Ngemva kokugoba uphondo ngokunyusa i-value-added tax, ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe uzobheka ezinye izindlela zokungenisa imali. Isithombe: Sithunyelwe

UGodongwana ugobe uphondo ehoxisa ukunyusa i-VAT

WUBONISWA MOHALE

UZOBHEKA ezinye izindlela zokungenisa imali ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana omemezele ukuthi ngeke isanyuka intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT) emva kokuxoxisana namanye amaqembu. 

Lezi zindaba zimenyezelwe wumNyango weziMali ngoLwesithathu ngabo-12 ekuseni namhlanje. 

UGodongwana uthe uzobuyela ePhalamende ayokwethula i-Rates and Monetary Amounts ne-Amendment of Revenue Bill ayosho ukuthi i-VAT izohlala ku-15%, ngeke isanyuka ngoMeyi.

Lesi sinqumo usithathe emva kokuxoxa kabanzi namanye amaqembu kodwa sizoholela ekutheni kushode uR75 billion esikhwameni sikahulumeni eminyakeni emithathu ezayo. 

Esitatimendeni uGodongwana uthe usebhalele usomlomo wePhalamende emazisa ukuthi ufuna ukuzohoxisa i-Appropriation Bill ne-Division of Revenue Bill ukuze akwazi ukuza nezindlela ezintsha zokuphesha lapho kuzoshoda khona le mali. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/12/intela-yezimpahla-eyamisa-isabelomali-igcine-inyukile/

Uthe iPhalamende kufanele libone ukuthi imali izoncipha kanjani ukuze ukunganyuki kwe-VAT kungeke kubenomphumela omubi kubantu baseNingizimu Afrika. 

UGodongwana uthi nezinhlelo akade esezimemezele zokuvikela abampofu nemindeni engaholi kakhulu zizohoxiswa ngoba sekufanele kubhekwe izindlela ezintsha zokungenisa imali. 

Uthe yonke imali eqoqwa yiSouth African Revenue Service izosetshenziselwa ukuvala isikhala esishiywe wukunganyuki kwe-VAT. Kulindeleke ukuthi alungise imithetho ethinta intela yezimpahla ekade izomsiza ukuyinyusa, i-Appropriation Bill ne-Division of Revenue Bill kungakapheli amasonto amabili ezayo. 

UGodongwana ubefuna ukunyusa i-VAT ngoba ebona ukuthi kufanele kungene imali esiza izidingongqangi esikhwameni sezwe. Uphethe ngokuthi uzozibheka zonke iziphakamiso zokungenisa imali azitholile.

Izinhlangano ezihlukene okubalwa ezisiza abantu abampofu zicele ukungaphawuli okwamanje zathi kungakuhle ukuzwa ukuthi uGodongwana uzohoxisa ziphi izibonelelo ebezizosiza abampofu nabahola kancane. 

Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe ukuhoxa kokunyuka kwe-VAT kusho ukuthi uGodongwana kufanele aqale phansi izinhlelo zakhe, azibuke kabusha, abheke ukuthi imali eshodayo esikhwameni sezwe uzoyithatha kuphi. 

Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule sithe uGodongwana kufanele asule emsebenzini ngoba uhlulekile wukuza namasu okukhulisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi.

“Ayikho imali ezoshoda ngoba vele imali ebizongena ubezoyithatha kithina ngokunyusa i-VAT. Ziningi kabi izindlela anikwe zona zokungenisa imali esikhwameni sikahulumeni njengoba amaqembu ahlukene enze izethulo ePhalamende esho ukuthi imali afuna ukuyingenisa ngokunyusa intela ingavela kuphi kodwa waziziba lezo zethulo,” kusho yena.

Uthe zikhona iziphakamiso azithumela emnyangweni kaGodongwana ngenhlangano ayisebenzelayo ngesikhathi kuvulwe ithuba lokuthumela izethulo kodwa nazo zazitshwa.

“Awukho uR75bn ozoshoda empeleni wuR69bn obuzongeniswa yintela le abefuna ikhokhwe yithina. Uma ususa uR2bn wemali yezimpahla ezikhokha i-VAT wuR69bn ongeke ubekhona emalini ewuR393bn kahulumeni,” kusho uGqubule.

Ubalule ukuthi uGodongwana akazange afune ukunyusa intela yezigwili, eyezinkampani nokwenza ezinye obekuphakanyiswe ngabantu kodwa wafuna ukunyusa intela ezozwela kakhulu kwabahlwempu.

Uthe ngonyaka odlule iBhange loMbuso lanika uhulumeni uR150bn lasala noR300bn esikhwameni esilekelela uma kunesidingo kuhulumeni. Njengoba igolide libiza kahle ezimakethe zomhlaba le mali iyakhula.

Uphethe ngokuthi kunemali eningi ezikhwameni ezihlukene zikahulumeni okubalwa ukheshi owuR200bn esikhwameni sikahulumeni, igwaxaza kaR150bn yomshwalense osiza abantu abaphelelwe wumsebenzi, wuR15bn wamaSector Education and Training Authority, uR645bn wesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni namanye ama-billion akwi-skills fund. 

I-South African Chamber of Commerce and Industry (iSACCI) ithe iyakuthasela ukuhoxa kokunyuka kwe-VAT kodwa ifuna ukwazi ukuthi uhulumeni uzobhekana kanjani nezinkinga zokukhokhela isikweletu nezinye ezenza ulahlekelwe yimali okufanele isize abantu baseNingizimu Afrika.

Isikhulu esiphezulu seSACCI uMnu u-Alan Mukoki sithe bebengahambisani nokunyusa i-VAT ngoba ibizokwenza impilo ibize, iphazamise ukukhula komnotho yehlise nethemba losomabhizinisi.

Siphethe ngokuthi bafuna ukuzwa izixazululo ngokushesha nokuthi uGodongwana nezisebenzi zomnyango zibheke iziphakamiso ezenziwa yizo zonke izinhlaka ezweni.

Mayelana necala lentela elifakwe yiDA ne-EFF enkantolo akucaci ukuthi lisazoqhubeka njengoba umholi oqavile kwiDA uNkk uHelen Zille eveze ukuthi abameli bakaGodongwana bacele umhlangano nabameli babo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page