Kusabhimba uhlelo endleleni yokuphatha imali komasipala kwanda imibiko enogcobho ngo-2022. USLINDILE KHANYILE uyabika

OMASIPALA bahlehlele emuva endleleni abaphathe ngayo imali ngonyaka wezimali wango-2021/22 njengoba sehlile nesibalo sabathole imibiko engenagcobho kanti esabangathumelanga imibiko ngesikhathi sinyukile.

Bazosina bazibethele osomabhizinisi baseNingizimu Afrika abafuna abatshalimali. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa bazoba sethubeni lokuthola abatshalimali abazoxhasa amabhizinisi abo engqungqutheleni yabatshalimali i-World Congress of Angel Investors WBAF yango-2023.

Akucatshangelwe umnotho weNingizimu Afrika ngodaba lweMelika neRussia, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMA iNingizimu Afrika ingakhishwa kwi-African Growth Opportunity Act (i-AGOA) ngeke kusho ukuthi ngeke isakwazi nhlobo ukuhweba neMelika kodwa kumqoka ukuthi ibulungise ubudlelwano bayo naleli zwe ukuze ivikele umnotho wezwe. Kepha futhi akusho ukuthi kufanele ivumele iMelika igcogcome ekhanda layo.

UGodongwana uxwayisa ngomphumela wemiholo yezisebenzi zikahulumeni emnothweni wezwe. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni kuzofanele uthole indlela yokonga uR37.4 billion ngo-2023/24 ukuze uvikele umnotho ngenxa yengcindezi edalwa yimali okufanele iholelwe izisebenzi zikahulumeni nosopolitiki. 

Kukhona okusina kubajeqeza abangafuni ukuphendula ngemali yeCOVID-19. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNYANGO wokuQasha neziSebenzi uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ukuthi uzomisa ukusebenza kwama-akhawunti azo asebhange futhi udle izimpahla zazo uma ziqhubeka zinqaba ukusebenzisana nabacwaningimabhuku abajutshwe ohlelweni “iFollow the money”. 

Ibhange loMbuso lethule imali entsha edle ngezimpawu zokuphepha. USLINDILE KHANYILE uyabika

KWETHULWE imali entsha eNingizimu Afrika izolo nezoqala ukutholakala namhlanje. IBhange loMbuso lithe le mali entsha ezokwethulwa kancane kancane iphuculiwe ukuqinisa ukuphepha kwayo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi ukuthi baphumelele.

Ifakelwa izibuko eyamaqhinga okudoba izivakashi nemali e-uShaka Marine World. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNOCWANINGO olwenziwayo ukubheka ukuthi ingaphuculwa kanjani i-uShaka Marine World ukuze idobe izivakashi ezingaphezu kwenazo njengoba isezinhlelweni zokuvuselela ukusebenza kwayo emva kokuphazanyiswa iCOVID-19. 

Basadonsa kanzima abathengi kodwa likhona ithemba ngamanani okudla. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUQHUBEKILE ukunyuka kokwehla kwamandla emali ngoMashi kwafinyelela ku-7.1%, kusuka ku-7.0% ngoFebhuwari. Kanti ukunswinyeka kwabathengi kubonakele njengoba nokudayiswa kwezinto kwehlile, obesekungokwesithathu izinyanga zilandelana

Inxanxathela yezitolo zezimpahla ezinamagama iletha ithemba ngomnotho waKwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUVULWE ngokusemthethweni i-Oceans Mall inxanxathela yezitolo edle ngamagama ezimpahla zokugqoka zomntakabani eziqalayo ukufika eThekwini, KwaZulu-Natali, okubhekwe ukuthi kulekelele ukuvuselela umnotho walesi sifundazwe.  

Ibhange iqhamuke nesinye isixazululo ekushodeni kukagesi. USLINDILE KHANYILE uyabika

INSELELO kagesi isivule amathuba emabhizinisini amancane namakhulu. Kuleli sonto elinye lamabhange amakhulu eNingizimu Afrika iFNB limemezele ukuthi selibolekise ngemali ecela kuR1 billion ngohlelo lwayo i-ecoEnergy home loan, eyalwethula ngo-2021 lwabantu abasuke bezofaka ingqalasizinda yokudonsa ugesi ongaphehlwa ngamalahle.

Ukukhula komnotho weNingizimu Afrika kusezandleni zosomabhizinisi abancane kodwa kufanele banyuse amasokisi. USLINDILE KHANYILE uyabika

NGENKATHI uNgqongqoshe wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uNkk uStella Ndabeni-Abrahams ethula inkulumo kwiProgressive Business Forum eNasrec, eGauteng, ngenyanga edlule wakhumbuza ababemlalele ukuthi umhlahlandlela wokuthuthukisa iNingizimu Afrika iNational Development Plan (iNDP) uthi phakathi kuka-60% no-80% wenani lomnotho uzoqhamuka emabhizinisini asafufusa.

Uhulumeni usuphumele obala ngokuthi iNingizimu Afrika ingabalwa namazwe okulula ukushushumbisa imali kuwona. INTATHELI YOMBELE iyabika.

UHULUMENI uphasise imithetho emibili ukulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zamaphekula i-General Laws (Anti-Money Laundering and Combating Terrorism Financing) Amendment Bill ne-Protection of Constitutional Democracy Against Terrorist and Related Activities Amendment Bill.

Banxusa uRamaphosa ukuthi abe nomgogodla kanti abanye bathi abanathemba elitheni ebuholini obusha. USLINDILE KHANYILE uyabika

INHLANGANO yosomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) ihalalisele ubuholi obusha benhlangano ephethe izwe i-ANC, yathi kuyancomeka kakhulu ukubona isibalo sabantu besifazane abakhethiwe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page