Luyaqhubeka uhlelo lokubhalisa amaspaza eThekwini
INTATHELI YOMBELE
YIZE ukubhalisa amaspaza kuvale mhlakaka-28 wangoFebhuwari kodwa uMasipala waseThekwini ukhuthaza abanikazi bawo abangakabhalisi ukuthi baqhubeke nokuwabhalisa.
Umasipala uthi uthole izicelo zokubhalisa amaspaza ngokusemthethweni eziwu-6 110. Sekukhishwe amalayisensi awu-1 562 kanti uhlelo lokubhalisa lusaqhubeka.
Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi kubalulekile ukuthi abanikazi bamaspaza baqhubeke nokuwabhalisa.
“Yize usuku lokubhalisa amaspaza obelubekwe wuhulumeni wezwe seludlulile kodwa kufanele wonke abhalise ukuze ahwebe ngokusemthethweni. Umkhankaso wokubhalisa amaspaza uqale ngoNovemba wonyaka odlule, wavala mhlaka-28 kuFebhuwari. Inhloso yawo bekuwukuqinisekisa ukuthi ukudla okudayisa emaspaza kuphephile futhi ahweba ngokusemthethweni. Nginxusa abanikazi bamaspaza ukuthi bazowabhalisa ngokusemthethweni,” kusho imeya.
Abanikazi bamaspaza bayaqhubeka nokubhalisa emahhovisi akhipha izimvume zokuhweba aseduze nabo.
UXaba uthi izisebenzi zikamasipala zizoqhubeka nokubhalisa amaspaza emahhovisi ezifunda amahlanu.
Njalo ngenyanga kuzobanezithangami zokuqinisekisa ukuthi abanikazi bamaspaza balandela umthetho ezizokwenziwa kuwo wonke amawodi futhi kubenethuba lokuthi abangabhalisanga bakwazi ukubhalisa bathole nolwazi oluqondene nabo.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/26/kunxuswa-abanikazi-bamaspaza-ukuthi-bawabhalise/
“Sizimisele ukusiza osomabhizinisi ukuthi balandele imithetho yokuhweba,” kusho yena.
Njengoba usuku lokubhalisa amaspaza seludlulile, umasipala usebenzisana namaphoyisa nezinye izinhlaka ukuqinisa izinhlelo zokuwahlola.
“Amabhizinisi angenazimvume zokuhweba futhi aphula umthetho kufanele azi ukuthi azohlawula. Kuzokhishwa izixwayiso bese kuthi lapho isimo sisibi kakhulu avalwe. Kusukela ngoSepthemba wonyaka odlule sikhiphe izixwayiso eziwu-395 futhi sahlawulisa abanye,” kusho uXaba.
Abanikazi bamaspaza abangabhalisanga ngesikhathi nabangayitholanga impendulo ngezicelo abazifakile kufanele bavakashele amahhovisi akhipha izimvume zokuhweba aseduze nabo. Bangathinta ihhovisi elikhipha izimvume ngokushayela u-031 311 4535 noma bathumele i-email licensing@durban.gov.za.
Ukufaka isicelo semvume yokuhweba osomabhizinisi bangavakashela lezi zindawo ezilandelayo:
- E-7th Floor e-Embassy Building, 199 Anton Lembede Street noma bashayele u- 031 311 4535;
- USizakala Centre ose-Winklespruit, e-9 Mayors Mews eWinklespruit noma bashayele u- 031 311 5870;
- USizakala Centre osePinetown Civic Centre e-60 Kings Road ePinetown noma bashayele u- 031 311 6209;
- USizakala Centre oseVerulam eGround Floor e-151 Wick Street eVerulam noma bashayele u-031 322 1803;
- USizakala Centre oseMidway Crossing Mall e-5 Ntuzuma Main Road noma bashayele u-031 311 4387.