Kunezinkomba zokunyuka kwezibalo zendlala ezweni kanti abafundi yibona abazwela kakhulu. Isithombe: yiFreepik

‘Ziyasiza izigidi eziphakela izingane ezikoleni kodwa…’

WUSLINDILE KHANYILE

YIZE iNingizimu Afrika isikhathule indima enkulu ekunciphiseni indlala ezweni kodwa kusafanele ihlale iqaphile ngoba kunezinkomba zokuthi iyanyuka njengoba izibalo ezisanda kukhishwa yi-General Household Survey zitshengisa ukuthi inyukele ku-15.0% ngo-2023.

Embikweni osanda kukhishwa yiStatistics South Africa ( iStats SA), indlala idinga ukugadwa kakhulu ngoba abantu abalimala kakhulu yizingane. Uhulumeni waseNingizimu Afrika usebenzise u-R8.4 billion ngonyaka wezimali u-2022/23 ohlelweni lwezwe oluhlinzeka izingane eziqhamuka emakhaya ahlwempu ngokudla ezikoleni. 

“Isibalo sabantu abahlaselwe yindlala sehla sisuka ku-29.3% ngo-2002 safinyelela ku-11.1% ngo-2019. Ngokwezibalo ezintsha ze-General Household Survey, sesiyakhuphuka futhi njengoba sibewu-15.0% ngo-2023. 

“Ngo-2021, u-3.8% wamakhaya anezingane wabika ukuthi uke wahlaselwa yindlala. Lawo ngamakhaya angaphezu kuka-500 000 ezweni lonke kanti amaningi aseGauteng, KwaZulu-Natali, eNtshonalanga Kapa naseMpumalanga. Izindawo ezingewona amadolobha amakhulu eKZN, idolobha laseGoli naseKapa yizona ezinesibalo esikhulu sala makhaya,” kusho iStats SA.

Lolu hlelo lokudla ezikoleni, iNational School Nutrition Programme, lwethulwa ngo-1994 kanti inhloso yalo wukuqinisekisa ukuthi ayikho ingane efunda ilambile ngoba loko kunesandla nasendleleni eziqhuba ngayo esikoleni.  

Ngokusho kweStats SA, iKZN yisona sifundazwe esisebenzisa imali enkulu ukuphekela abafundi ezikoleni njengoba sisebenzise u-22% noma u-R1.9 billion. Endaweni yesibili yiLimpopo neMpumalanga Kapa abasebenzise u-18% kanti endaweni yesine yiGauteng ngo-12%. 

“Umsebenzi wokungamela imfundo ezweni wenziwa kakhulu yizifundazwe, nokusho ukuthi yizona ezihlinzeka imali yalolu hlelo. Ohulumeni bezifundazwe basebenzise uR299.7bn kwimfundo ngo-2022/23 ngokusho kwezibalo ezintsha zezifundazwe. Uhlelo lokudla ludle u-2.8% noma u-R8.4bn wale mali.

“Imali esetshenziswe yizifundazwe kwimfundo inyukile isuka ku-R244.2bn ngo-2018/19, yafinyelela ku-R299.7bn ngo-2022/23. Imali eyabelwa uhlelo lokudla ngalesi sikhathi ayishintshanga okutheni njengoba inyuke ngo-2.7%, kuya ku-2.9%,” kusho iStats SA. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/07/14/usizi-losomabhizinisi-abancane-indlala-ububha-nokuntuleka-kwemisebenzi-kusazothi-bhe-eningizimu-afrika-uslindile-khanyile-nosimangaliso-ntshangase-bayabika/

Ngokusho komNyango weMfundo eyisiSekelo bawu-9.7m abafundi abathembele kuloku kudla kwasezikoleni ezikoleni eziwu-21 000 ezweni.  

“Loku kusho ukuthi abafundi abathathu kwabane uma sibheka ukuthi bawu-12.7m abafundi abafunda ezikoleni zikahulumeni,” kusho iStats SA.

Ububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani ngezinye zezinselelo ezinkulu iNingizimu Afrika ebhekene nazo. Isibalo sabantu abangasebenzi simi ku-33.5%. 

Nakuba ukwehla kwamandla emali sekuqala ukubangcono kodwa amanani okudla asamba eqolo. Ngokusho kwePietemaritzburg Economic Justice & Dignity ehlale ilandelela amanani okudla ezitolo eziwu-47 nasemabhusha awu-32 ezifundazweni ezine, ngoSepthemba ubhaskidi wokudla ububiza cishe uR5 255.68 kanti unyuke ngo-1-9% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Uma kuqhathaniswa nenyanga edlule, ukhuphuke ngo-0.5%. 

Okunye okuvezwe yilezi zibalo wukuthi ngesikhathi kubhoke i-COVID-19 ngo-2020/21, imali eyabelwa lolu hlelo lokuphakela izingane yehla ezifundazweni ezine, eKZN, eLimpopo, eMpumalanga naseGauteng kanti lapho yehla khona kakhulu yiseKZN naseLimpopo. 

“Uma sibhekisisa emibikweni yeminyango, kunezinto ezimbalwa ezivelayo. ELimpopo kunezizathu ezintathu ezehlisa imali, abafundi babengayi esikoleni ngo-Ephreli kuya kuJuni ngenxa yokuvalwa kwezwe, ukungagcwaliswa kwezikhala zabantu okufanele basebenzen nabantu ababengakhokhelwe imali yangoMashi ngo-2021.  

“Ukungakhokhelwa kwabantu ngesikhathi kwaba nesandla naseKZN kanti lolu hlelo luphinde lwaphazanyiswa nawucwaningo obelwenziwa ngendlela okwakhishwa ngayo ithenda kulesi sifundazwe,” kwengeza iStats SA. 

I-Stats SA ithe eMpumalanga Kapa izinto zenzeka ngendlela ehlukile ngo-2020/21 njengoba imali eyasetshenziswa yanyuka kakhulu ngalesi sikhathi. Ithe loku kwadalwa wukuthi kulesi sifundazwe kwandiswa isibalo sabafundi abafakwa kulolu hlelo kanjalo, nokwengeza ukudla okudliwa ezikoleni ezintula kakhulu, okwaba yisidlo sasekuseni.

Ngo-2022/23, imali esetshenzisiwe ukuphakela izingane inyukile ezifundazweni eziyisishiyagalombili ngaphandle kwaseKZN, lapho yehle khona ngoR66m.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page