Ibhekwa ngabomvu eyesikweletu sezwe kwisabelomali
WUSLINDILE KHANYILE
ABAHLAZIYI bomnotho abazimele bayavumelana ngokuthi ukungakhuli komnotho waseNingizimu Afrika yiyonanto enqinda ukuthuthuka kwezwe. Nokho ababoni ngaso linye ngodaba lwesikweletu sezwe, ukusiphungula okungenye yezinto eziseqhulwini kuhulumeni.
NgoLwesithathu uNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzothula isabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS), kanti enye yezinto okubhekwe ukuthi akhulume ngazo wukuthi kuhamba kanjani ngokuphungula isikweletu sezwe, okulindeleke ukuthi sinyukele kuR6.29 trillion ngo-2026/27 (okuwu-74.7% womthamo womnotho), sisuka kuR5.21trn ngo-2023/24 (okuwu-73.9% womthamo womnotho).
Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe uma kubhekwa amanye amazwe, izikweletu zawo zinyukile kakhulu kusukela nge-COVID-19 njengoba amazwe amaningi enezikweletu ezimi cishe ku-93% womthamo womnotho awo.
“Ngakho-ke ukuba nesikweletu esiwu-75% womthamo womnotho akuyona into okufanele ibabazeke kangako uma sibheka okwenzeka kwamanye amazwe. Eminyakeni ewu-15 edlule, lesi sikweletu sinyukile sisuka ku-26% womthamo womnotho njengoba manje sesiku-75% kodwa lokho kuyinkomba yokuthi umnotho awukhuli.
“Yebo kubalulekile ukuthi imali uma uyiboleka uyibolekela ini ngoba uma uboleka imali ukubheka izidingo zakho zansuku zonke esikhundleni sokuyibolekela ukutshala kwingqalasizinda, okuzokungenisela imali ngomuso, akusizi. Nokwehlisa imali esetshenziselwa ukuthuthukisa ingqalasizinda wumphumela womnotho ongakhuli,” kusho yena.

UGqubule uthi asisikhulu okubabazekayo isikweletu sezwe
Nokho omunye umhlaziyi womnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthe uthemba ukuthi uhulumeni ngeke uzibophezele ezintweni ozokwenza ukuthi isikweletu sinyuke kwesiyiko, kwazise imali uhulumeni oyingenisayo incane.
“Ngifisa ukuthi uNgqongqoshe uGodongwana abenesibindi angazami ukuzenza umuntu ofuna ukuduma, bafake izinto uhulumeni ongeke ukwazi ukuzikhokhela. Kunabantu abawu-28 million abathembele kwizibonelelo kodwa abakhokha intela bangu-7.4m. Kunabantu abacabanga ukuthi imali imila esihlahleni, nokungakho befuna kwethulwe i-basic income grant kodwa ngiyajabula ngoba ngiyazi ukuthi uhulumeni ngeke uyifake leyo,” kusho yena.

UDumisa uthi uhulumeni kufanele ugweme ukwandisa isikweletu osithathayo
KwiSabelomali ngoFebhuwari uhulumeni wamemezela ukuthi uzosebenzisa uR150 billion eminyakeni emithathu ezayo ukunciphisa isikweletu sezwe, imali ezocashunwa esikhwameni esiwugadingozi i-Gold and Foreign Exchange Contingency Reserve Account Reform, esenganyelwe yiBhange loMbuso.
Ngonyaka wezimali u-2024/25 uhulumeni uzothatha uR100bn kulesi sikhwama, kuthi ngo-20025/26 uthathe uR25bn, kuthi ngo-2026/27 uphinde uthathe omunye uR25bn
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/21/ungqongqoshe-wezimali-akadanselanga-isigingci-sabafuna-ukwenza-noma-yikanjani/
Isiyonke imali ezothathwa kulesi sikhwama wuR250bn kodwa uR100bn uzobuyiselwa kwiBhange loMbuso ukubheka izindleko ezibizwa ngama-sterilisation cost nokucupha uma kwenzeka irandi libanamandla ngoba loko kuzosho ukwehla kwenzalo engena kulesi sikhwama uma irandi lintekenteke.
UGqubule uthe ngeke amangale uma uhulumeni uphinde ubanenselelo yokuntuleka kwemisebenzi. Uma ekhuluma ngabantu abangasebenzi, usebenzisa lesi sibalo esibheka loku ngeso elibanzi, phecelezi i-expanded definition.
“Sinenkinga enkulu yabantu abangasebenzi. Bawu-12.4m noma u-46%. Kulabo bantu, abawu-47% ngabantu abamnyama kuthi abawu-54% ngabantu besifazane abamnyama. Uhulumeni uzoqhubeka uyizibe le nto ngoba ukuze sikwazi ukuqasha bonke abantu abangu-700 000 abasuke belungele ukusebenza njalo ngonyaka, kufanele umnotho ukhule cishe ngo-4%. Ukunciphisa isibalo sabantu abangasebenzi, kufanele ukhule ngo-6%.
“Noma yini enye eshiwoyo kwiSabelomali ayithi shu ngoba into ebalulekile okufanele siyibheke wukuthi kuthiwa umnotho kulindeleke ukuthi ukhule kanjani. Uma ubheka konke okushiwo yi-IMF (i-International Monetary Fund) neBhange loMhlaba, umnotho uzokhula ngo-1.7% ngo-2025, kuthi ngo-2026, ukhule ngo-1.8%,” kusho uGqubule.
Uthe imigomo kahulumeni yiyo eklinya umnotho kanti uthe njengoba kuzoncishiswa lezi zinhlelo ezilekelela ukuqasha abantu ama-public employment programme ngoba kuzanywa ukunciphisa uR10bn, abantu bazothwala kanzima kakhulu.
UDumisa uthe kuhle ukuzwa ukuthi uhulumeni awuzibophezeli ekunyuseni imiholo yezisebenzi zawo ngo-7.5% ngoba loko kuzowugqilaza kakhulu. Nokho uthe ulindele ukuthi uhulumeni kusazofanele utakule amabhizinisi awo ehlukene ukufukula umnotho.