Sekukaningi kuthiwa amaposi azovalwa kodwa kuntwela ezansi njengoba uhulumeni uzowasiza ukulungisa isimo sawo. Isithombe: Sithunyelwe

Asazovulwa amaposi njengoba iSapo ithole uR150 million  

WUBONISWA MOHALE

KULOKOZA inhlansi yethemba ngokuhlenga iSA Post Office (iSapo) njengoba ithole usizo oluwuR150 million lomNyango weziMali.

Le mali kulindeleke ukuthi ilekelele abazama ukuhlenga iposi ukuqhubeka nomsebenzi wabo. Abahlengi bamabhizinisi, phecelezi  ama-business rescue practitioner, bafuna uR3.5 billion ukuze iSapo ikwazi ukuba yibhizinisi elingenisa imali.

NgoLwesibili umNyango wokuXhumana nobuChwepheshe utshele abezindaba ukuthi umNyango weziMali ukhiphe uR150m wokusiza iSapo ukuze ikwazi ukubhekana nezinkinga zayo zemali.

“Le mali ibalulekile ngoba iziqinisekisa ukuthi iSapo ifeza izidingo zayo zemali ezisheshayo. UmNyango wokuXhumana nobuChwepheshe uyaqhubeka nokubheka izinhlelo zokungenisa imali eSapo, okubalwa nokuxhumana nemboni ezimele. Uzoqhubeka nokubheka zonke izindlela ezizogcina iSapo isebenza kahle ngomuso,” kusho isitatimende somnyango.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSapo ikhale ngokungabinamali ngonyaka odlule, yadiliza izisebenzi ezingaphezu kweziwu-4 000, yavala amagatsha kusuka kwawu-1 023, yasala nawu-657 ezweni jikelele.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/10/20/kusinda-kwehlela-kumshwalense-wezempilo-waseposini-ngenxa-yezinkinga-zemali-zale-nkampani-uslindile-khanyile-uyabika/

Umkhulumeli weCongress of South African Trade Unions (iCosatu) ePhalamende uMnu uMatthew Parks uthe bayajabula ukuthi umnyango ufake imali esikhwameni seSapo ngoba ukuba ayiyitholanga, ibisengcupheni yokuvala.

“Kubongwa okuncane kubongwe okukhulu. Siyathemba ukuthi yisiqalo sosizo oluphelele oludingeka eSapo lolu olukhishwe wumNyango weziMali. Okuhle wukuthi sonke siyazi ukuthi abahlengi bayawenza umsebenzi futhi bakhombisile ukuthi uma benikwa abakucelayo bayawenza umehluko,” kusho yena.

Ubalule ukuthi amaposi abalulekile eNingizimu Afrika ngoba asondeza izinsiza kubantu, ikakhulu abahlala ezindaweni ezingamakhaya.

“Eminyakeni edlule iSapo iphazamisekile kwadilizwa izisebenzi, zangayithola imihlomulo ye-medical aid neminye. Sinethemba lokuthi okuncane okungenile kuzokwehlisa umthwalo emahlombe ezisebenzi. Kuzobuyisa nethemba lokuthi izinto zizolunga. Uhulumeni yiwona owenza uhlelo lokuhlenga iposi, ngakho kufanele ulinike usizo olucelwa ngabantu abaqokile ukuze lizongenisa imali,” kusho yena.

Wenze isibonelo sokuthi iposi lizokwazi ukungenisa imali uma uhulumeni ulunika lonke usizo oludingekayo njengoba seliqalile ukudiliva kahle izimpahla, ukuletha imithi eduze nabantu nosizo lokulondoloza imali ngePostbank.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page