Sihle isimo sezimali sedolobha – imenenja kamasipala
INTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini uyaqhubeka nokuphatha kahle imali futhi yiwona owenza kahle kwezezimali uma uqhathaniswa nomasipala abakhulu abayisishiyagalombili baseNingizimu Afrika. Ngisho izinhlangano ezibheka isimo sezimali komasipala emhlabeni jikelele ziyakuqinisekisa loku.
Isho kanje imenenja kaMasipala waseThekwini uMnu uMusa Mbhele esithangamini nabezindaba kuleli sonto.
“Siyakwazi ukuqoqa imali ekhokhwa ngabantu ngezidingo esibalethela zona. Izinga lethu lokuqoqa imali likleliswe ku-95%. Siyaqhubeka nokuthola imibiko emihle yokuphatha imali eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/06/sigunyaziwe-isabelomali-sasethekwini/
Ubebiza isithangami nabezindaba ukucacise ngezinhlelo zokuphatha idolobha, okuhle asebekwenzile nokuqinisekisa abantu ukuthi basazibophezele ekuletheni izidingo, ukuphatha ngobuqotho nokulandela umthetho.
Uthe bazimisele ukubeka konke obala ngokuxhumana nabantu ngaso sonke isikhathi, babazise ngokwenzekayo.
“Kubalulekile ukuthi sixoxe nabezindaba ukuze sichaze ngokuhle esikwenzayo siwumasipala,” kusho uMbhele.
Uthi umasipala usudale amathuba omsebenzi awu-70 000 nokuyisibalo esiphezulu esidlula kwabanye omasipala. Lezi zibalo zifakazelwa nayinhlangano eyenza izibalo zakho konke okuthinta iNingizimu Afrika iStatistics South Africa.
“Siwumasipala owenza kahle kakhulu komasipala abayisishiyagalombili ezweni. Loku kufakazelwa ngisho nayizinhlangano ezihlola umsebenzi emhlabeni jikelele. Siyazi ukuthi ngalezi zinhlelo esizenzayo sizokwazi ukuthola umbiko omuhle ongenayo imibandela eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele,” kusho yena.
Uthi zijikile izinto kumasipala futhi bayawubona umehluko, okusanda kushiwo wumengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa.