaluthola usizo lwezempilo. “Nokho, uphinde wangasho ukuthi loku (lo mshwalense wezempilo) kuzokhokhelwa kanjani. Uma kungakacaciswa loko, asikwazi ukuweseka lo mthetho.”  

I-BLSA iyasamukela isiqinisekiso esenziwe wuengameli sokuthi iziphakamiso ezaqhamuka kwiKhomishini kaZondo sokulwa nenkohlakalo ziyasukunyelwa, yize isimemezelo sophiko oluzolwa nenkohlakalo ngokusebenzisana neminyango yonke lungeyona ncamashi le nto eyaphakanyiswa yiJaji uMnu uRaymond Zondo.  

UNksz uMavuso uthe nokho ukusungula i-digital lab ezoseka ukulwa nenkohlakalo nobugebengu obuthinta amabhizinisi kuyakhuthaza kanti iBLSA imagange ukuzwa imininingwane ngako “futhi ikulungele ukulekelela lapho ingakwazi khona”.  

I-BLSA isiyeseke abashushisi ngesivumelwano enaso noPhiko lokuShushisa eZweni loNke olwenza lukwazi ukuthola amakhono emboni ezimele abantu abakwazi ukuphenya. 

URamaphosa uthembise ukuqinisa uhlelo lwabantu abaqhumbuza ithumbu ngobugebengu nokulwa nokuxhasa izenzo zobushokobezi. “Loku kuzolekelela izinguquko esezivele zenziwe ukukhipha iNingizimu Afrika kwi-grey list yeFinancial Action Task Force njengoba izinto eziwu-16, kwezingu-22, sezilungisiwe,” kusho uNksz uMavuso. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/10/05/sibeka-umnotho-engcupheni-ngokulengela-ohlwini-i-grey-list-kuloba-ubusi-mavuso/

Mayelana neG20, iBLSA iyakuseka ukuzibophezela kukamengameli ukubeka eqhulwini izidingo ze-Afrika namanye amazwe aseningizimu emhlabeni. Ugcizelele nokubaluleka kokusebenzisana nezinhlangano ezinjengeNhlangano yeZizwe, i-African Union, i-Non-Aligned Movement namazwe eBrics. 

Lilonke iBLSA ikhuthazekile ngokuthi kugxilwe ekusheshiseni izinguquko nokuqinisa izindlela zokulwa nenkohlakalo ezweni.

“Yize izinselelo ziqhubeka, esesikuzuzile ngenxa yezinguquko ezenziwe, ikakhulu eziqhamuke nge-Operation Vulindlela, ziletha ithemba ukuthi nezinto ezinzima ezisihlalele ukuguqula omasipala nemboni yamanzi zizokwenzeka,” kuphetha uNksz uMavuso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page