UMnu uSipho Maseko we-AfriFund Investments ungomunye wabantu okubhekwe ukuthi babengabananikazi abasha beMultiChoice osekuphasisiwe ukuthi ithengwe yiCanal+ yaseFrance. Isithombe: Sithunyelwe

Seliduma emasumpeni ngokudayiswa kweMultiChoice 

YINTATHELI YOMBELE 

IKHOMISHINI yokuNcintisana isiphakamise ukuthi iCompetition Tribunal iphasise isiphakamiso sokuthi iCanal+ ithenge iMultiChoice kodwa kunemibandela ebekiwe. 

Ukuhlanganisa lezi zinkampani zombili kulindeleke ukuthi kudle uR26 billion eminyakeni emithathu ezayo. 

I-Canal+, yaseFrance, iyingxenye yeCanal+SA ehweba eLondon Stock Exchange, kuthi iMultiChoice ingabanikazi beShowmax, iSupersportbet, iDSTV Media Sales nezinye kanti yona ihweba kwiJohannesburg Stock Exchange. 

“Ikhomishini ibona ukuthi lesi siphakamiso esenziwe sokuhlanganisa lezi zinkampani ngeke sinciphise noma sivimbe ukuncintisana. Kodwa ukubheka iqhaza elibalulekile elidlalwa yiMultiChoice embonini yemikhiqizo enama-video eNingizimu Afrika nokubheka izinto abantu abahlukene abakhathazeke ngazo, ikhomishini yenze isiphakamiso sokukuphasisa loku kodwa kunemibandela ethinta imisebenzi, ukwandisa ubunikazi babantu ababencishwe amathuba nezisebenzi ze-Orbicom neLicenceCo nokuzibophezela ekuqhubekeni nokuthenga izindaba kubantu abahlukene ukuze kuzwakale abantu nezindaba ezihlukene,” kusho ikhomishini. 

Phakathi kwabantu abazoba ngabanikazi abasha beMultiChoice njengoba kunezinto ezizoshintsha ngobunikazi bayo wuMnu uSipho Maseko we-AfriFund Investments. 

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2020/12/07/wenza-ezibukwayo-etelkom-inkampani-kahulumeni-kodwa-hhayi-ebalwa-nezidinga-ukutakulwa-umnu-usipho-maseko-uxoxe-noslindile-khanyile-ngohambo-lwakhe/

UMaseko wake waba yisikhulu esiphezulu seTelkom. Lezi zinkampani zivumelene ukuthi abekho abantu abazodilizwa eminyakeni emithathu yokuqala futhi zizibophezele ekutheni abanikazi beLicenceCo kuzoba kakhulu ngabantu ababencishwe amathuba nezisebenzi. Zithembise nokuqhubeka nezinhlelo zokunikela emphakathini ezifana nokuthuthukisa amakhono embonini yethelevishini nezemidlalo. 

Ngaphezu kwalokho iCanal+ ithembise ukuthi ikomkhulu leMultiChoice lizoqhubeka nokuba seNingizimu Afrika nokuthi izothenga izinhlelo zethelevishini kubantu ababencishwe amathuba, ezinkampaninini ezincane futhi izodayisa lezi zinhlelo kwamanye amazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page