I-Absa ibiFihle induku emqubeni ngesikhulu esiphezulu
WUSLINDILE KHANYILE
I-ABSA isiqoke uMnu uKenny Fihla abeyisikhulu esiphezulu sayo esisha kanti uzoba yisikhulu esiphezulu sesikhombisa ukuphatha le nkampani kusukela ngo-2019.
UFihla uthatha lesi sikhundla nje ubenezinyanga esanda kuqokwa njengesikhulu esiphezulu eStandard Bank South Africa nephini lesikhulu esiphezulu leStandard Bank Group.
UFihla, osule izolo eStandard Bank, uzoqala e-Absa ngomhlaka-17 Juni, nokuzobe sekuphele izinyanga ezintathu ehlabe ikhefu eliyimpoqo njengoba esuka enkampanini encintisana ngqo naseyoyiphatha.
Isikhulu esiphezulu seStandard Bank Group uMnu uSim Tshabalala ukhale ezimathonsi ngesikhathi enza lesi simemezelo wathi: “Yize loku kuzosiphazamisa, inkampani ibusisiwe ngenqwaba yabantu abawaziyo umsebenzi kanti ihlale ilungiselela ukuthi kubekhona abalungele ukuthatha izintambo uma kukhona abahambayo. Sizomemezela ngokuhamba kwesikhathi izinguquko ebuholini bethu.”
Ezinyangeni eziyisithupha ezidlule, iStandard Bank yenza izinguquko ezinqala ngesikhathi ikhuphulela uFihla kulezi zikhundla abeziphethe emva kokwehlisa uMnu uLungisa Fuzile.
Esitatimendeni sayo i-Absa, ithe uFihla wumholi onamava embonini yamabhange e-Afrika yonke futhi amagalelo akhe ayaziwa. Une-Master’s ye-Financial Economics yase-University of London ne-Master of Business Administation yaseWits University.
UFihla uyovala isikhala sikaMnu u-Arrie Rautenbach othathe umhlalaphansi emva kokusolwa ngokuhlehlisela emuva ukuthuthuka kwabantu abamnyama kule nkampani abeseneminyaka ewu-27 esebenza kuyona.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/09/02/i-standard-bank-yenze-izinguquko-ezinqala/
UMnu uCharles Russon ubambe izintambo zesikhulu esiphezulu e-Absa, umsebenzi azoqhubeka nawo kuzekufike uFihla.
I-chief investment officer e-Aeon Investment Management uMnu u-Asief Mohamed ithe yize kudumaza okwenzeke eStandard Bank kodwa akakhathazekile ngaleli bhange.
“Akungatshazwa ukuthi balahlekelwe kodwa banabantu abaningi abawaziyo umsebenzi abangabaqoka. Angilindele futhi ukuthi baxhamazele ekwenzeni lesi sinqumo ngoba bayinkampani ehlelekile futhi izinto zibahambela kahle ngisho uma ubheka amanani amasheya abo.
“Kodwa e-Absa, lesi yisikhulu esiphezulu sesikhombisa eminyakeni embalwa. Simfisela okuhle kodwa uKenny kodwa akuzukubalula njengoba ezobe eyisikhulu esiphezulu esisha futhi endaweni entsha. Kukhona noCharles (uRusson) obebambile okufanele ukuthi naye udumele ngokuthi akuqokwanga yena.
“Emhlabeni jikelele uma kuvalwa isikhala esinjengalesi, imvamisa kubhekwa ngaphakathi. Asazi ukuthi kulindelweni kuyena kodwa angiboni ukuthi uzokwenza izinguquko ezinqala ngoba uDaniel Mminele wakuzama loko kodwa izinto zangahamba kahle,” kusho uMohamed.
UFihla ubeseneminyaka ewu-18 afika eStandard Bank kanti uzoba ngumuntu wesibili omnyama ozohola i-Absa.
UMminele nguyena owaba yisikhulu esiphezulu esimnyama sokuqala e-Absa kodwa wahlala ngaphezudlwana konyaka ngaphambi kokushiya ngoba bengaboni ngasolinye nebhodi laleli bhange.

UMminele owabayisikhulu esiphezulu sokuqala esimnyama e-Absa
UMminele usewusihlalo webhodi yeNedbank kanti isikhulu esiphezulu wuMnu uJason Quinn oqale ngoMeyi wangonyaka odlule emva kokushiya e-Absa.
Abantu asebeke baphatha i-Absa kule minyaka embalwa edlule:
1) UMnu uCharles Russon – ngo-Okthoba 2024 kuyakuJuni 16 2025;
2) UMnu u-Arrie Rautenbach –ngoMashi 2022 kuyaku-Agasti 2024;
3) UMnu uJason Quinn – kusukela ngo-Ephreli 2021 kuyakuMashi 2022;
4) UMnu uDaniel Mmninele – ngoJanuwari 2020 kuyaku-Ephreli 2021;
5) UMnu uRené van Wyk – ngoFebhuwari 2019 kuyakuDisemba 2020;
6) UNks uMaria Ramos – ngoMashi 2009 kuya kuFebhuwari 2019.