Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ugcine esethulile iSabelomali sakhe esinyusa intela yezimpahla. Isithombe: Sithunyelwe

Intela yezimpahla eyamisa iSabelomali igcine inyukile 

WUSLINDILE KHANYILE 

Ebika eCape Town 

IZINHLANGANO zepolitiki zigobe uphondo njengoba umNyango weziMali uqhubekile nokuthula isiphakamiso sokunyusa intela ebanjwa ezimpahleni i-value added tax (i-VAT) ngesikhathi wethula iSabelomali sango-2025/26 namhlanje.

Lo mnyango uthe i-VAT izonyuswa ngo-0.5 percentage points iminyaka emibili ilandelana, okusho ukuthi kuzoshaya unyaka wezimali wango-2026/27 isiwu-16%. 

Ukuphikisana nokunyusa i-VAT kwabayimbangela enkulu yokuhlehlisa ukuthula iSabelomali ngenyanga edlule njengoba izinhlangano zepolitiki ezibumbe uHuulumeni woBumbano zashaya phansi ngonyawo zathi ngeke zivume le ntela ekhokhwa yiwo wonke umuntu inyuke ngo-2 percentage points, owawuphakanyiswa ngaleso sikhathi.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/19/asethulwanga-isabelomali-ebesibhekwe-ngabomvu/

“Ukunyuka kokuqala kwe-VAT ngo-0.5 percentage points kuzoqala ngomhlaka-1 wango Meyi kanti kuzongenisa uR28 billion ngo-2025/26 bese kuthi okulandelayo kubengomhlaka-1 wango-Ephreli wango-2026, kanti kona kuzongenisa uR14.5bn,” kusho umNyango weziMali.  

UNgqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe into ebalulekile namhlanje wukusethula iSabelomali nokuzolandelwa yinkulumompikiswano nokubonisana. 

“Siloku singene emhlanganweni weKhabhinethi ngo-8h30 ekuseni. Bekunzima futhi bekuseyiyo leyo ndaba (ye-VAT) kodwa okubalulekile wukuthi ngiyasethula iSabelomali namhlanje. Kubeneziphakamiso ezimbalwa futhi sibuyele kwiKhabinethi, siyafunda ukusebenza kuHulumeni woBumbano. 

“Akekho ungqongqoshe wezezimali othanda ukunyusa intela. Sibheke izinto ezimbalwa okubalwa kuzona nokunyusa intela ekhokhwa yizinkampani nebanjwa emiholweni. Loku kunganenisa imali encane kanti kunengozi yokuphazamisa imali ukutshala imali, ukwakhiwa kwemisebenzi nokukhula komnotho,” kusho uGodongwana. 

Uthe uyazi ukuthi abantu bazobagxeka nanamhlanje futhi babathuke ngisho nokutshala nabavumelana nabo kodwa bazogxila kwinkulumompikiswano ngokuqhubeka kwesikhathi. 

Ngesikhathi umGcinimafa ephakamisa ukunyusa i-VAT ngo-2 percentage points wayethi uzongenisa uR58bn kodwa manje imali esizongena eminyakeni emibili ezayo wuR42.5bn. Ukubhekana naloku, ezinye zezinto lo mnyango ozenzile wukunciphisa imali obuphakamise ukuthi uzokhuphula ngayo ezinye zezibonelelo, ikakhulu esezingane nemali yokugada ingozi njengoba izoba wuR5.0bn ngo-2025/26.  

 Iphini lomqondisi-jikelele eHhovisi leSabelomali uMnu u-Edgar Sishi lithe: “Kudingeke ukuthi kubekhona ezinye izinqumo esizenzayo njengokuthi imali esiyihlinzekele ukubheka izimo eziphuthumayo nezingahlelelwe isizoba ngaphansi kwebesikufisa, yize sizokwazi ukuyinyusela kuR11bn ngo-2027/28. Kukhona izinto ezithintekayo ngenxa yaloku, okungaba yindlela esilungiselela ngayo izinhlekelele, ukubheka ukuphunyukwa yimali eqhamuka kwamanye amazwe.” 

UmNyango uphinde owawukushilo ngenyanga edlule njengoba uthe uzolekelela abantu ngezindlela ezihlukene ukuze bakwazi ukumelana nokunyuka kwe-VAT

Phakathi kwalezi ziphakamiso kukhona ukungawanyusi amanani emali ebuyela abantu abanomshwalense wempilo, ukunyusa intela ebanjwa uma kudayiswa utshwala nogwayi ngokungaphezu kwaloko amanani ayikho nokungayinyusi intela ebanjwa kuphethroli. 

Uhulumeni uphakamise nokwandisa uhla lwezimpahla ezingezukukhokhiswa i-VAT nokunyusa izibonelelo zikahulumeni ngaphezu kwaloku amanani ayiko njengoba eminyakeni emithathu ezayo zizonyuka ngoR8.2bn. 

