KunoR11 billion wokunciphisa isibalo sezisebenzi zikahulumeni
WUSLINDILE KHANYILE, ebika esePitoli
UHULUMENI uhlinzeke uR11 billion ukuze izisebenzi cishe eziwu-30 000 zisheshe zithathe umhlalaphansi ngenhloso yokwehlisa izindleko zemiholo.
Loku kuvele kwisabelomali esishicilelwa phakathi nonyaka wezimali, i-Medium-Term Budget Policy Statement (iMTBPS) sango-2024, esethulwe namhlanje ePitoli kanti loku kuzokwenzeka eminyakeni wezimali emibili ezayo.
UmGcinimafa uthe imali iNingizimu Afrika eyiholela izisebenzi zikahulumeni ingaphezulu kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe, njengoba ngo-2022 ibiwu-13.6% womthamo womnotho wezwe ekubeni emazweni angaphansi kwe-Organisation for Economic Co-operation and Development(i-OECD) imi cishe ku-10.1%.
“Bawu-30 000 abantu esibheke ukuthi bazothinteka kanti sizokonga uR7bn unyaka ngamunye. Laba bantu esibheke ukuthi basheshe bathathe umhlalaphansi ngabantu abahola kakhulu kanti u-70% wabo sizovala izikhala zabo ngabantu abasebancane abazobe bengaholi ezingeni lalabo abathathe umhlalaphansi, loko silindele ukuthi kusongele uR5bn. Omunye uR2bn sizowonga ngokuthi u-30% wezikhala ngeke zivalwe,” kusho umGcinimafa.
UNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe: “Asizenzi ezinto ezifana nokuthi abantu abasheshe bathathe umhlalaphansi ngoba kuphela senzela ukunciphisa isibalo sezisebenzi kodwa senzela nokuthi kungene nezisebenzi ezincane kuhulumeni.”
Ngokwezibalo zeStatistics South Africa, isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika simi ku-33.5% kanti iningi labo yintsha.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/06/29/isacikizela-imisebenzi-eningizimu-afrika-nokho-kungconywana-kweyitoho-intatheli-yombele-iyabika/
Ngo-2024/25 uhulumeni uzosebenzisa uR761.4bn ukuholela izisebenzi kanti le mali kulindeleke ukuthi ikhule ifinyelele kuR868bn ngo-2027/28.
Umnyango uthe uma kuqhathaniswa eminyakeni ewu-30 edlule, imali ebiholelwa izisebenzi zikahulumeni ibiwu-5.6% womnotho ngo-1994/95 kanti ngo-2023/24, ibiwu-10.4% womnotho.
“Loku kudalwe kakhulu wukukhula mawala kwemiholo yezisebenzi zikahulumeni eminyakeni ewu-30 edlule. Isibalo sabantu abalekelelwa yisebenzi esisodwa sikahulumeni sikhuphukile sisuka kwabangu-32, saya kwabawu-48 phakathi kwango-1994/95 nango-2023/24.
“Njengoba kwandile ukudingeka kwezidingo ezifana nezempilo, ezemfundo, ezenhlakahle nezokuphepha kufaka ingcindezi esibalweni sezisebenzi zikahulumeni ezivele zishoda. Ngenxa yaloku, eminyakeni ewu-30 edlule kuqhanyukwe namaqhinga okuheha nokugcina izisebenzi zikahulumeni, okukhona kukona imiholo ephezulu kakhulu, imihlomulo nezinye izibonelelo. Nokho-ke ngokuqhubeka kwesikhathi, lezi zindleko seziyabiza kakhulu nokunqinda amandla kahulumeni okwandisa isibalo sezisebenzi zawo,” kusho umGcinimafa.
Umnyango uthe enye into enyuse izindleko zemiholo yezisebenzi zikahulumeni yizibonelelo ezethulwa ngo-2007, ama-occupation specific dispensation (i-OSD), ngenhloso yokuheha abantu abanamakhono aphezulu futhi ukuze uhulumeni ukwazi ukuncintisana nemboni ezimele namanye amazwe njengoba izisebenzi zazishiya uhulumeni.
Ngokwezibalo zomGcinimafa, ngo-2009/10, zaziwu-60.1% izisebenzi zikahulumeni ezazithola isibonelelo se-OSD kanti ngo-2023/24, lesi sibalo bese sinyukele ku-65.6%, kwathi imali yona yasuka cishe kuR200 000 yaya kuR500 000 ngonyaka.
Eminye imihlomulo etholwa yizisebenzi zikahulumeni efana nezibonelelo zokuthenga imizi, imifaniswano, eyobungozi neyokusebenza ezindaweni ezisemakhaya.
Okunye okunyuse imiholo yezisebenzi zikahulumeni yimali yokubonga izisebenzi eyethulwa ngo-2021/22 kanti kwakufanele ikhokhwe kanye. Le mali yayiphakathi kukaR1 220 noR1 695 isisebenzi ngasinye njalo ngenyanga.
Le mali yokubonga izisebenzi yasho ukuthi isisebenzi sikahulumeni esihola kancane sinyuselwe imali ngo-18%, kwathi esihola kakhulu sanyuselwa ngo-5.5%.
Ngo-2023/24, le mali ifakwe unomphela emiholweni yezisebenzi, okusho ukuthi izisebenzi ezihola kancane zinyukelwe yimiholo kakhulu kunokujwayelekile.
UmGcinimafa uthe kusukela ngo-2022 uphoqeleke ukwandisa imali ukubheka ingcindezi edalwa yimiholo ephezu,lu ikakhulukazi kwezemfundo nezempilo nezokuvikela.
“Imali ethe xaxa ngoR65.8 bn nangoR87.8bn yabelwa ezemfundo, ezempilo nezokuvikela phakathi nonyaka ngo-2022 nango-2023 ukubheka ingcindezi yemiholo. Ngo-2024, kuhlinzekwe uR145.5bn ukubheka ukunyuka kwemiholo nengcindezi yemiholo,” kusho umGcinimafa.
Umnyango ugcizelele ukuthi lolu wudaba olubucayi futhi okuzodingeka ukuthi uhulumeni ucophelele ngalo ngoba kusemqoka nokuthi uqhubeke uhehe abantu abanamakhono futhi ugcine izisebenzi kodwa futhi kufanele uhambisane nokwenzeka emnothweni wezwe.
Umqondisi-jikelele uDkt uDuncan Pieterse uthe lolu wuhlelo izisebenzi zikahulumeni okuzofanele zivolontiye ngalo, zifake izicelo ezizobuyekezwa ngaphambi kokuthi kukhishwe isinqumo.