Usizo lwemali yokuguquguquka kwesimo sezulu ibeluseqhulwini kwiG20
WUBONISWA MOHALE
YIZE amazwe akade ehlangene ezingxoxweni zeG20 kuleli sonto eNtshonalanga Kapa engavumelananga ezintweni ezithile kodwa azibophezele ukusebenzisana ukufukula umnotho nokulungisa izinkinga ezifanayo emhlabeni jikelele.
Izolo ungqongqoshe woMnyango weziMali eNingizimu Afrika uMnu u-Enoch Godongwana nomphathi weBhange loMbuso iSouth African Reserve Bank (iSarb) uMnu uLesetja Kganyago batshele izintatheli ukuthi amazwe ebengavumelani ngezindaba ezithinta ukulekela amazwe asathuthuka ngokomnotho ngemali yokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu
Kuvele ukuthi lolu daba nezinye yizona ezenze ukuthi kungaphumi umlayezo owodwa omele wonke amazwe akade esemhlanganweni.
UGodongwana uthe amazwe ayayiseka indikimba yaseNingizimu Afrika ethi
“Solidarity, Equality and Sustainability”, okusho ukuma ndawonye, ukulingana nekusasa, kanti kuxoxiwe ngodaba lokusebenzisana kwamazwe ukufukula umnotho nokulungisa izinkinga ezifanayo.
“Akukona okokuqala ukuthi kungakhishwa isitatimende esimele wonke amazwe. Kwake kwenzeka nangesikhathi amanye amazwe ewosihlalo beG20. Loku akufanele kubhekwe kabi ngoba amazwe azibophezele ukuthi azosebenzisana ukufukula umnotho emhlabeni jikelele nokulungisa ezinye izingqinamba,” kusho yena.
Kuxoxwe ngamasu okusimamisa umnotho yize kubukeka sengathi awukhuli kahle kodwa amanye amazwe akhombise ukumelana nezingqinamba ezikhona. Kukhona akhathazekile ngokuqubuka kwezimpi, ukungaboni ngaso linye kwamanye amazwe, imithetho evimba amanye amazwe ukuhwebelana namanye, izinkinga zokuguquguquka kwesimo sezulu, ukunyuka kwezikweletu zamazwe nenzalo enkulu akhokhiswa yona nokunye.
UKganyago uthi iG20 wumhlangano wamazwe okudingidwa khona izindaba ezithinta umnotho, ipolitiki nokunye kodwa ekugcineni izinqumo zithathwa yizinhlangano namazwe ngawodwa.
“I-G20 akuyona indawo yokunquma ngosizo lwemali olunikwa amazwe asathuthuka ngokomnotho kodwa yindawo yokuchaza okwenzeka emhlabeni jikelele phakathi kwamazwe athuthuka ngokomnotho nanomnotho omkhulu. Izingxoxo zihambe kahle kodwa kunezingqinamba ezindaweni ezithize. Sikhulumile ngezindlela zokusiza amazwe ngezimali, ukusebenzisana phakathi kwemboni ezimele nohulumeni nokunye okuningi,” kusho yena.
Uthe badonse ngendlebe i-International Monetary Fund (i-IMF) neWorld Bank ukuthi baqinisekise ukuthi uma bebolekisa ngemali banika amazwe usizo olungeke lwenze amazwe ahlale esikweletini isikhathi eside.
Kuvele nokuthi amazwe ampofu kwi-IMF awamelelekile kahle kanti loku kufanele kulungiswe njengoba kusondela uJuni wango-2025.
Amazwe akade esezingxoxweni afuna kubenomshwalense ozobheka izinhlekelele zemvelo ezihambisana nokuguquguquka kwesimo sezulu.
Kuvele nokuthi kunesidingo sokuthuthukisa ingqalasizinda, okuzohambisana nosizo lwemali olungeke lugqilaze amazwe.
Kuxoxwe ngodaba lwezempilo nezinkinga zokuthi amazwe awakwazi ukubhekana nokubheduka kwezifo ezibheduka ngokuzuma.
UGodongwana uthe njengoba iNingizimu Afrika yengamele iG20 kulo nyaka, izoqinisekisa ukuthi luyabhekisiswa udaba lokuqubuka kwezifo futhi kufanele kubenesikhwama sokubheduka kwezifo.
Imihlangano iyaqhubeka, kwazise iG20 iseNingizimu Afrika unyaka wonke.