Usomnotho waseFNB uNkk uKoketso Mano uthi iNingizimu Afrika ayisakwazi ukwenza amaphutha ngemizamo yokulungisa izinkinga zomnotho. Isithombe: Sithunyelwe

Banethemba elisha osomabhizinisi baseKZN 

WUSLINDILE KHANYILE 

ABANYE bosomabhizinisi baKwaZulu-Natali banethemba lokuthi isigaba sesibili se-Operation Vulindela, esethulwe ngesonto elidlule, sizothela izithelo ezizoqhubeka nokususa izingqinamba ezenza umnotho ungakhuli. 

Labo somabhizinisi abebekhuluma emcimbini iFNB Private Wealth Series, osanda kubaseThekwini, eKZN, bathe ukhona umehluko olethwe yisigaba sokuqala salolu hlelo olwenziwa ngokuhlanganyela yiHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali.  

Isikhulu esiphezulu seNCT Industry Forestry uMnu uDanny Knoesen sithe kuwona wonke amabhizinisi aphila ngokudayisela amanye amazwe imikhiqizo yawo nathenga kwamanye amazwe athwale kanzima kule minyaka embalwa edlule.  

“Kule minyaka eyisikhombisa edlule akekho usomabhizinisi odayisela amanye amazwe izimpahla noma othenga izimpahla kwamanye amazwe ongathi izinto zihambe kahle ngoba ukusebenza kwamachweba kwehle kakhulu. Kodwa ukhona umehluko manje ngoba sibona silalelwa. 


“Kodwa iqiniso wukuthi iTransnet (abanikazi bamachweba) ayinayo imali edingekayo ukulungisa zonke izinto, nokungakho i-Operation Vulindlela ibalulekile njengoba sibonile kusungulwa ikomiti elengamele ukuxazulula inkinga yezokuthutha i-National Logistics Crisis Committee ngoba ungathola imali emabhizinisini ukulungisa izinto,” kusho yena.  

U-Knoesen utuse isikhulu esiphezulu sale nkampani kahulumeni yezokuthutha uNks uMichelle Phillips ngokuthi kusukela sithathe izintambo ngonyaka odlule, kunomehluko obonakalayo.  

I-Operation Vulindlela yethulwe eminyakeni embalwa edlule lapho uhulumeni usebenzisana nemboni ezimele ukuxazulula izinkinga ezimbonini ezimqoka ekukhuleni komnotho. Iqale yagxila ekuxazululeni inkinga yokushoda nokucinywa kukagesi njengoba nakhona kunekomiti elengamele lomsebenzi i-National Energy Crisis Committee.

Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce uNkk uPalesa Phili sinanele sathi kunomehluko obonakalayo njengoba ukubambisana phakathi kwamabhizinisi nohulumeni buqina njengoba kugcine kuholele ekutheni kusungulwe ikomiti elibizwa nge-Presidential Working Committee eligxile ekutholeni izixazululo ezinkingeni ezihlupha osomabhizinisi eThekwini.  

UNkk uPhili utusa ukubambisana kwamabhizinisi nohulumeni

“EThekwini ngelinye lamadolobha okubiza kakhulu ukubanebhizinisi kulona futhi nengqalasizinda ayisebenzi kahle. Izikhukhula zango-2022 azidalwanga wukuguquguquka kwesimo sezulu kodwa zenzeka ngoba idamu (iNtshongweni)i linganakekelwa ngendlela efanele futhi nezitamkoko zingasebenzi kahle. 

Uthe amabhizinisi anaso isixazululo sokulungisa nokunakekela ingqalasizinda kodwa kufanele kuboniswane ukuthi bahlangatshezwa kanjani.

“Enye into esigxile kuyona yindaba yezokuphepha nokuvikela. Niyakhumbula kukhona isikhathi lapho kwakuyisinkwa semihla ngemihla ukuphazamiseka kwezinkampani ezakhayo kodwa sesakulungisa lokho,” kusho yena.  

Kulesi sigcawu kubhungwe kakhulu nangezinye izinselelo ezibhekene nomnotho njengezimpi zezohwebo eziqutshulwe yisinqumo seMelika sokunyusa intela eyikhokhisa amazwe ehwebelana nawo nokungakhuli komnotho.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/07/uhulumeni-uyakubona-ukubaluleka-kweqhaza-lomasipala-ukuguqula-izimboni-zikagesi-namanzi-kuloba-ubusi-mavuso/

Usomnotho waseFNB uNkk uKoketso Mano uthe lezi zinselelo zenza ukuthi behlise indlela abalindele ukuthi umnotho ukhule ngayo. Uthe sebekholwa wukuthi umnotho uzokhula ngo-1.3% kuphela. 

Uthe imizamo enjenge-Operation Vulindlela iyawenza umehluko kodwa uthe indlela isimo esiyisona akusakwazi ukuthi kungabanamaphutha enziwayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page