INingizimu Afrika ayihlale iqaphile ngisho isiphumile kwi-grey list – umnyango
INTATHELI YOMBELE
IBHANGE lomBuso lithi ukulunga kwezikhalo eziwu-22 ezafaka iNingizimu Afrika kwi-grey list akusho ukuthi izinhlaka ezisebenza ngemali nomthetho sekufanele ziphumule kodwa kufanele zihlale ziqaphile ngoba iFinancial Action Task Force (iFATF) izotheleka kuleli zwe ngo-Okthoba.
Ngempelasonto iBhange lomBuso lithe yizindaba ezinhle ukulunga kwezikhalo zeFATF, inhlangano eqapha ukusebenza kwemali emhlabeni, kodwa kufanele kwenziwe isiqiniseko sokuthi izwe alibuyeli endaweni ebelikuyona uma kukhulunywa ngokungagadi ukushushumbisa imali.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/24/sekusele-kancane-ukuthi-iningizimu-afrika-iphume-kwi-grey-list/
UmNyango weziMali umemezele ukuthi iNingizimu Afrika isizisukumele zonke izikhalo eziwu-22 zeFATF. Lezi zikhalo ziholele ekutheni leli zwe lifakwe ohlwini lwamazwe angasiqinisi isandla ekuqapheni imali eshushumbiswa yizigebengu, ezigcina seziseka abashokobezi, phecelezi i-grey list.
Usomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa uthe ukulunga kwazo zonke izikhalo kukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika isishaya ngolunye unyawo.
“Yizindaba ezinhle lezi ezikhombisa ukuthi uma sizimisele futhi siyakwazi ukulungisa izinto. Kuhle ukuthi izwe lethu liyakuqapha ukungena nokuphuma kwemali ukuze ingaweli ezandleni zezigebengu nabashokobezi. Kuzobuya ithemba nakubatshalimali uma bebona ukuthi umthetho uqinile futhi abawuphulayo bathathelwa izinyathelo,” kusho yena.
Esitatimendeni, umnyango uthe iFATF imemezele emhlanganweni wayo obuseStrasbourg, eFrance, ukuthi iNingizimu Afrika isikulungisile konke obekungahambi kahle futhi isizophuma kwi-grey list.
Uqhube wathi ukuphothula konke obekukhalwa ngako kusho ukuthi sekusele isinyathelo sokugcina sokuthi iFATF ikhiphe iNingizimu kulolu hla. Loku kulindeleke ukuthi kwenzeke ngo-Okthoba uma iFATF isivakashe eNingizimu Afrika.
I-FATF income iNingizimu Afrika ngokunyusa izinhlelo zokuqapha, ukuphenya nokushushisa abashushumbisa imali nokuthuthukisa ubuchwepheshe.
Umnyango uthe kubalulekile ukuthi iNingizimu Afrika isiqaphe ngeso lokhozi isimo sokushushumbisa imali ngenxa yomlando wayo wokusebenzisa umbuso ngabantu abafuna ukufeza izinhloso zabo.
“Ukulungisa izikhalo zeFATF ngeke kusisize ngokuphuma kwi-grey list kodwa kuzosiza nokuthi siqinise izinhlelo zokulwa nobugebengu nenkohlakalo. Kuzosiza nokubuyisa isithunzi sezwe odabeni lokuphatha imali,” kusho isitatimende.
Umnyango uthe ngo-Okthoba iFATF izobe izokwenza isiqiniseko sokuthi zonke izincomo zayo ziyasetshenziswa futhi iNingizimu Afrika iyalwa ngempela nokushushumbisa imali, ukuxhasa abashokobezi ngemali nobunye ubugebengu obuthinta imali.