Iminyango yaseKZN izoqashwa usuku nosuku ngokusebenzisa imali
WUBONISWA MOHALE
UKUNGASEBENZI kahle kwemali eminyangweni kahulumeni waKwaZulu-Natali kwenze ungqongqoshe womNyango weziMali wesifundazwe weza nohlelo lokuyiqapha nsuku zonke.
UMnu uFrancois Rodgers umemezele ukuthi kusukela mhlaka-1 wango-Ephreli yonke iminyango yaseKZN kuzokwazeka ukuthi iyisebenzisa kuphi imali futhi isisalelwe malini kweyabelwe yona.
Usho kanje ngenkathi ekhuluma emcimbini wokwetshisa iSabelomali obuhlelwe yiSanlam eThekwini. Uthe lolu hlelo, olubizwa nge-Departmental Dashboard, luphasiswe wumNyango weziMali kuhulumeni omkhulu njengoba besebenzisana nawo ukulwa nokumosa imali.
“UmNyango weziMali ezweni awusenayo imali yokutakula izifundazwe ezingayisebenzisi kahle imali. Yingakho usilekelele ngohlelo lokuqaphela ukuthi imali isetshenziswa ngendlela efanele. Kusukela mhlaka-1 wango-Ephreli sesizokwazi ukubona ukuthi imali kuyo yonke iminyango isetshenziswa kanjani ukuze sikwazi ukushesha singenelele uma kukhona abayibhubhudlayo,” kusho yena.
Uthe uR158 billion yimali eningi kodwa uma ebheka izidingo zesifundazwe, igebe elikhona phakathi kwabampofu nabantulayo, ukusweleka kwemisebenzi nokungakhuli kahle komnotho kwenza le mali ibencane.
Uthe sekuzoba nohlelo lwekhompyutha lokuthenga izimpahla kuhulumeni i-e-procurement. Wenze isiboneo sokuthi uma ibhodlela lamanzi liwuR15, awukho umnyango ozolithenga ngoR50.
Uthe abafuni ukuba wuhulumeni owandisa izikweletu kodwa bafuna ukungenisa imali nokuqinisekisa ukuthi abaphethe kuhulumeni abayisebenzisi budlabha imali ngoba kufanele ihambise izidingo kubantu.
Ukhale ngokuthi akufanele izwe lisebenzise u-22c erandini ukukhokhela izikweletu, ngoba loku kunciphisa imali yokufukula umnotho nokuletha izidingo kubantu.
Ukungenisa imali, uthe bafuna ukuthi izinkampani ezibhejisa online zikhokhe intela ngoba aziyikhokhi intela yize amakhasino, imboni yemijaho yamahhashi nezinye izinkampani ezibhejisayo ziyikhokha intela.
Enye indlela yokungenisa imali kuhulumeni wesifundazwe kuzoba amalayisensi ezimoto nawabantu abadayisa utshwala.
“Asikwazi ukukhokhisa ithaveni eseMlaza imali yelayisensi elingana neyendawo yokuphuza esedolobheni. Sifuna nentela yotshwala iqhubeke nokunyuka ngoba yindlela yokungenisa imali esikhwameni sikahulumeni,” kusho yena.
Uthe bazoqhubeka nokwakha ubudlelwano namanye amazwe bangabheki nje eMelika ngoba kuyimanje uxoxisana nohulumeni wase-United Kingdom ngezinhlelo zokufukula imboni yezolimo esifundazweni nezosiza indlunkulu kaZulu ukungenisa imali.
Ugqugquzele osomabhizinisi ukuthi basebenzisane nohulumeni ukulungisa ingqalasizinda nokuyakha, ikakhulu eThekwini. Uthe uhulumeni udinga osomabhizinisi badale imisebenzi ngoba wona kufanele uqinisekise ukuthi ayikho imicikilisho evimba osomabhizinisi ukuqala izinkampani.