‘IBhange loMbuso lehlise umthwalo emahlombe abanikazi bezindlu’
WUSLINDILE KHANYILE
ABANTU baseNingizimu Afrika abakhokhela izindlu abazithenge ngokuboleka imali ebhange bazokonga cishe uR6 billion ngonyaka njengoba iBhange loMbuso liphinde lanciphisa imalimboleko.
Usho kanje uMnu uThabani Ndwandwe, i-chief risk officer eStandard Bank, ngesikhathi ephawula ngesinqumo sokwehlisa imalimboleko ngo-25 basis points esimenyezelwe wumphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago izolo.
“Yisinqumo ebesisilindele lesi kanti sizokwenza umehluko omkhulu kubathengi. Umuntu owaboleka uR1 million ukuthenga indlu uzokonga uR200 emalini ayikhokhayo. Kusho ukuthi sekuhlangene (kusukela kuqalwe ukwehliswa imalimboleko), usezokonga uR600.
“Uma sibahlanganisa bonke abantu abakhokhela imizi ngemali abayiboleke emabhange ezweni, imali abayikhokhayo izokwehla ngoR6 billion ngonyaka. Yimali enkulu leyo,” kusho uNdwandwe.
Ukwehla kwemalimboleko ngo-25 basis points kusho ukuthi i-repo rate (inzalo iBhange loMbuso eliyikhokhisa amabhange) isiwu-7.5%, kuthi i-prime rate (inzalo amabhange ayikhokhisa amakhasimende) isiwu-11%.
UKganyago uthe mane amalungu ekomiti elenza lesi sinqumo iMonetary Policy Committee avumelene ngesinqumo, kwathi amabili abefuna ukuthi ingashintshwa. Uthe njengoba babeshilo, kukhona izingozi ezikhona ngenxa yokushintsha kwezinto eMelika.
Kusukela ngoSepthemba, iBhange loMbuso selinciphise imalimboleko kathathu kulandelana.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/22/izokwehla-nakanjani-imalimboleko-ungoti/
UNdwandwe uthe lesi sinqumo sizobuyisa ithemba kumakhasimende ngoba axakekile ngenxa yezikweletu azoba namandla okuzikhokhela njengoba inzalo incipha.