Ezinye izindaba ezimnandi kubathengi baseNingizimu Afrika ngamanani
YINTATHELI YOMBELE
ZIQHUBEKILE izindaba ezimnandi kubathengi baseNingizimu Afrika, njengoba izolo iStatistics South Africa (iStats SA) iveze ukuthi amanani ezimpahla aqhubekile ukwehla.
Izibalo zango-Okthoba zitshengise ukuthi amanani ezimpahla akhuphuke ngo-2.8% uma kuqhathaniswa no-Okthoba ngonyaka odlule, nokuyikona okuphansi kakhulu kusukela ngoJuni wango-2020 ngesikhathi ayeku-2.2%. NgoSepthemba ayekade ekhuphuke ngo-3.8%.
“Ukwehla kwamanani kaphethroli kuseyimbangela enkulu yokwehla kwamanani ezimpahla. Amanani kaphethroli nodizili ehle ngo-5.3% phakathi kwangoSepthemba nango-Okthoba, okwenze ukuthi amanani kaphethroli ehle ngo-19.1% kulo nyaka odlule,” kusho iStats SA.
Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala ehle ngo-3.6% ngo-Okthoba kanti yikona okuphansi kakhulu kusukela Novemba wango-2019, ngesikhathi ayehle ngo-3.5%.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/24/kubukeka-bezohleka-bodwa-abathengi-ngokhisimusi/
“Amanani akho konke ukudla neziphuzo ezingenatshwala ehlile ngaphandle kukashukela, oswidi, oncamnce neziphuzo ezibandayo. Amanani esinkwa ne-cereal anciphe ngo-0.5% phakathi kwangoSepthemba nango-Okthoba, nokwehlise amanani ngo-4.6% kulo nyaka odlule. Okuqapheleke kakhulu wukuthi amanani empuphu anciphe ngo-2.0% phakathi kwangoSepthemba nango-Okthoba, nokusho ukwehla kwesithathu izinyanga zilandelana.
“Inciphile nemali ekhokhwe ngabathengi ngezimpahla ezifana ne-spaghetti, i-macaroni, irayisi nesitambu,” kusho lesi sikhungo sikahulumeni ehlanganisa izibalo ezisemthethweni.
Amanani obisi, amaqanda noshizi anciphe ngo-4.1% ngo-Okthoba, ekubeni ngoSepthemba ayekade enciphe ngo-6.9% uma kubhekwa amanani onyaka odlule.
Kwenzeka loku nje, namhlanje iBhange loMbuso lizomemezela ukuthi iMonetary Policy Committee ithathe siphi isinqumo ngemalimboleko.
Makhulu amathemba okuthi leli komiti lizophinde liyehlise njengoba lenza ngesikhathi lihlangene ngoSepthemba.
Osomnotho baseFNB bathe balindele ukuthi iBhange loMbuso lehlise imalimboleko ngo-25 basis points kusukela namhlanje kuze kube wuMeyi ngonyaka ozayo.