Umnyakazo wokuVula iNdlela uyaqhubeka – uRamaphosa
WUBONISWA MOHALE
NGABE zizovuleka ngempela yini izindlela zokusimamisa umnotho? Lona wumbuzo osezindebeni zabantu baseNingizimu Afrika emva kokuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa ethule isigaba sesibili sohlelo lokhulisa umnotho nokusimamisa izwe i-Operation Vulindlela II.
Isigaba sesibili seVulindlela sithulwe izolo wumengameli waseNingizimu Afrika. Uthe sizoqhubeka nomsebenzi obusuqaliwe esigabeni sokuqala kodwa sizoqinisekisa ukuthi silungisa indlela abantu akade behlala ngayo njengoba abanye bebekwe kude nezindawo zomsebenzi.
Okwesibili lesi sigaba sizoqinisekisa ukuthi kulungiswa ubuchwepheshe ukuze abantu bakuleli zwe bakwazi ukufaka izicelo zamalayisensi, ezomazisi nezinye izidingo ezibalulekile besebenzisa amakhompyutha noma izinkundla ezi-online futhi siqinisekise ukuthi omasipala basebenza kahle futhi bahambisa izidingo kwizakhamuzi.
Loku kusho ukuthi izinkinga zamanzi nezokuphela kukagesi nokuqasha izikhulu ezingenaziqu ezifanele sekuzozwakala ngendaba.
URamaphosa uthe esigabeni sokuqala bakwazile ukulungisa inkinga yezokuthutha njengoba amachweba esesebenza kahle futhi sekuzoba nezinkampani ezizimele ezizobanamaguzu ahambisa izimpahla emachwebeni.
“Akusikona ukuthi uhulumeni ngeke usaba nezinkampani zawo kodwa usazoqhubeka nokulawula iTransnet nemizila yezitimela, umehluko wukuthi uzosebenzisana nosomabhizinisi abanemali yokuletha amaguzu futhi bazoqinisekisa ukuthi izimpahla zifika ngesikhathi emachwebeni. Bazokwazi nokusiza ukuthi kulungiswe ingqalasizinda,” kusho yena.
Uthe ukhona umehluko obonakalayo osuwenziwe yisigaba sokuqala se-Operation Vulindlela njengoba ugesi ungasacimi njalo futhi uma kwenzekile wacima, awusacimi isikhathi eside noma ngokwezigaba eziphezulu.
Umengameli uthe okumkhathazayo uthe wukuthi umnotho awukhuli ngendlela efanele nokuyinto abazoyilungisa njengoba bezofaka uR1 trillion wokulungiseni ingqalasizinda.
Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe isigaba sokuqala sikwazile ukwehlisa ukubiza kwe-data, saqinisekisa ukuthi ugesi ukhona ezweni ukuze izimboni zisebenze kahle kanti iyalungiswa nendaba yamanzi.
Wenze isibonelo sokuthi kudala izinkampani ezifuna ukusebenzisa amanzi bezilinda izinsuku eziwu-300 kodwa manje sezilinda izinsuku eziwu-90 ukuthola imvume yokuwasebenzisa.
Okunye okwenzekile wukuthi kutshalwe uR400 billion ezinhlelweni zokukhiqiza ugesi, okukhona nohlanzekile kuwo.
Lezi zinhlelo zenzeka kakhulu enyakatho yeKapa lapho kugcwele khona izinhlelo zikagesi ongayilimazi imvelo.
“Esigabeni sesibili sizokwandisa izinkampani ezincintisanayo ukudayisa ugesi ukuze ungabizi. I-Eskom izohlelwa kahle ukuze ikwazi ukuqhuba umsebenzi wokuphaka ugesi. Sizobanenkampani ezimele ezoqinisekisa ukuthi amanzi ahanjiswa ngendlela efanele kubantu. Omasipala sizobaqapha ngeso lokhozi futhi nemali yesibonelelo esibanika yona sizoyifakela izibuko ukuthi yenza okufanele yini,” kusho uGodongwana.
Uthembise ukuthi iSabelomali esisha sizoqhuba ukukhulisa umnotho, ukudala imisebenzi nokuyinto ezokwenzeka njengoba kuzolungiswa futhi kuthuthukiswe ingqalasizinda.
Usomnotho ozimele nengqapheli uSolwazi uBonke Dumisa uthe uyibonile inkulumo kaRamaphosa nge-Operation Vulindlela kodwa akakholwa wukuthi akushoyo kuzokwenzeka.
Ubalule ukuthi lolu hlelo lwethulwa wungqongqoshe ongasekho woMnyango weziMali uMnu uTito Mboweni ngo-2018 kanti emva kokuthi ashiya kulo mnyango akekho owenza isiqiniseko sokuthi izimiso ayezibekile ziyaqhubeka.
“Ngisaxakekile ukuthi usuthula kanjani isigaba sesibili ungazange wenze kahle esigabeni sokuqala. Abazange bathathe izinyathelo ezifanele ukukhulisa umnotho nokulungisa konke ababezibekele kona esigabeni sokuqala. Ukube bebekwenzile ababezibekele kona esigabeni sokuqala ngabe umnotho awukho kulesi simo okusona futhi nezinkampani zikahulumeni ngabe zisebenza kahle. Ngiyilalelile inkulumo kamengameli kodwa ibonakala sengathi naye uyazikhankasela njengoba kuza ukhetho lohulumeni bendawo,” kusho yena.
Inhlangano yosomabhizinisi iBusiness Unity South Africa ithe ngeke iphawula ngesigaba sesibili okwamanje.
Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions (iSaftu) uthe awuhambisani ne-Operation Vulindlela ngoba ithatha izinkampani zikahulumeni izinike imboni ezimele.
Umkhulumeli weSaftu uMnu uNewton Masuku uthe: “Sifuna uhulumeni uyeke ukunika imboni ezimele izinkampani zawo. Uma iqhubeka le Vulindlela kusho ukuthi ugesi, amachweba, amanzi nezinye izidingo zomasipala zizophathwa ngabantu abafuna ukwenza inzuzo.
“Sifuna ukwazi ukuthi wobani abakhiqiza ugesi ngokuzimela futhi kuqashwe abantu ngokweziqu abanazo, hhayi ngoba bazana nosibanibani. Kufanele imali yesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni isetshenziselwe ukudala imisebenzi, hhayi ukuhlomulisa uhulumeni ongenzi nzuzo.”