Umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke ethula umbiko womasipala wango-2023/24. Isithombe: wuSlindile Khanyile

Umcwaningimabhuku usole izimeya nosomlomo ngokungaphathi kahle izimali komasipala 

WUSLINDILE KHANYILE 

IZINTO zimapeketwana komasipala futhi nemali iyaqhubeka nokungasetshenziswa ngendlela efanele ngoba abantu okufanele bagade imali yemikhandlu, okufaka kubona nabaholi bepolitiki, abawenzi umsebenzi wabo. 

Usho kanje umcwaningimabhuku-jikelele uNksz uTsakani Maluleke izolo ngesikhathi ethula umbiko oveza ukuthi omasipala bayengamele kanjani imali abebelwe yona ngo-2023/24. 

UNksz uMaluleke uthe kusekuningi okungenzeki ngendlela komasipala futhi ngeke kulunge uma kungakafiki esikhathini lapho wonke umuntu okuwumsebenzi wakhe ukubheka imali yomasipala efaka isandla ukuqikelela ukuthi izinto zenziwa ngendlela efanele. Uthe akakhulumi nje ngezimenenja zomasipala nabaphathi bezimali kuphela. 

“Kuzodinga wonke umuntu oyingxenye yokwengamela imali yomasipala ukuthi afake isandla ukuze kushintshe indlela izinto ezenziwa ngayo. Kufanele izinto zihlale obala, kubekhona abaphendulayo (ngezinqumo ezenziwayo) futhi kusetshenzwe ngendlela eqotho. 

“Kulula ukubheka umuntu oqondene ngqo nemali kodwa siyakholwa ukuthi uma izimeya, osomlomo kuze kufike kongqongqoshe bomasipala ezifundazweni koqondene nabo ezweni lonke, bengenza umsebenzi wabo wokugada okwenzekayo njengokusho komthetho, kuningi okungalunga. Lapho izimeya zikwenza khona okuqondene nazo, izinto ziyalunga. Akufanele kubenomasipala othola umbiko omubi iminyaka ilandelana kodwa imeya yawo ingazihluphi ngaloko, ingabuzi mibuzo,” kusho yena. 

Bawu-257 omasipala ezweni lonke kanti imali abayisebenzise kulo nyaka obucwaningwa iwuR561.95bn. Ngesikhathi umbiko ohlanganiswe ngaso, abayishumi bebengakayilethi imibiko yabo yize izolo uNksz uMaluleke ethe kwabayishumi sekusele abathathu kuphela abangayilethile. 

Kwabawu-247 abacwaningwe ngesikhathi, bawu-41 abathole imibiko emihle kwathi abawu-99 bathola imibiko emihle kodwa enogcobho. Abawu-90 bathole imibiko engemihle okunezinto ezidinga ukulungiswa, kwathi abayisithupha bathola imibiko emibi kakhulu. Imibiko yalabo ebixake kakhulu kangangokuthi bekunzima ukuyikholwa, bawu-11. 

UNksz uMaluleke uthe kusukela uqala lo hulumeni ophethe omasipala ngo-2021/22, bawu-59 omasipala asebephucule indlela abenza ngayo kanti abawu-40 bahlehlele emuva. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/27/akufanele-omasipala-beneliswe-yimibiko-emihle-kodwa-enogcobho/

“Kuhle ukuthi sesiphinde sabuyela lapho omasipala abathola imibiko emihle bewu-41 kanti kuyancomeka ukuthi nesibalo somasipala abathola imibiko emibi kakhulu sesinciphile sisuka kwewu-21 ngo-2021/22 njengoba manje sebewu-14 kodwa nabo abawu-14 basebaningi. 

“Abathola imibiko engemihle okunezinto ezidinga ukulungiswa, kuyinkomba yokuthi komasipala abakabibikho abantu futhi akukasetshenzwa ngendlela yokuthi ungaba nesiqiniseko sokuthi imali oyabela omasipala izokwenza loku eyabelwe khona futhi izothola izithelo ezilindelekile kubo,” kukhala uNksz uMaluleke. 

Uthe kulaba omasipala abawu-99 abathole imibiko emihle kodwa enogcobho, abawu-71 bebelethe imibiko engekho ezingeni elifanele njengoba ethe lena yinkinga edlangile kubo bonke omasipala. Uthe yize abaningi bethembela kakhulu ekusebenziseni izinkampani ezizimele ukuhlanganisa imibiko yabo kodwa naloko akubonakali kusiza ngoba akukho mehluko otheni. 

ELimpopo naseNorth West, umbiko yomcwaningimabhuku-jikelele uveze ukuthi baphila ngokuthembela ezinkampanini ezizimele ukuhlanganisa amabhuku. Lezi zinkampani zidle omasipala uR848.85m kulo nyaka wezimali.  

“Ayikho into embi ngokusebenzisa izinkampani ezizimele kodwa esikutholayo wukuthi akekho obhekayo ukuthi umsebenzi owenziwa yilezi zinkampani usezingeni elifanele yini ngoba ngisho sezilethiwe kodwa umsebenzi usuke ungenziwe kahle. Siyazi ukuthi kokunye azinikwa isikhathi esanele,” kusho uNksz uMaluleke. 

Kunomasipala abawu-174 abasebenzise uR31.79bn obungagunyaziwe kanti ekupheleni kwalo nyaka wezimali, omasipala bebeshoda ngoR11.29bn njengoba abawu-90 besebenzise imali engaphezu kwababelwe yona.

Komasipala abakhulu, ama-metro, uwodwa kuphela othole umbiko omuhle, okuwumasipala waseKapa. Kulabo masipala abakhulu kunoR33.29bn ongasetshenziswa ngendlela efanele kusukela ngo-2021/22. 

UNksz uMaluleke uthe ngisho imisebenzi yokwakha nokuthuthukisa ingqalasizinda ibheda nje komasipala ngoba kwenziwa noma yikanjani ngemali. Uthe bahambele imisebenzi ewu-113 beyobheka ukuthi kusetshenzwa kanjani kanti ewu-77% izinto bezibheda njengoba kweminye imisebenzi ibingekho ezingeni, ibibambezelekile futhi igcine idla imali engaphezu kwalena eyayihlelelwe. 

Ukhale nangokuthi omasipala abakuhleleli kahle ukunakekela ingqalasizinda, wathi ngenye yezimbangela zokuthi abantu bangahlinzekwa ngezidingo kahle.

Ubalise kakhulu nangomasipala osekwavele kwamukelwa ukuthi izinto ziyabheda kubo, iningi labo abaseFree State.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page