Sebekhokhelwe uR21.4 billion abacaphuna empeshenini yabo – iSars
WUSLINDILE KHANYILE
ABANTU baseNingizimu Afrika abafake izicelo zokucaphuna emalini yabo yempesheni ngenxa yomgomo omusha i-two-pot retirement system sebekhokhelwe uR21.4 billion kusukela uqalile kuze kube manje.
Ngokwezibalo ezisanda kukhishwa yiSouth African Revenue Service (iSars), ziwu-1.2 million izicelo esezifakwe ngabantu ababefisa ukukhipha imali engxenyeni ebekwayo empeshenini kanti eziphasisiwe zingu-1.1m.
“Ezinye aziphumelelanga ngenxa yezizathu ezihlukene, okukhona kuzo izinombolo zamapasi ebezingabhaliwe kahle, izinombolo zentela ebezingabhaliwe kahle,” kusho lolu phiko oluqoqa intela.
I-two-pot retirement system iqale ukusebenza ngoSepthemba, nokusho ukuthi impesheni isihlukaniswa kabili ukuze kubenengxenye eyongiwayo, kuthi enye iqhubeke itshalwe.
Inhloso yaloku wukwandisa isibalo sabantu abongela impesheni eNingizimu Afrika ngoba le ndlela entsha izophoqa wonke umuntu onesikhwama sempesheni ukuthi kuhlale kunemali ebekiwe yempesheni kuthi enye akwazi ukuyikhipha ngisho singakafiki isikhathi sokuthatha umhlalaphansi uma enesidingo esimxinile.
Ngokwezibalo zeSars, abantu abaningi bayazisebenzisa izindlela zobuchwepheshe ukubheka nokubala kuqala ukuthi yimalini intela abazobanjelwa yona njengoba kunezindlela zikaWhatsApp (isetshenziswe izikhawu eziwu-51 547) nakwi-website zokubheka (isetshenziswe izikhawu eziwu-655 801). Bakhona nabashaya ucingo (kawu-53 519), kuthi abaziyela mathupha emahhovisi ayo bambalwa (bawu-8 655).
“Abakhokhintela bakhunjuzwa ukuthi intela ezobanjwa iphakathi kuka-18% no-45% kuye nokuthi bona abayikhokhayo ithini. Ngaphambi kokukhokhelwa ofake isicelo, isikhwama sempesheni sizokwaziswa ukuze sibambe nemali ekweletwa iSars. Uma umuntu enesivumelwano sokukhokhela iSars, imali yakhe ngeke ithinteke, imali izobanjwa ngokwesivumelwano,” kusho iSars.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/29/akungagcinwa-icala-uma-kufundiswa-abantu-ngokuphatha-imali-umlawuli/
Lolu phiko lukhale ngabakhokhintela abebezama ukufihla enye imali ngenhloso yokukhokha intela engaphansi kokufanele bayikhokhe.
“I-Sars ikhathazeke kakhulu ngokuthi abakhokhintela abawu-213 654 babanjiwe ngesikhathi besho imali engaphansi kokufanele ibanjwe intela ngoba befuna ukukhokha intela encane.
UKhomishana weSars kusho uMnu u-Edward Kieswetter uthe: “Uma umuntu esho imali engaphansi kokufanele ayiveze, usuke egwema ukukhokha intela ngamabomu. Bazohlawuliswa abakhokhintela abenza loku. Okokugcina, ngifisa ukuxwayisa abakhokhintela ukuthi bawuyeke lo mkhuba onobugebengu ngoba uzobafaka enkingeni.”
Ucwaningo olwenziwe yiFNB kulo nyaka luveze ukuthi bawu-48% abantu baseNingizimu Afrika abangenayo nhlobo imali abayongayo ukulungiselela umhlalaphansi. Kubona abawu-50% abanawo, iningi labo ngeke libenemali eyanele uma sekufike isikhathi sempesheni.
Lolu cwaningo luveza ukuthi esinye isizathu esenza loku wukuthi abantu bayithatha yonke imali yabo yempesheni uma beshintsha umsebenzi, into esiphelile njengoba sekuqala i-two-pot retirement system.
Inhloko ye-Product Development eFNB Wealth and Investment uMnu uSamukelo Zwane ithe: “Uma siqhathanisa amazwe okuwukuthi abantu bakuwona bakulungiselela kangcono ukuya empeshenini enye yezinto esizibonayo wukuthi kukhona imithetho efana nokuthi zonke izinkampani ziyaphoqwa ukuthi zithathele izisebenzi zazo impesheni, okuyinto engekho lapha eNingizimu Afrika. Nokho sikholwa wukuthi ukuthula i-two-pot retirement system kuzokwenza umehluko omkhulu ngoba abantu sebezophoqwa ukuthi bayibekele impesheni ngisho beshintsha umsebenzi.”
Leli bhange lithi kufanele u-15% womholo womuntu (kungakabanjwa lutho) uwubekele impesheni ukuze ubenemali eyanele uma usuthatha umhlalaphansi.