Bahleka bodwa abemboni yokuvakasha kubuya izivakashi
INTATHELI YOMBELE
NGOKWEZIBALO ezintsha, isimo sesibuyela kwesijwayelekile embonini yokuvakasha ngemva kokukhahlanyezwe yi-COVID-19.
I-KZN Tourism and Film Authority ithi isibalo sezivakashi ezitheleke eNingizimu Afrika ngonyaka odlule siwu-8.92 million, okusho ukunyuka ngo-5.1% uma kuqhathaniswa nezibalo zango-2023. Izivakashi ezivela kwamanye amazwe ase-Afrika ziwu-6.8m walesi sibalo, okusho ukuthi ziwu-76%.
Abantu baseZimbabwe yibona akade bevakasha kakhulu kulelizwe njengoba bewu-2,183,269 abafike ngonyaka odlule. AbaseGhana bawu-36,656 njengoba sekukhona amabhanoyi asuka ezweni labo eze ngqo eNingizimu Afrika.
Usihlalo weKZN Tourism and Film Authority uDkt uSibusiso Ndebele uthe: “Siyasibona isibalo sezivakashi sinyuka. Sifuna ukuheha izivakashi eziningi ezivela phesheya kodwa inhloso yethu enkulu wukukhulisa imakethe yangaphakathi. Sifuna abantu bavakashe ezweni labo.
“Njengoba isimo sesibuyela kwesasiyikona ngaphambi kwe-COVID-19 , siyabona ukuthi abantu bafuna ukuvakashela izindawo eziseduze nabo, ezingabizi kakhulu,” kusho yena.
Ubalule ukuthi amahhotela ebenezivakashi eziwu-80% eziwagcwalisayo kusukela mhlaka-10 wangoDisemba kuze kubemhlaka-6 wangoJanuwari. Isimo besinjena komasipala abaningi baseKZN. Abantu akade beqashe izindawo zokuhlala ngamaholidi kaDisemba sisuke ku-37 780, saya ku-44 102.
Uthi amaholidi abeyimpumelelo ngenxa yokusebenzisana kwabo nezokuphepha ngomkhankaso wabo obizwa nge-Safer Festive Season Campaign.
Lo mkhankaso uhlanganisa iziteshi zamaphoyisa eziwu-184, unezezele ngamanye amaphoyisa, amanxusa okuvakasha nokutshala izimoto eziwu-178 ezigijimayo futhi ezikhombisa izivakashi ukuthi ziphephile.
Izibalo zaseThekwini nazo uNdebele uthi zibanika ithemba lokuthi isimo sesibuyela kwesijwayelekile.
Izibalo zesikhashana zaseThekwini zikhombisa ukuthi ukugcwala kwamahhotela bekuku-79% ngoDisemba, kwehlela ku-61% mhlaka-1 wangoJanuwari kuya mhlaka-16.
Izivakashi ebeziseThekwini kusukela mhlaka-1 wangoDisemba kuya mhlaka-16 wangoJanuwari beziwu-815 956. Eziwu-34 605 bekuyizivakashi ezivela phesheya ebezibekisa indawo yokulala. Eziwu-414 171 ezakuleli zwe ebezibekisa indawo yokulala, kuthi u-367 180 bekuyizivakashi ebezifika ngosuku (zingalali).
Imali okubukeka sengathi isetshenziswe yilezi zivakashi iwu-R1 643 547 633, zingenise u-R4 066 118 309 emnothweni, zadala imisebenzi ewu-7 366.
“Imboni yokuvakasha nabo bonke abakuyona kufanele bahalaliselwe ngemizamo yabo. Wonke umuntu usebenze ngokuzikhandla ukwenza iKZN indawo yokuvakashelwa ngamaholidi.”
Usihlalo weFederated Hospitality Association of South Africa (iFedhasa) uMnu uBrett Tungay uthe: “Sibonga abantu baseNingizimu Afrika abavakashela eKZN. I-Fedhasa izoqhubeka nokusebenzisana nohulumeni ukulungisa ingqalasizinda esetshenziswa yimboni yokuvakasha eKZN.”
Usihlalo weDrakensberg Experience nosihlalo we-uThukela Drakensberg Tourism Cluster Initiative uMnu uJames Seymour uthi bekuyisikhathi samaholidi esingajwayelekile ngoba siqale sekudlule isikhathi.
“Ngokujwayelekile, isikhathi samaholidi siqala ngoDisemba 10 ukuhambisana nemicimbi kaDisemba 16 kodwa kulo nyaka siqale sekudlule isikhathi, saqhubeka saba side. Izindawo eziningi zokuvakasha eDrakensberg bezigcwele kufika ku-80% no-90%. Ebezingenabantu abaningi abalalayo zibike ukuthi zingenelwe yimali eningi,” kusho yena.
Ukunyuka kwezivakashi eziya eDrakensberg uthi kuwumsebenzi wabanikazi bemboni akade beyikhangisa.
Isikhulu esiphezulu esibambile eKZN Tourism and Film uMnu uSibusiso Gumbi sithi imiphumela emihle yenziwa wukuzibophezela kwabo ekusimamiseni imboni yokuvakasha nokudala imisebenzi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/25/i-kzn-izogadla-ngezokuvakasha-namafilimu/
“Njengoba sesihlanganise imboni yokuvakasha neyamafilimu, kuyacaca ukuthi iKZN izohamba phambili ezivakashini. Sizimisele ukuyikhangisa emhlabeni jikelele ngokubudlelwano esinabo nezinye izinhlangano zokukhangisa.
“Isibonelo eDrakensberg bekugcwele izivakashi ezivela emazweni eCommonwealth, ikakhulu emzileni obizwa ngeBattlefields Route Legacy,” kusho yena.

