Usihlalo webhodi yeKZN Tourism and Film Authority uDkt uSibusiso Ndebele ngenkathi kwethulwa i-Africa’s Travel Indaba eMoses Mabhida eThekwini izolo

I-Afrika ayivuki kodwa ivukile: i-Africa’s Travel Indaba 

WUTHOBILE ZWANE

UTHULWE ngesiqubulo esithi “i-Africa ayivuki kodwa i-Afrika ivukile” umbukiso omkhulu wezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba (i-ATI) wango-2025, eMoses Mabhida Stadium eThekwini, KwaZulu-Natali. 

Ungqongqoshe womNyango wezokuVakasha uNkk uPatricia de Lille ushaye isiqubulo esithi “i-Afrika ayivuki kodwa i-Afrika ivukile,” ngesikhathi ethula ngokusemthethweni i-Africa’s Travel Indaba yalo nyaka. Indikimba yalo nyaka ithi “Unlimited Africa”.   

“Le ndikimba akuyona nje isiqubulo, iwumongo wale ngqungquthela ebaluleke kakhulu. I-ATI akuwona nje umbukiso wezohwebo, iwumgubho osikhumbuza ukuthi singobani, isimemezelo sokuthi sifuna ukucabanga nokwenza okungaphezu kokujwayelekile,” kusho yena.

Njengoba kunabakhangisi abangaphezu kuka-1 200, imikhiqizo yezokuvakasha ewu-297 namazwe awu-26 ase-Afrika azoba yingxenye yalo mbukiso. UNkk uDe Lille uthe i-ATI yalo nyaka isivele yenza ezibukwayo njengoba indawo isidayiswe yonke, okusho ukuthi bonke abazobukisa nezihambeli sebethenge amathikithi nezindawo zokukhangisa zonke. Kulindelwe abathengi abawu-908 abasezingeni eliphezulu abavela emazweni awu-55 abazobe besemihlanganweni ewu-7 430. 

UNkk uDe Lille uncome amandla ezokuvakasha ekukhuliseni umnotho. Ngo-2024, i-ATI yangenisa uR226 million emnothweni waseThekwini  noR333m emnothweni waseKZN. Lo mcimbi wadala nemisebenzi engaphezu kwewu-1 000 futhi weseka amabhizinisi amancane awu-120 ngaphansi kohlelo i-Market Access Support Programme.

“Kunjena ukukhula. Lolu wuguquko oluqhubekayo. Loku kuchaza ukuthi akusali muntu ngemuva,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/17/i-africas-travel-indaba-ingenise-ngaphezu-kukar500-million/
Uqhakambise ezokuvakasha kwezemidlalo nezokungcebeleka njengemikhakha ebalulekile ekhulayo, wabalula ukuthi ezemidlalo zizodwa zifaka uR50 billion emnothweni waseNingizimu Afrika futhi zisekela imisebenzi engaphezu kwewu-500 000. Izindawo ezifana neNelson Mandela Capture Site KwaZulu-Natal zinconywe njengezindawo zamasiko ezisaqhubeka nokuheha umhlaba wonke.

Uthe ukuvakasha okungejwayelekile, phecelezi i-adventure tourism, cishe u-9% wabo bonke abavakashi ngo-2023 ubukulo mkhakha wezokuvakasha.

I-ATI yalo nyaka iqala ngomhlaka-12 wangoMeyi ngeBONDay, ithuba lokuxhumana namabhizinisi. Le nkundla izocubungula indima yokuguqula i-artificial intelligence kwezokuvakasha, izinhlelo zokusiza amabhizinisi amancane athuthukise ukusebenzisana namakhasimende, ukuzikhangisa nokusebenza okujwayelekile.

I-ATI yenza isiqiniseko sokuthi yeqa imingcele yamanye amamazwe ukuqhamuka namasu okukhangisa zonke izindawo ezibalulekile zaseNingizimu Afrika nezakwamanye amazwe. Inhloso wukubeka i-Afrika hhayi nje kuphela njengendawo okuvakashwa kuyona kuphela kodwa njengendawo enomnotho oguquguqukayo kwezokuvakasha.

I-ATI 2025 ihambisana nezinhlelo zeNingizimu Afrika zokwengamela i-G20. ITheku lizobanomhlangano i-G20 Tourism Working Group Meeting ngesikhathi se-Africa’s Travel Indaba.

Igalelo lezokuvakasha emnothweni waseNingizimu Afrika likhuphuke lafinyelela ku-8.2% ngo-2023, kwabanezivakashi zakwamanye amazwe ezicishe zibe ku-9m, u-76% wazo ziphuma emazweni ase-Afrika. Umkhakha weseka imisebenzi ewu-1.68m, kanti kulindeleke ukuthi kubenemisebenzi engaphezu kuka 2.2m ngo-2030.

Ukuze kuhlangane loku okuhlosiwe izivakashi ezingu-15m ngo-2030, umNyango wezokuVakasha usebenzisa i-Route Development Marketing Plan, okuhloswe ngayo ukujulisa ukuxhumana nezimakethe zomhlaba eziwu-25 ezibalulekile. 

Usihlalo webhodi yeKZN Tourism and Film Authority uDkt uSibusiso Ndebele uthe ngemva kokwenza i-ATI iminyaka engaphezu kwewu-30, bajabule ngokubayisifundazwe esizokwenza i-ATI 2025. 

“I-ATI iyasiza ukudayisa izindawo zethu nokuhlomulisa osomabhizinisi bethu abasafufusa ngokubanika ithuba lokubayingxenye yohwebo lomhlaba jikelele. Eminyakeni edlule, siphinde sahola uhlelo lwethu lwamanxusa ezokungcebeleka olunika abafundi bezokuvakasha amathuba okuvelela kwezokuvakasha emashumini ambalwa eminyaka ezayo futhi senze iKwaZulu-Natal ibe yikhaya le-Africa’s Travel Indaba unomphelo.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page