Eminye imibono eqhamukile kwezinye izinhlangano zepolitiki nezingenzi nzuzo ngesikhathi kunenkulumompikiswano ngokunyusa i-VAT wukuthi kunezindlela eziningi uhulumeni ongonga ngayo imali kunokukhuphula i-VAT.  

Umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe bayakuseka ukubheka  ezinye izindlela zokonga imali kanti kusukela ngo-2013 sebeyibuyekeze izikhawu eziwu-200 indlela imali esetshenziswa ngayo kodwa ukwenza isinqumo kahle ngokuthi ingakanani imali eyongiwayo yinto ezothatha isikhathi.  

“Sibheke izinto ezifana nezimoto emaphoyiseni, imali ekhokhelwa abantu ngokusebenza isikhathi esengeziwe. Kukhona lapho kungongiwa khona kodwa kunzima ukusho yimali engakanani engongiwa. Wumsebenzi odinga iminyango nabayiphethe. 

“Sizokwenza isethulo kwiKhabhinethi kodwa akukacaci ukuthi yimalini ezokongiwa kanye noma unomphelo kodwa futhi ukuthi yinto eshesha kangakanani ngenye into emqoka, ngakho asikwazi ukwaba imali sibheke ukuthi sizokonga ekubeni singazi ukuthi yimalini ezokongiwa,” kusho yena.  

Mayelana nokulekelela ukuvala isikhala semali engasekho ngenxa yokuhoxa kosizo lwaseMelika, okuphazamisa izinhlelo ezifana nokulwa nokubhebhetheka kwegciwane lesandulelangculazi, uSishi uthe umNyango wezeMpilo usebenzisana nePwC ukuqonda kahle okwenzakalayo ngaphambi kokuthi uhulumeni unqume ukuthi uzongenelela kanjani.  

Isiyonke imali ezongeniswa wuhulumeni ekupheleni konyaka wezimali u-2024/25 wuR1.85 trillion kanti ingaphansi ngoR16.7bn konobekulindelekile. 

“Imali okulindeleke ingene eminyakeni emithathu ezayo isinyuke ngoR137.8bn uma kuqhathaniswa nokwakubikezelwe kwiSabelomali saphakathi nonyaka wezimali. 

“Ukunyusa i-VAT kulindeleke ukuthi kubenesandla esikhulu kuloku ngo-2025/26 nango-2026/27. Kulindeleke nokuthi imiholo yezisebenzi iphucuke ngo-2025/26, okulindeleke ukuthi uma kuhlanganiswa nokungayinyusi intela ekhokhwa yizisebenzi nemali ecashunwa ezimpeshenini kuzosiza ukungenisa intela ethe xaxa kwekhokhwa ngabantu,” kusho umnyango.  

Lo mnyango uthe ubheke ukuthi intela ozoyiqoqa ngo-2025/26 inyuke ngo-8.7%, kuthi ngo-2026/27 ikhuphuke ngo-7.8% bese kuthi ngo-2027/28 inyuke ngo-6.5%, nokusho ukuthi imali izonyuka isuka kuR1.85trn ngo-2024/25, ifinyelele ku-R2.31trn ngo-2027/28. 

Isiyonke imali ezosetshenziswa wuhulumeni ngo-2025/26 iwuR2.59trn. U-Pieterse uthe akulula ukusho ukuthi kuwudle malini uhulumeni ukuhlehlisa ukuthula iSabelomali ngoba izindleko zikhokhelwa yiminyango ehlukene. Nokho uthe bazamile ukuzinciphisa izindleko eziqondene nabo bewumNyango weziMali.  

Lo mnyango umemezele nokuthi uzobuyekeza indlela ohlanganisa ngayo iSabelomali ukuqikelela ukuthi ubheka zonke izimo ezingase ziqhamuke. 

Nokho uGodongwana uthe ngisho bewenza lo msebenzi, kusazobanzima ukuqhamuka nesisombululo sokuthi bazokwenza kanjani uma kunesiphakamiso sokunyusa intela ngoba yinto leyo ngisho kusabusa uhulumeni we-ANC ababengayikhulumeli eziko ngoba iwudaba olubucayi.   

Yabiwe kanje imali ngo-2025/26: 

UMSEBENZIIMALI 
Ezemfundo zizonkeUR508.7 billion
Izindleko zezikweletuU-R424.9bn
EzenhlakahleU-R422.3bn
EzeMpiloU-R298.9bn
Ukuthuthukisa umnothoU-R289.8bn
Ukuthuthukisa umphakathiU-R286.6bn
Ukuthula nezokuphephaU-R266.1bn
Imisebenzi yomphakathi jikeleleU-R78.7bn
  • Olunye ulwazi lutholakale emNyangweni weziMali

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page