Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthi aziziningi izindawo umNyango wezeziMali ozokwazi ukunciphisa kuzona kwiSabelomali esizothulwa kusasa. Isithombe: Sithunyelwe

Kuzoba wumqansa ukunconzula iSabelomali – ongoti bomnotho 

WUSLINDILE KHANYILE 

CISHE isikweletu sikahulumeni sizonyuka kakhulu kunokulindelekile njengoba umNyango wezeziMali kuzodingeka ukuthi uzame ukuvala isikhala semali engaphezudlwana kukaR42 billion ebizongeniswa wukunyuka kwentela yezimpahla i-value-added tax (i-VAT), okungeke kusenzeka.  

Usho kanje usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi ngesikhathi ephawula ngokungahle kulindeleke kwiSabelomali sango-2025/26, esizokwethulwa okwesithathu kusasa. Uthe azizingi izindawo ungqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana angancozula kuzona. 

“Kuzoba nzima ngoba ezinye zezinto ezabelwa imali enkulu ngeke kubelula ukunciphisa kuzo njengoR23bn, uma ngikhumbula kahle, owabelwe ukunyusa imiholo yezisebenzi zikahulumeni. Kukhona nesinqumo senkantolo mayelana nesibonelelo esasethulwe ngesikhathi se-Covid-19.  

“Cishe indawo abanganciphisa kancane kuyona yikuloR11bn owabelwe ukukhuthaza izisebenzi zikahulumeni ukuthi zisheshe zithathe umhlalaphansi. Okunye esingahle sikubone wukuthi isikweletu sikahulumeni sizonyuka kakhulu kunobekulindelekile ngoba enye into nendlela umnotho obekulindeleke ukhule ngayo kubekubi kakhulu kusukela ngoFebhuwari kuze kubemanje,” kusho yena.  

Ngo-2025/26, isikweletu sezwe kulindeleke ukuthi sikhuphukele ku-76.1% womthamo womnotho, nokungaphezu kuka-75.3% owawuhlongoziwe ngesikhathi kwethulwa iSabelomali sango-20204/25. Umnyango uthe emva kwaloko sizoqala sehle.  

Izindleko zalesi sikweletu kubhekwe ukuthi zidle u-21.7% wemali uhulumeni azoyisebenzisa ngaphambi kokuqala zehle. Sisonke isikweletu sezwe kulindeleke ukuthi sikhuphuke sisuka kuR5.68trn ngo-2024/25 sifinyelele kuR6.79 trn ngo-2027/28. 

UGodongwana uzokwethula iSabelomali okwesithathu, okunethemba lokuthi sizophasiswa yiPhalamende njengoba ezimbili ngaphambi kwaloko zingaphumelelanga ngoba kwakubangwa isiphakamiso sokunyusa i-VAT.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/30/ugodongwana-akumkhathazi-ukuthula-isabelomali-kaningi/

NgoMashi umnyango wawuthe: “Ukunyuka kokuqala kwe-VAT ngo-0.5 percentage point kuzoqala ngomhlaka-1 wangoMeyi ngo-2025 kanti kuzongenisa uR28bn ngo-2025/26 bese okulandelayo kubengomhlaka-1 wango-Ephreli ngo-2026 besei loko kungenisa u-R14.5bn. 

“Imali okulindeleke ingene eminyakeni emithathu ezayo isinyuke ngoR137.8bn uma kuqhathaniswa nokwakubikezelwe kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali. Ukunyusa i-VAT kulindeleke ukuthi kubenesandla esikhulu kuloku ngo-2025/26 nango-2026/27. Kulindeleke nokuthi imiholo yezisebenzi iphucuke ngo-2025/26, okulindeleke ukuthi uma kuhlanganiswa nokungayinyusi intela ekhokhwa yizisebenzi nemali ecashunwa ezimpeshenini kuzosiza ukungenisa intela ethe xaxa kwekhokhwa ngabantu.” 

Ngonyaka odlule uhulumeni wahlinzeka ngoR11bn ukunciphisa athi uzosetshenziswa ukukhuthaza izisebenzi zikahulumeni ukuthi zisheshe zithathe umhlalaphansi, uhlelo athi uthemba ukuthi luzoheha abantu abawu-30 000. 

Usomnotho ozimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe abantu abebegxeka isiphakamiso sokunyusa i-VAT abakwazi ukukhala ngayo yonke into, wathi kufanele bakwamukele ukuthi kunezinto okuzoncishiswa kuzona.  

UDumisa uthi akuhleshulwe kwezemidlalo 

“Kukhona izinto esezizoshintshwa futhi kukhona izindawo esingahlephula kuzona, izindawo ezifana nezemidlalo, ubuciko namasiko ngoba yize sizidinga lezo zinto futhi sijabula uma sibona Amajita (iqembu lebhola lika-Under 20 elinqobe i-U20 Africa Cup of Nations) enza kahle kodwa akuzona izinto esesingathi sizobambezela iSabelomali ngazo,” kusho yena. 

Mayelana nokuthi kungenzeka kubolekwe imali yokubhekana nezinye izindleko, uDumisa uthe iyaziwa indaba yesikweletu ukuthi iphela kanjani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page