INingizimu Afrika iya kwiWEF ishayela phezulu
WUSLINDILE KHANYILE Ebika eseGoli
ITHIMBA elizomela iNingizimu Afrika kwiWorld Economic Forum (iWEF) lithi kuningi okuhle elizokwazi ukukhangisa izwe ngakho kubatshalimali eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo. Nokho livumile ukuthi ziseningi izinselelo ezidinga ukulungiswa ezweni.
I-WEF wumbuthano waminyaka yonke ohlanganisa abaholi bepolitiki nosomabhizinisi ukuze babhunge futhi bazame ukuqhamuka nezixazululo zezinselelo ezikhona emhlabeni. Abaholi bakuhulumeni nabamabhizinisi basho ngazwi linye ukuthi kuzobasiza ukuthi kunezinto eziphathekayo abazokhuluma ngazo.
FUNDA NALAPHA: Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso
Likhuluma nabezindaba eGoli, eGauteng, izolo, leli thimba ebeliholwa wungqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau, lithe liya kwiWEF linethemba elikhulu ngenxa yokubambisana okuhle okukhona phakathi kukahulumeni namabhizinisi.
“I-WEF yalo nyaka ihlukile kithina ngezindlela eziningi, siya kuyona uvele umhlaba usibhekile ngenxa yokuthi yithina umengameli weG20 neB20. Kodwa futhi sizokwazi ukukhuluma ngezinto esezenzekile, ikusasa lezwe lethu, ithemba elikhona kanjalo namathuba akhona.
“Akufanele sikuthathe kancane ukuzwa osomabhizinisi benethemba ngekusasa lezwe ngoba loko kuyinkomba yezinto ezingase zenzeke emnothweni. Lawa amabhizinisi avele esekhona ezweni asuke engathatha isinqumo sokuthi ayahamba eNingizimu Afrika noma azokwandisa imali ayitshalile,” kusho uTau.
Abaholi bamabhizinisi bathe kuyinto enhle ukuthi bazokwazi ukutshengisa umhlaba umphumela wokusebenzisana okuhle phakathi kwabo nohulumeni kuthela izithelo, njengokulungiswa kwenkinga yokucinywa kukagesi.
Usihlalo webhodi yabaqondisi yeStandard Bank uNks uNonkululeko Nyembezi uthe: “Kunento ephathekayo esizodayisa iNingizimu Afrika ngayo, hhayi nje ukukhuluma kuphela ngezinhlelo esiphezu kwazo. Enye yalezo zinto wukuthi singasho ukuthi sekubenezinsuku eziwukuthi ugesi ungacinywa.
“Akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela kodwa nathi bamabhizinisi. Elinye ijoka elikhulu esinalo wukubanethemba futhi sifingqe imikhono ngoba ngokwenzenjalo sizoqala sikhule.
“Yebo, asikazixazululi zonke izinkinga ezikhona kodwa uma sibuka okubikezelwa wosomnotho abathi umnotho uzokhula ngo-1.1% ngisho ne-International Monetary Fund eyaziwayo ngokungabi nethemba (ngeNingizimu Afrika) kangako, elinganisa u-1.5%, likhona ithemba,” kusho yena.
Laba baholi bathe nanomphumela wokhetho nokuhlanganiswa kukahulumeni wobumbano ngenye yezinto ezikhuthaza abatshalimali, nako okuyinto abazoyisebenzisa ukukhangisa izwe kwiWEF.
“Kuloku sonke sinethemba, okungasho ukuthi siyavumelana ngayo yonke into. Abatshalimali bayakhuthazeka ngombuso wentando yabantu kodwa futhi bayasho ukuthi sebeke baphoxeka izikhawu ezimbalwa ngoba ukwenza izinto ebesizithembisa bekusalela emuva,” kusho isikhulu esiphezulu seFirst Rand uNks uMary Vilakazi.
Uthe bayaziqhenya ngokubambisana nohulumeni bengamabhizinisi ngoba akuyona into eyenzekayo kwamanye amazwe omhlaba.
Isikhulu esiphezulu seDiscovery uMnu u-Adrian Gore naso siqhakambise ukusebenzisana, sathi yiyonangqikithi yethimba leNingizimu Afrika kwiWEF.
“Yiyonanto esizoyigcizelela futhi uma sikhuluma ngayo, sizosho iqiniso. Kukhona isikhathi lapho izinto bezixakile ezweni lethu kodwa kwezinye izindawo emhlabeni, zizinhle kodwa manje, izinto zinhle ezweni lethu ekubeni emhlabeni zixakile. Ukukhuluma ngokuthi sibheke ukuthi umnotho ukhule yinto ebalulekile; yisonto elibalulekile leli,” kusho yena.
Ngale kokulungiswa kwenkinga kagesi, ezinye izinhlelo eziqhubekayo lapho uhulumeni namabhizinisi besebenzisana khona ngezokuvumela imboni ezimele ukuthi ibambe iqhaza elithe xaxa emisebenzini efana nokuphehla, ukudayisa nokusabalalisa ugesi njengoba seziqalile izinhlelo zokuhlukanisa i-Eskom kathathu.
Kukhona nezinye izinhlelo eziqhubekayo zokuzama ukulungisa izinkinga ezikhona njengokuthutha izimpahla, nazo ezizokwenza imboni ezimele ibambe iqhaza elithe xaxa kulo msebenzi.
Eminye imiphumela yaloku wukwethula iTransnet Rail Infrastructure Manager, inkampani ezokwengamela ukuphucula ingqalasizinda yezitimela ezithutha izimpahla futhi isebenzisane nezinkampani ezizimele.
Isikhulu esiphezulu eNedbank uMnu uJason Quinn sivumelane nabalingani baso, sathi iNingizimu Afrika ihlale yemukelwa ngezandla ezimhlophe kwiWEF kanti kuloku izofika iphethe izindaba ezingcono kakhulu.