Ukudla kubiza ukudlula amaholo: ucwaningo
WUBONISWA MOHALE
INHLANGANO eyenza ucwaningo ngamanani okudla nesimo senhlalo eNingizimu Afrika iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group (iPMBEJD) ithi ukunyusa intela ekhokhwa uma kuthengwa izimpahla i-value added tax (i-VAT) kuzofana nokujezisa abantu abampofu.
Le nhlangano ikhiphe ucwaningo olusha olukhombisa ukuthi ukudla kwenyanga yonke komndeni onabantu abayisithupha kuya phezulu kubiza uR5 313.22 ngale nyanga (uFebhuwari).
Ithi ngoFebhuwari ngonyaka odlule ukudla komndeni onabantu abayisithupha kwakubiza uR5 277.30.
Umdidiyeli wezinhlelo ePMBEJD uMnu uMervyn Abrahams uthi uma ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana esethula iSabelomali akufanele acabange nokucabanga ukunyusa i-VAT.
Ucwaningo lwePMBEJD lwenziwa kubantu besifazane abathenga ukudla nenyama eGoli, eThekwini, eNtshonalanga Kapa naseNyakatho Kapa.
“Ukunyusa i-VAT kufana nokujezisa abantu abampofu nezisebenzi ngoba yibona abazosala bengenamali yokuthenga ukudla okunomsoco. Abantu abahola kahle nezicebi zizokwazi ukunciphisa izinto ezingenasidingo ukuze zithenge ukudla okunomsoco.
“Uma kunyuka i-VAT kusho ukuthi abantu abampofu ngeke babenemali eyanele yokuthenga ukudla okunomsoco, ukukhokhela ugesi, amanzi, intela kamasipala, imali yokugibela beya emsebenzini nokwenza ezinye izidingo ezibalulekile,” kusho yena.
Uthi uhulumeni akufanele ukhohlwe wukuthi baningi kakhulu abantu abangasebenzi ezweni kanti idlanzana elisebenzayo linakekela imindeni enamalungu amane kuya phezulu.
Ukhale nangokuthi ukudla komndeni kwenyanga kubiza uR5 313.22 kodwa amaholo ezisebenzi eziningi okungezihola kancane awu-R4 412.80 ngenyanga.
“Kuncane ukudla abantu mpofu abangayikhokhi i-VAT uma bekuthenga. Lapha sibala impuphu,ukudla okusemathinini, inyama yangaphakathi namanqina. Ukudla abakuthenga kakhulu abampofu kufakwe intela lapha sibala amaveji, amafutha, izithelo nenyama,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/uhulumeni-uhlongoza-ukuchibiyela-umnotho-ngokunyusa-i-vat/
Uthi esikhundleni sokunyusa i-VAT uhulumeni kufanele unyuse izibonelelo zabantu abadala nezingane ngoba ucwaningo lukhombisa ukuthi ukudla okunomsoco kwengane kubiza uR951.64 kodwa isibonelelo sezingane siwuR530.
Ukhala nangokuthi njengoba izigidi zabasebenzi zondliwa yimpesheni yabantu abadala. U-Abrahams uthi imali yempesheni ibalulekile ngoba ukuyikhokha kufaka imali esikhwameni sikahulumeni njengoba abayiholayo bebuye bayisebenzise ukuthenga ukudla nezinye izidingo.
Lo mbono wakhe usekwa yisazi somnotho esizimele uMnu uDuma Gqubule. Uthi ukunyusa i-VAT akusona isisombululo kodwa uhulumeni kufanele uze namanye amacebo okungenisa imali.
UGqububule uthe imali yesibonelelo ibuyela kuhulumeni ngoba abayiholayo bayathenga bese uhulumeni wenza imali.
Esinye isazi somnotho uSolwazi uBonke Dumisa uthi akazi naye ukuthi uhulumeni uzoyithathaphi enye imali kodwa ukunyusa intela yanoma yiluphi uhlobo akusona isisombululo njengamanje.
“Siyakuqonda ukuthi uhulumeni uyayidinga imali kodwa ukunyusa intela akulona icebo elihle. Angazi nami ukuthi uzoyithatha kuphi imali kodwa ukunyusa intela angivumelani nakho,” kusho yena.