I-KZN ilungisa amabhilidi anganakiwe ukuvula amathuba omsebenzi
WUTHOBILE ZWANE
IKWAZULU-NATALI izoguqula amabhilidi angasetshenziswa nezindawo ezingenabantu zibengamathuba abalulekile.
Loku kuvele ngesikhathi kunengqungquthela i-Build KZN Better Conference 2025 ebigxile kwi-Property Management e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, eKZN, kuleli sonto.
Le ngqungquthela ebiyizinsuku ezimbili ihlanganise abaholi onhloso yabo bekuwukubhekana nezindawo zasemadolobheni nezindawo ezinganakiwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Akwakhiwe iKZN engcono”.
Le ngqungquthela ebinabantu abangaphezu kuka-500, okuhlanganisa abadwebi bezakhiwo, abathuthukisi bezakhiwo, abahleli bezindawo zasemadolobheni nabatshalimali, bahlangane ukudingida ukuvuselela umkhakha wezakhiwo eKZN nokuthola izixazululo kwizinselelo ezikhona.
Ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda eKZN uMnu uMartin Meyer ugxile ezindaweni zesifundazwe ezingasetshenziswa, wathi umnyango wakhe unezakhiwo ezingaphezu kuka-10 000 nomhlaba ongabiza uR20 billion.
Uthe kunezakhiwo eziwu-133 esifundazweni sonke, eziyisikhombisa ezidayiswayo, eziwu-28 eziqashiswa isikhathi eside neziwu-108 ezingasetshenziswa umphakathi.
“Kufanele senze lezi zakhiwo zisebenzele abantu baseKZN, sinikele ngezakhiwo ezintathu ezinomlando eThekwini iSeamen’s Institute, iPink Westpoint Lodge nePalm Beach Hotel ukuze kuthuthukiswe idolobha,” kusho yena.
Ungqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda ezweni lonke uMnu uDean Macpherson ukhulume ngombono kahulumeni wokuthuthukisa iNingizimu Afrika ngokwakha.
“Loku kuzosiza ukukhulisa umnotho futhi kwakhe izinkulungwane zemisebenzi emisha. Sihlose ukuheha abatshalimali abaningi bengqalasizinda. Izindawo zomphakathi kufanele zisize umphakathi,” kusho yena.
UMacpherson ubalule ukukhishwa kwezakhiwo ezweni eziwu-27 zokuqala, okuhlanganisa i-Excelsior Court yaseThekwini nePolice Barracks, ukuze kusebenzisane uhulumeni nezinkampani ezizimele ziqashiswe noma kudayiswe.
Uthi izinkampani eziwu-663 nabantu bafake izicelo bekhombisa intshisekelo enkulu emandleni alo mkhakha.
“Kancane kancane, senza umnyango ubambisane ukuthuthukisa ingqalasizinda. Okwamanje,sesiyibonile imisebenzi emisha ewu-180 000 eyakhiwe ngonyaka odlule, ukukhula kokuqala okukhulu ngemva kweminyaka yokwehla,” kusho yena.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/15/kubekwe-ur217bn-ozoguqula-izinto-ethekwini-imeya/
Ibamba lenhloko yomnyango uMnu uVish Govender lithe lamabhilidi anganakiwe aphazamisa uhulumeni kakhulu njengoba eheha izigebengu, zibalekisa abatshalizimali.
“Inselelo esinayo siyizinkampani ezizimele nezinhlaka zikahulumeni wukuthi singabagcini bezindawo ezenza izimpilo zabantu. Nokho akuyona nje inselelo yokuphatha izakhiwo kodwa ngeyabantu. Izindawo esiziphethe namuhla zizokhomba i-Afrika esiyishiyela isizukulwane sethu,” kusho yena.
Imeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba igcizelele ukubaluleka kokwenza idolobha libeyindawo ephephile nelungele abatshalizimali.
“Idolobha elihlanzekile nelivikelekile liheha amabhizinisi, likhulise umnotho futhi lakhe namathuba omsebenzi. Idolobha selikhiphe nezakhiwo eziwu-157 ukukhuthaza ukutshala imali kanti eziwu-97 ezikhona ezilungele ukusetshenziswa,” kusho yena.
Isikhulu seMaster Builders SA UMnu uSam Ngcongo sithe kuwumbono omuhle ukwenza izwe libeyindawo yokwakha kodwa kunezinselelo okufanele zixazululwe.
“Okunye, wukungakwazi ukwenza izinhlelo. Okunye wudaba lokuhlaselwa ezindaweni zokusebenza; yikona esibhekana nako sonke nokushoda kwamakhono afanele emnyangweni. Empeleni lezo yizinkinga ezizodinga ukusukunyelwa,” kusho yena.