Isikhulu esiphezulu seStandard Bank uMnu uSim Tshabalala sithi nakulo nyaka leli bhange lizoqhubeka nokusiza abantu, ukuphucula ubuchwepheshe nokukhula ezweni nase-Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

I-Standard bank ingenise uR45 billion ngonyaka odlule

INTATHELI YOMBELE


ZILIHAMBELA kahle izinto ibhange elikhulu ngokwezimpahla eNingizimu Afrika nase-Afrika iStandard Bank njengoba lingenise uR45 billion ngonyaka odlule.

Isikhulu esiphezulu saseStandard Bank uMnu uSim Tshabalala sithi ukungena kwale mali kukhombisa ukuthi imisebenzi yabo yokuqinisekisa ukuthi benza izinto ezihlukene nokuzibophezela kuzo zonke izinhlaka abasebenzisana nabo kuthela izithelo ezinhle.

“Sibone ukuthi imali engenile eNingizimu Afrika yandile, uphiko lwethu lomshwalense nolunakekela amabhizinisi lwenza kahle. Siyakhula nasezifundeni ezihlukene esisebenza kuzona e-Afrika. Sisaqhuba kahle ukufeza izinhlelo zethu zalo nyaka,” kusho uTshabalala esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.

I-Standard Bank sidedele imiphumela yaso yezimali izolo lapho besiveza ukuthi sisebenze kanjani ngonyaka odlule. 

Phakathi kwabazigqaja ngako wukungenisa uR45bn, ukunyusa amasheya ngo-4% ukuze lilodwa lingenise uR2.69. Bakwazile ukukhulisa isibalo samakhasimende asebenzisa leli bhange ngo-4%, afika ku-20 million. ENingizimu Afrika lesi sibalo sikhule ngo-19%.

Ezinye izifunda zase-Afrika zingenisa u-41% emalini eyenziwe ngo-2024. Imali yokuqinisekisa ukuthi ibhange lisesimweni esihle sezimali, phecelezi i-sustainable finance, iqoqwe yabawuR74bn ngo-2024 kanti uma kubhekwa imali esiqoqiwe kusukela ngo-2022 iwuR177bn.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/13/i-standard-bank-nomkhankaso-wokunakekela-imvelo/
Kuhlaluke ukuthi eNingizimu Afrika u-64% wamakhasimende eStandard Bank usebenzisa izindlela zobuchwepheshe ukufeza izidingo zawo zokubhenka.

Imali engeniswe ngezindlela zobuchwepheshe ikhule ngo-36%. Ngenyanga amakhasimende angena kwi-mobile app izikhawu eziwu-130m.

Isibalo samabhizinisi amancane esilondoloza imali yaso eStandard Bank sikhule ngo-10%. U-84% wosomabhizinisi abancane usebenzisa izindlela zobuchwepheshe ukufeza izidingo zawo zokubhenka.

Leli bhange lithi lizoqhubeka nokuthuthukisa ubuchwepheshe nokukhuthaza amakhasimende alo ukuthi asebenzisa lezi zindlela ezintsha.

“Izifunda zase-Afrika zingenise uR18.0bn nenzuzo ebuye ngokutshala ewu-28%. Ngo-2024 lezi zifunda zingenise u-40% wemali. Lapha sibala i-Angola, iGhana, iKenya, iMauritius, iMozambique, iNigeria, i-Uganda neZambia. Ukubakhona kwethu nemikhiqizo ehlukene kuyasisiza ukuthi sikhule e-Afrika,” kusho uTshabalala.

Uthe balindele ukuthi izinto zibahambele kahle e-East Afrika njengoba kungena abatshalimali abavela phesheya, imalimboleko iphansi kanti namandla emali asesimweni esifanale. Loku kwenza babone ukuthi basazokhula.

E-Afrika eseningizimu nemaphakathi balindele ukuthi isimo sihambe kahle nakabi ngenxa yokushintsha kwamanani okumbiwayo, izinkinga zokuguquka kwesimo sezulu ezenza kubenezinkinga zikagesi, ikakhulu eMalawi naseZambia. Izinkinga ezenzeke emva kokhetho eMozambique nazo zizothikameza isimo. 

Ukubakhona kukaHulumeni woBumbano, ukunganqamuki kukagesi kubenomphumela omuhle eNingizimu Afrika. 

Uphiko lomshwalense eStandard Bank lengeze imali engenayo ngo-17%, yaya kuR3.3bn. Izimpahla eziphethwe yiStandard Bank zikhule ngo-13% zaya kuR1.1 trillion

UTshabalala uphethe ngokuthi izinto zisazohamba kahle nakulo nyaka ngoba bazoqhubeka nomsebenzi wabo wokukhulisa leli bhange.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page